I-EFF ompetha bokuxhumana kwezepolitiki nemizwa



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umdlalo wepolitiki unabalingisi abehlukene. Ukuze uphumelele kuwo kumele ume yincwepheshi Ekuqondeni nasekondleni imiqondo yabantu ngokuvusa izinto ezibathintayo emphefumulweni. Ebhukwini lakhe elisihloko esithi: The Political Brain: The Role of Emotion in Deciding the Fate of the Nation, uDrew Westen uphawula ngokujulile lapho ethi: “Ukunakisisa inqubomgomo kuyadingeka ekubuseni kahle. Ezimweni ezikahle, ngisho nabavoti abangenandaba, abavele bahambe bayovota bayayebacabange ngalokho abakuzwile. Ake ubheke umehluko phakathi kwemigomo emibili bese uyaninga isikhathi eside uthole isiphetho esivukuza imizwa.” Uyaqhubeka uDrew uthi: “Kodwa ‘izimo ezikahle’ sonke isikhathi zihambisana nokwemizwa. Kuzo zonke izinqumo ezicatshangisisiwe kunesizathu sokunquma. Asinendaba nempikiswano ngaphandle uma sinentshisekelo, ugqozi, ukwesaba, intukuthelo noma ukudelela. Silandela abaholi esingenamizwa ngabo. Asiboni kunesidingo sokuthi sidingide inqubomgomo uma ingathinti imizwa yethu, imindeni yethu noma lokho okungamagugu kithina.
Cishe sonke isikhathi ukwenza ngokuyikho kudinga ukulumbana kwemicabango nemizwa, kudinge izikhangisi ezinamandla, kudinge izinkulumo ezinohlonze kubuye kudinge nokuqonda. Konke lokhu kwenzeka ngendlela ethile futhi nangokulandelana okuqondile.” Ngesento eledlule iqembu eliphikisayo kuzwelonke i-Economic Freedom Fighters lingaqali liphinde latshengisa ukuthi liyawuqonda umdlalo wepolitiki ikakhulukazi uma kufika kukuxhumana kwepolitiki nepolitiki yemizwa. Kuyiwe ePhalamende nje bese livele likuvezile ukuthi kungahle buchitheke bugayiwe, inqobo nje uma uMengameli uRamaphosa engamxoshanga uNgqongqoshe uGordhan. Kuthe kungafika usuku wonke umuntu kubalwa neqembu elibusayo balindela ukuthi ibutho le-EFF lizokwenza lokho elalisabise ngakho. Nokho kumangaze abaningi uma leli qembu liphosa induku yenxele nebingalindelwe muntu ngesikhathi ligadla kuloyo owaye owayenguMengameli wezwe uMnu uFW de Klerk. Lokhu kube wubuchule obumangalisayo ngoba emizuzwini nje emihlanu benze lokho, iNingizimu Afrika ihlukane phakathi.
Kusuka ezinkundleni zokuxhumana kuya ezindlini lapho abantu bebebuka belalele inkulumongqangi kaMengameli obekusematheni wukuthi kungani uDe Klerk emenywe ePhalamende ekubeni esontweni eledlule ethe inqubo yobandlulo eyacekela phansi aboHlanga yabe ingebona ubugebengu nobulwane. Ilungu le-EFF ePhalamende uDkt uNdlonzi lithe ngale nkulumo kaloyo owayengumengameli: “Ubuqhakala benkulumo kaDe Klerk bokuthi ubundlululo alusibo ubugebengu esintwini kukhombisa imvuka yokuziqhayisa ngobubhoklolo eNingizimu Afrika. Ontamolukhuni abamhlophe babuyelwa ukuzethemba okukhulu futhi kuzokwanda ngoba uRamaphosa ubika kubona yonke into baze bambhalele ngisho nezinkulumo,” kusho uDkt uNdlonzi.
