Kubophene izaqha ngolwaseMabovini



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Kubonakala siyinyathele emsileni isikhulu soMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natal ngokubheca abeKhomishini ephenya ngemibango yoBukhosi kulesi sifundazwe ngodaba lo mbiko othinta umbango waseMabovini, eMsinga. Kuthiwa muva nje uMnu uNathi Mpungose ukhombe ngenjumbane uDkt uNokuzola Mndende onguSihlalo weKhomishini, u-Advocate uPhinda Shembe no-Adv uLinda Zama wathi yibo abagodle umbiko weKhomishini eyayiholwa nguBasil Sikhakhane ngoba wagcina usezandleni zabo. Lo mbiko yiwona okwakufanele ucacise ngombango wesihlalo soBukhosi baseMabovini ophakathi kukaMnu uJeffery Senzani Ngubane nosesihlalweni iNkosi uPano Joseph Ngubane onguyise omncane kaSenzani.
Lokhu uMpungose kuthiwa ukudalule emhlanganweni obusemaHhovisi oMnyango ePietermaritzburg ngoLwesihlanu abenawo nohlangothi lwakwaNgubane obeluholwa nguSenzani. Ngokusho kukaSenzani, kulo mhlangano uMpungose ubatshele ukuthi abantu abagodle lo mbiko okumele baphendule ngawo nguDkt uMndende, ngu-Adv uZama no-Adv uShembe. “Uthe empeleni lo mbiko waphothulwa kudala ngabeKhomishini base bewuyisa kwaboMnyango bona bawedlulisela kuNdunankulu wangaleso sikhathi uMnu uWillies Mchunu ukuba awusayine owabe esewubuyisela emuva ngoba kukhona ayefuna kucaciswe kuwona futhi abeKhomishini balungise okuthile kuwona ngaphambi kokuwusayina. Uthe laba abaphindanga bawubuyisa lo mbiko njengoba wagcina usezandleni zabo,” kusho uSenzani. Uqhuba athi: “Kuthe uma sesithi siyabonga ukuthola iqiniso ekugcineni ngabantu abagodle umbiko wethu nokuthi udaba sesizolufaka kubameli bethu ukuze uDkt uMndende nethimba lakhe bezophendula, uMpungose wasincenga wathi asisale sesikhohlwa yilo mbiko okungcono kuqalwe phansi ukwenziwa kwezethulo okuzokwenziwa kuKhomishini entsha ezosungulwa ungakapheli lo nyaka.
Waze wathi uzoqinisekisa ukuthi udaba lwethu luba seqhulwini. Simchithile kulowo mbono wakhe sathi kasizimisele ukuqala phansi kuphela sifuna kukhishwe lo mbiko athe ugodlwe nguDkt uMndende nethimba lakhe.” Uthe sebexhumene nabameli babo ukuba lolu daba balufake enkantolo. UDkt uMndende ukuphikile okuthiwa kushiwo nguMpungose. “Ngicabanga ukuthi uMpungose wenza iphutha ngalokhu akushoyo. Angazi ngempela ukuthi usifaka kanjani kulolu daba. Okokuqala mina ngifike kule Khomishini ngowezi-2016 ngisuka e-Eastern Cape. Ummeli uZama ubesekade ahamba. Ngokuzwa kwami uZama uhambe kuqala ngisho kunoSikhakhane yena owesule ngoNcwaba wezi-2015 ngoba ngoZibandlela bekuphela isikhathi seKhomishini eyayibekelwe sona. UPhinda Shembe yena ufike kuKhomishini ngowezi-2017,” kusho uDkt uMndende. Uthe kwase kusele uSolwazi uJabulani Maphalala naye owayesezihlalele engasenzi lutho njengoba wayesalindele ukwelulelwa isikhathi sakhe sokusebenza njengoba sagcine selulwe ngeminyaka emibili ngowezi-2016. “Mhlawumbe umuntu ongacishe achaze kangcono ngalo mbiko uMpungose akhuluma ngawo, nguSolwazi uMaphalala noMnu uMthembeni Dlamini owayengumcwaningi mina engibafice ngowezi-2016.
Naye uSolwazi uMaphalala kwakungekho ayengakwenza ngawo ngoba wayesalinde ukwelulelwa isikhathi sokusebenza,” usho kanje. UDkt uMndende uthi empeleni yena wayejutshwe esifundazweni iLimpopo kodwa wacelwa ukuba azolekelela naKwaZulu-Natal ukuba kuqedelwe eminye imisebenzi eyayingaphelanga ngenxa yokuthi iKhomishini kaSikhakhane yaphelelwa yisikhathi kusenezindawo eziningana ezazingakasentshenzwa. Uthi eminye imibiko ayifica kwakusele ukuba isayinwe bese ithunyelwa kuNdunankulu kungekho okwakungenziwa nguSolwazi uMaphalala ngoba wayesesele yedwa. Empeleni mine imibiko eyayisiphothuliwe okungowaseMabovini, owakwaButhelezi, owakwaMadlala nowakwaCele. Okudidayo ukuthi ngowaseMabovini kuphela owagodlwa wangakhishwa. Sonke lesi sikhathi uMpungose ubethi owaseMabovini awuphumi ngenxa yokuthi iKhomishini yaphelelwa yisikhathi ingakawuphothuli.
AbaKwaNgubane baze bathole ngalo mbiko basizwa wukuthi kube khona obapotshozela wona. Ethintwa uMpungose, wenqabile ukuphawula wathi akanalo ilungelo lokukhulumela uMnyango. “Empeleni zikhona izimpendulo kodwa ngeke ngikwazi ukukuphendula ngoba angigunyaziwe ukukhuluma nabezindaba,” usho kanje wabe eseyelela leli phephandaba ukuba lithinte uMnu uSenzo Mzila okhulumela uMnyango. UMnyango uyaziphendulela UMzila uyakuphika okuthiwa kushiwo nguMpungose kunalokho uthi wathi ikhona imibiko eyayiqhamuka kuKhomishini eyaphindiselwa emuva nguNdunankulu ngenhloso yokuthola incazelo ecacile mayelana nezikhala ezithile ezazikuleyo mibiko.
“Akulona nje kuphela udaba lwakwaNgubane olwaba nemibiko esankankanywa eyaphindiselwa emuva kuKhomishini ukuze kubukwe kabusha lapho obekubonakala ukuthi kukhona izikhala. Udaba lolu lwasetshenzwa yiKhomishini yaze yaphelelwa yisikhathi ngoZibandlela wezi-2017,” kubeka uMzila. Maqondana nokungakhishwa kombiko, uMzila uthe uNdunankulu akakwazanga ukuthatha isinqumo ngezicelo ezazifakiwe okwakumele kuqedelwe yiKhomishini eyaphelelwa yisikhathi. “Lokhu kuqonde khona ukuthi umbiko ophelele awukho nhlobo njengola uphelela uma usuphasiswe yiKhabhinethi,” kusho uMzila. Uyakuphika futhi ukuthi uMpungose wacela abakwaNgubane ukuba basale sebekhohlwa yilo mbiko. Uthe: “Cha lokhu akusilona iqiniso, uMnu uMpungose uthe uMnyango usalinde ukuthi kusungulwe iKhomishini entsha lapha esifundazweni ezobheka iphinde iqedele izicelo ezingaphothulwanga yiKhomishini endala. Lapha kubalwa neyakwaNgubane.”