Amaholo ezisebenzi zikaHulumeni ayisilonda ekwabeni izimali



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Yonke iminyaka ongqongqoshe bezimali bamazwe ngamazwe bachitha isikhathi esiningi baba imali ezinhlakeni ezahlukene zikaHulumeni. Lokhu kwenzeka emazweni athuthukile kwezomnotho nakulawo asathuthuka. Lona umsebenzi ophoqayo ukuthi wenziwe ngoba ingxenye youkuthuthuka kwamazwe isekutheni, uHulumeni uyaba kanjani imali ezweni. Akwenzeki, noma yikuphi ukuthi bonke abantu ezweni bavumelane ngazwi linye ukuthi izimali zabiwe kanjani. Lokhu kwenziwa ikuthi ezweni kunezinhlangano ezahlukene, nezinemibono eyahlukena ukuthi imali yabelwe bani, futhi kangakanani. Into ehlezi iyinkinga kuwo wonke amazwe yimali eyabelwa amaholo ezisebenzi eziphansi kukaHulumeni. Kuwo wonke amazwe asathuthuka kwezomnotho, isabelo esikhuli sezimali siya ekukhokhelweni kwamaholo ezisebenzi zikaHulumeni. Ongoti bezabelo zezimali e-Afrika balinganisa ukuthi amazwe aleli lizwekazi asebenzisa amaphesenti angaphezu kwangama-60 esabelo sezimali ukukhokhela amaholo ezisebenzi zikaHulumeni.
Lokhu kuyinkinga enkulu ngoba kusho ukuthi uHulumeni usalelwe amaphesenti angama-40 ukwenza eminye imisebenzi efaka phakathi ukuthuthukisa imiphakathi nokwakha izinsiza ezifaka phakathi imigwaqo. Uma zonke lezi zinto seziqoqelwe ndawonye, isala isingekho imali yokukhulisa umnotho. Inkuluma kaNgqongqoshe uTito Titus Mboweni ekwabeni kwakhe izimali eNingizimu Afrika ngomhla wezi-25 kuNhlolanja 2020, Ithe uHulumeni uzozama ukuyehlisa imali eya emaholweni ezisebenzi zikaHulumeni ngezigidigidi ezili-R160. Le nkulumo kaMboweni isuka ekutheni imali echithwa wuHulumeni waseNingizimu Afrika emaholweni ezisebenzi zakhe ihlezi ikhula yonke iminyaka. Bheka nje ngo-2005 uHulumeni usebenzise izigidigidi ezili-R154 kanti ngowezi-2019 usebenzise izigidigidi ezingama-R675. Lokhu kusho ukuthi esikhathini seminyaka eyishumi nane, Umbuzo ophusile ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uHulumeni abe nezisebenzi ezimphoqa ukuthi achithe imali enkulu kakhulu emaholweni azo? Lo mbuzo ube semiqondweni yongoti abaningi kakhulu ngowe-1970 nowe-1980 e-Afrika.
Ngalokhu, le nkinga abhekene nayo uMnu uMboweni eNingizimu Afrika yayivele isikhona kwamanye amazwe ase-Afrika eminyakeni engama-50 edlule. Ongoti bezomnotho be-International Monetary Fund (IMF), ingane yeBretton Woods, baqophisana bathi le nkinga ivezwe ukuthi oHulumeni base-Afrika bakhohlakele. Bathi ubufakazi balokhu kukhohlakala ukuthi kuqashwa abantu ngoba beyizihlobo zalowo noma labo abaphethe, noma singekho isidingo sabo. Uma silandela lokhu kuqophisana, abantu abaningi abakhokhelwa ngohulumeni e-Afrika abanawo noma abenzi umsebenzi olusizo ekuthuthukeni kwamazwe. Inkinga iba yinkulu, kusho ongoti, ngoba iningi labantu abaqashwa ngenkohlakalo abanawo namakhono adingwa yimisebenzi abafakwe kuyo.
Labo ngoti bagcina ngokuthi impumelelo yohulumeni base-Afrika isekwehlisiweni kwenani lezisebenzi ezihola kuHulumeni. Kungaba ukuqamba amanga uma kungathiwa leli phuzu yilona kuphela elichaza le nkinga ekhungethe iNingizimu Afrika namanye amazwe ase-Afrika. Uma kukhulunywa noma kuchazwa ngenani lezi sebenzi zikaHulumeni e-Afrika, kungaba yiphutha uma kungakhulunywanga ngepolitiki nomlando wamazwe ase-Afrika. ENingizimu Afrika nakwamanye amazwe aleli lizwekazi, uHulumeni ubhekene nezinqinamba ezavela ngombuso wobukoloni.
Enye yezinkinga ukuntuleka kwamathuba emisebenzi. UHulumeni waphoqeka ukuba umqashi ukugcwalisa igebe elabe livele ngesikhathi sombuso wabamhlophe. Akukho nzima ukubeka izizathu zokuthi lokhu kwenzeka kanjani nokuthi kuvelaphi. Okusezithebeni njengamanje yisisombululo. Lesi kumele kube yisisombululo esingeke siphindisele aboHlanga ezinkingeni zayizolo. Okubukeka kubalulekile ukuthi uMboweni anike isizwe umklamo wokuthi le nkinga enkulu kangaka, enamandla okucwilisa lonke izwe, izoxazululwa kanjani. Yilo mklamo ozohlusa amaphupho nokwenza.