Uqweqwe lommeli u-Advocate uNgcukaitobi yena uthe ebabaza inkulumo kaDe Klerk: “Impikiswano ethi ababaningi aboHlanga ababulawa nguHulumeni wobandlululo okungenzi ubandlululo lube wubugebengu esintwini kufanele sizibuze ukuthi ngobuntu balabo abasho kanjalo.” Uqhube wathi: “Isikhungokubonelela sikaDe Klerk ngobuningi baso siyavuma ukuthi bangaphezu kwezi-3 000 abantu ababulawa amagumugedlela. Okubonakala bekusho ukuthi inani laliphansi kabi ukuthi kungaze kuthiwe kwaba nobugebengu obubhekiswe esintwini. Ngokomthetho, ubandlululo njengobugebengu obubhekiswe esintwini kuqoshwe phansi akudingi ukuthi kungaze kuqophiswane ngakho. Okusele ngabantu abaziba inkinga futhi bephika okwaziwa yiwo wonke umuntu,” kuphetha u-Advocate. Okwenziwe yi-EFF kukhona okubanengile. Omunye walabo nguSolwazi uRaymond Suttner oyisifundiswa esixhumene ne-University of Johanessburg kanye ne-Unisa.
Embhalweni wakhe osihloko sithi: The EFF is a Threat to Peace and Democracy in South Africa, uSuttner akananazanga ekutheni leli qembu lingosodlame. “Noma ngabe yimuphi umlingisi kupolitiki ogqugquzela ukwephulwa komthetho nodlame ngaphansi kwenqubo yedemokhrasi uyingozi. Noma yimuphi usopolitiki osabisa ukukhuluma ngokukhululeka kanye nePhalamende ubukela phansi inkululeko yethu. Noma yimuphi usopolitiki osabisa abanye ngezikhwepha usabisa idemokhrasi okungeyethu sonke,” kusho uSolowazi. Uqhubeke wathi “Eminyakeni embalwa edlule, i-EFF ayizange ingabaze ukuhlasela ngobuhlanga ikakhulukazi kubhekiswe kwabaseNdiya. Ukuhlasela uPravin Gordhan kwenziwa ngokumthakasa bembiza ngoJamnadas, elinye lamagama akhe. Lena indlela yokucwasa ekhombisa ukuthi awusiye owakuleli.” Kanti ngaphambi kokuhoxisa eyakusho iDe Klerk Foundation yathi yimfundisoze ukuthi ubandlulo lwabe lingubugebengu nobulwane.
Yathi kubantu abayizi-23 000 ababulawayo kusuka ngowe-1960 kuya ngowe-1994 abangaphansi kwabayizi-5000 babulawa ngezokuphepha zobandlululo: “Umqondo wokuthi ubandlululo ‘lwaluwubugebengu obuqondiswe esintwini’ kwakuyimfundisoze futhi kuseyiyo eyaqalwa amaSoviet kanye nabahambisana nayo okuyi-ANC/SACP ukugxibha abamhlophe baseNingizimu Afrika ngokukulumbanisa nobugebengu obubhekiswe esintwini kwangempela okwakuyimbubhiso nokubulawa kwezigidi zabantu,” kufundeka isitatimende sokuqala. Noma ngabe umi ngakuphi kule nkulumompikiswano, noma uyavumelana ne-EFF noma qha.
Okusobala wukuthi njengoba lakwazi ukukwenza ngezikhathi zikaZuma ngomkhankaso i-#PaybackTheMoney, nakulokhu abe-EFF bakwazile ukwenza inkulumompikiswano cishe ethinta wonke umuntu. Le nkulumompikiswano ivusa imizwa kuwo wonke umuntu. Ngokwenza njalo abe-EFF bazohlala emqondweni yabantu bakuleli njengeqembu elavusa okuthile nokuthinte umphefumulo. Ukuthi lokhu kuyokwenza umehluko uma kuvotwa lolo ngolunye udaba lwangelinye ilanga.