Now Reading
Umlilo wemfucuza ubafice bemi ngankomo aboMsunduzi kulokhu
Dark Light

Umlilo wemfucuza ubafice bemi ngankomo aboMsunduzi kulokhu

Mhla lulunye kuNhlolanja kophezulu kuqubuke umlilo entathakusa eLandfill Site ekuNew England Road, eMgungundlovu. UMnu uSipho Ngcobo oyiSekela Lesikhulu Sezomlilo uthi basebenzise konke abanako njengoMasipala baze balekelelwa nangozakwabo khona bezoqinisekisa ukuthi impilo yezakhamuzi ezakhele le ndawo kayithikamezeki. “Sithole ukulekelelwa yiDurban Fire, uMgungundluvu District kanye nenkampani iWork on Fire, sikwazile ukuthi sibe nabasebenzi abacisha umlilo abangama-55. IDurban Fire inikele ngabasebenzi abahlanu kanye nezimoto zokucisha umlilo ezimbili, izimoto sezizonke ezilekelelile ukucisha umlilo bezinhlanu. Lolu xhaso lukwazile ukuthi lusilekelele khona kuzocisha umlilo ngokushesha, khona kuzohlengeka nempilo yalezi zakhamuzi ezakhele le ndawo njengaseSobantu ngoba impilo yabo imqoka kithina,” kuchaza uMnu uNgcobo.

UNgcobo uthe imbangela yomlilo ayikaziwa ngenxa yokuthi besekuhlwile ngesikhathi uqubuka, “asikasitholi isizathu ebesingaholela ekutheni kube nomlilo, ngoba kunabantu abahlala kuyona le mfucuza okungenzeka ukuthi bebebhema kwase kokheleka umlilo,” kulanda uNgcobo. Ubonge umphakathi waseMsunduzi ngokubaxhasa, “amalungu omphakathi wakithi abesilekelela esilethela ukudla namanzi ngoba sichithe ubusuku obubili sikule ndawo ngoba sifisa kusheshe kucishe lo mlilo onentuthu.” UNgcobo uthe isimo sokuhlanzeka kwale ndawo sibi, baqale ngokuvula indlela ezobafinyelelisa emlilweni, belekelelwa ithimba likaMnu uPhilani Mhlongo oyimfolomane eLandfill Site. “Isimo seLandfill sibi kodwa izinga lomlilo lincane uma liqhathaniswa nezigameko zemililo eyedlule, ukuthi sibi sibheka ngokuhlanzeka kwendawo, nokuthi kuyasebenzeka yini,” kuchaza uNgcobo. Uthe ezinye izinsiza abazisebenzisile amabulldozer amabili, kanye nezimoto zamanzi ezintathu ebezibalekelela ukuthi babhule lo mlilo. UMhlongo echaza ngokungcola kwale ndawo uthe iqale ngesikhathi kuba nezimvula ezinamandla obekwenza ukuthi kube nzima nezimoto zezakhamuzi ukuthi zifinyelele endaweni la kulahlwa
khona imfucuza.

“Sigcine sesibona ukuthi izakhamuzi azilahle imfucuza la ekunezikhala khona, thina sizobe sesisebenzisa imishini yethu ukuyiqoqa siyoyibeka endaweni efanele; ngoba besingafisi ukuthi izakhamuzi zibuyele emakhaya nemfucuza lokho kungaholela ekutheni kuze kungcole nezindawo zokuhlala abantu,” kuchaza uMhlongo. Le mvula eyadiliza imizi yabantu mhla zili-19 iyona le eyaphazamisa ukusebenza kahle kweLandfill. UNjomane uthe kungenxa yokuthi basebenza ngohlobo oluthize lwemishini futhi okuyiyo kuphela evumelekile ekutheni isebenze kulesi simo. “Ngesikhathi imfucuza siyicuphisile ukuthi igcinwe okwesikhashana kulezi zindawo sibe nenkinga yokufa kwebulldozer yaphazamisa uhlelo lokuthi kulandwe le mfucuza, asikwazi ukusebenzisa imishini enjengeTLB ezindaweni ezithize ngoba singabeka impilo yezisebenzi engcupheni,” kuchaza uNjomane.

Echaza uNjomane ngeLandfill Site uthe le ndawo ikhiqiza igesi iMethane. Lolu hlobo lwegesi lukwazi ukokhela umlilo, luwuthathe luwufake phansi ezibini ingakho uma kucishwa lo mlilo kudingeka amabulldozer ukuthi afukule izibi nemfucuza. Uveze ukuthi ezinye izindawo bayakwazi ukuthi uma kunendawo enjengalena bayisebenzise ukuphehla ugesi, ngenxa yeMethane le ekhiqizwa yile ndawo. Echaza ngemishini abayisebenzisile ukuze bacime lo mlilo ngokushesha uthe: “Isizathu sokuthi sisebenzise amabulldozer ngoba uma kungacishwa umlilo engathi kunetha imvula nje, lokho kungafana nokuthi sithela amanzi emhlane wedada ngoba umlilo uphansi cishe ujule ngama- 4m.” ILandfill igcwele abantu abacosha imfucuza, okungangokuba naleli thimba ebelicisha umlilo, beliphunga bona laba bantu, ngoba bebecosha kuyona leyo ntuthu.

See Also

UMhlongo echaza ngalaba bantu uthe bafike bathathe imfucuza bese bayokwenza ngayo inkece. “Cishe uhlobo lwemfucuza olugcwele lana yilolo abantu abakwaziyo ukwenza inkence ngalo ngoba kunezinkampani ezidayiselwayo, abantu bakwazi ukuphila. Kule ndawo kulahlwa ngisho izihlahla, ngazo ungakwazi ukuthi wenze umanyolo uma ungumuntu ogxile kwezolimo, kanti abanye kukhona abeza kule ndawo ukuzobutha lokho okufana nezipakupaku, namakhalibhodi ngoba yikho okubenzela ubuchwabalalana,” kusonga uNjomane.

Scroll To Top