U-Omar al-Bashir angahle akhashelwe ngabakwabo



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Isiqumo sokuba aboshwe athunyelwe ngaphandle kwemigcele yezwekazi i-Afrika sadala ukukhuluma eNingizimu Afrika. Kwaze kwagcina ngisho ezinkantolo lapho uHulumeni wakuleli achithwa yinkantolo. Udaba lwabe luthinta loyo owayenguMengameli waseSudan u-Omar Hassan Ahmad al-Bashir (osesithombeni) nowaqala ukuhola leliya lizwe kusuka ngonyaka we-1989. Elakuleli nelabe libize umhlangano wamazwe nabaholi base-Afrika langena ehlazweni ngesikhathi kukhona abafaka isicelo sokuthi lomholi akaboshwe (ngamacala okubulala iningi labantu) ngelakuleli adluliselwe eNkantolo Yomhlaba Yamacala Obugebengu i-International Criminal Court ( ICC).
Abe-ICC base bevele bekhiphe izincwadi ezimbili zokuthi aboshwe. Ngalesi sikhathi uHulumeni wakuleli lokho wakubona njengesenzo ezingalungile nesibukela phansi ukuzimela kwezwe. Sekungumlando ukuthi elakuleli lamyeka waphuma uBashir nokuthi kwaba nezidubedube ezweni lakhe nokwaholela ekutheni aboshwe ngezinsolo zenkohlakalo. Muva nje kunezinkulumo zokuthi uHulumeni waseSudan unezinhloso zokuthi wedlulisele uBashir ku-ICC. Imibiko ithi abe-ICC sebe bonakele eNhlokodlobha Khartoum eSudan njengengxenye yamalungiselelo okunikezelwa kowaye ngumengameli.
Uma kuwukuthi uMkhandlu ophethe izwe i-Sudanese Sovereignty Council uyasebenzisana ne-ICC kuyosho ikhasi elisha ngoba ngaphandle kokuthi uBashir uyobe ukhashelwe ngabakwabo, abazwe aseAfrika kubalwa neNingizimu Afrika ayethi i-ICC ayiqhele kuBashir nokuthi ichemile angahle angene ehlazweni. NjengaseLibya, iSudan inowoyela noconsisa amathe amazwe asentshonalanga. Lokhu kwenza kuqine ukukhuluma okuthi abanye emkhandlwini ophethe izwe sebe nesivumelwano namanye amazwe ukuthi uBashir kaboshwe bona baxolelwe ukuze abazwe lawo athole uwoyela. Uma lokhu kuyiqiniso okuyosho ukuthi amazwe ase-Afrika awakakhululeki ukuthatha izinqumo ngaphandle kwengcindezi.