Now Reading
Udlule emhlabeni esakhala ngobulungiswa ubaba kaSenzo
Dark Light

Udlule emhlabeni esakhala ngobulungiswa ubaba kaSenzo

KUSUKELA izolo ekuseni kuzwakale izindaba zokudlula emhlabeni kukaMnu uSam Meyiwa obenguyise  kaSenzo Meyiwa  owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana ingena ilakanyana imiyalezo yenduduzo njengoba umufi ubaziwa ngokungaxoli selokhu kwabulawa indodana yakhe nababulali bangatholwa kuze kube yimanje.

Umndeni wakhe uthi nakuba ebesephila nesifo sohlangothi kodwa ukholwa ukuthi imbangela yokudlula kwakhe emhlabeni ihambisana nokhwantalala olwadalwa ukungacaci ngokufa kwendodana yakhe. Umndeni uthi unovalo lokuthi ukushona kukaMeyiwa kuzovala nya uphenyo ngokubulawa kukaSenzo.
Ubehlala njalo ebalisa ngokungasukunyelwa kophenyo ngokufa kwendodana yakhe. Engena ekubeni uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu uBheki Cele wathi uphenyo ngokufa kukaMeyiwa kuzoba ngenye yezinto eziseqhulwini emsebenzini wakhe.

UMnu Meyiwa wahlaselwa yisifo sohlangothi nyakenye saphinda sabuya ngenyanga walalaesibhedlela. Wangena esibhedlela engasakwazi nokukhuluma, kanti umndeni uthi ubesephila impilo yokungena ephuma ezibhedlela. Ubekhala kuze kube namuhla  ngokuthi ababekhona kudutshulwa indodana yakhe namaphoyisa banikezwa okuthile ukuze bathule. Ubudlelwane phakathi komculi uKelly Khumalo owayeyintombi kaSenzo nomnu uMeyiwa baba muncu emuva kokuba uMeyiwa ethe uKelly kumele aphumele obala ngokwenzeka ngelanga okwabulawa ngalo uSenzo.

Scroll To Top