Now Reading
Imbube Yomhlaba iqomise amaNgisi avuma
Dark Light

Imbube Yomhlaba iqomise amaNgisi avuma

 

UBuciko mamagama okwasetshenziswa yinyosi yeSILO  uDlamini lapho yeba oseSihlalweni ithi “uyiNkosi ehlasela ngothando….” zibonakele  kuleli sonto. Zifakazelwe yiningi ngesikhathi Omdala ehola ithimba  laBantwana, osomlando, nosomabhizinisi  eWelse njengengxenye yemigubho yesikhumbuzo seminyaka eli-140 kwabhixana uMkhumbi WeMpi kaZulu kanye nezihonga zamaNgisi eSandlwana nasOndini. Omdala utheleka nje amaNgisi axakwe lutwayi lwepolitiki yangaphakathi njengoba bekudedelwana enkundleni phakathi kukaNdunankulu osephuma uNkk uTheresa May kanye nomusha uMnu uBoris Johnson. Nokho lokho akwenzanga abezindaba kanye nezikhulu zakuleli lizwe kusuka kosopolitiki, abenkolo kanye namagumgedlela zasusa amehlo kulokho okuhle okuwavelelayo nokuyinqabakutholwa.

Bonke ngesinwe bakulandele kwaze kwaba sekugcineni ukunyathela kwethambo  leNgonyama uCetshwayo. Lapha bekuvuka emidala imilando ethinta ekujuleni kukaZulu nakuwo amaNgisi uqobo. Uthe lapho etheleka uMaphikelela, Ungalonde kaGabela kayingangezawoyise izigqunswana ngisho bethi bayakwelula kuphelela ezinqulwini eyakho yinde!, kwabonakala ukuthi konakele ngoba sithe sinyathela layithela kwalamula inyosi umfo kaSombila obize iZinyandezulu, esho khona ukuthi njengoba umxhumanisi kaZulu osenhlabathini, ophilayo nosazozalwa, iSILO, ekwelamaNgisini akungampi kepha impi isiyedlule, ulapha nje uzokhongela uZulu neNingizimu Afrika. Unede wamemeza umfo kaSombila laphenya  eLlangoed waqhubeka umsebenzi.

Omdala wamukelwe ngenhlokomo wuMkhandlu waseBrecon obuholwa yiMeya uNkk u-Ann Mathias nokulandelwe yinkonzo lapho ibandla kule ndawo belamukela uZulu ngomkhuleko. Inkonzo ibiholwa nguMfu uPaul Shackerley. Lokhu kulandelwe wumcimbi wokwamukelwa kweSILO ngumbutho wezempi eDering Lines Infantry Battle School. Lapha Omdala ubephelekezelwa yibutho, uMehluleli uJerome Ngwenya, inxusa lakuleli uNks uNomatemba Tambo kanye nethimba loMdala. Abebezokwamukela iSILO  bekukhona uLord Dafydd Thomas onguNgqongqoshe Wezamasiko Namafagugu, uNks uKirsty Williams onguNgqongqoshe Wezemfundo. Ngosuku olulandelayo kume idolobha ngesikhathi umbutho wezempi kule ndawo uviliyela , noZulu ulapha uvunule uconsa.  Lokhu kube ngokusho kwamaNgisi yindlela emqoka neluphawu lokwamukela phakathi kwezinkunzi ezimbili ezashayana zabukana.

Ukwamukelwa kweSILO yamaNgisi uCharles nobehamba nowakwakhe uCamila oyiDuches of Cornwall,  kube ngokumqoka njengoba nenhlangamo yezokusakaza iBritish Broadcasting Cooperation (BBC) ithe ngeke isale ngaphandle ekuqopheni lo mlando yathi nakuBAYEDE yethulela isizwe okwenzakalayo. Isithombe sobunye, ukwamukelana ngemfudumalo phakathi kweSILO neNkosana yamaNgisi kuvele emaphephandabeni, kwakhulunywa emsakazweni nakumathelevishini kuleliya lizwe.

Isonto lokuqala lohambo olungamasonto amabili luphethe ngomhlangano wosomabhizinisi nosozimboni nayilapho Omdala ekhongele izindawo zasemakhaya abatshalizimali kwavunyelwana ngokuthi kubhekwe le mikhakha elandelayo: ezolimo, ezokuvakasha kanye nezokukhiqiza. Omdala unxuse ukusebenzisana kakhulu noBukhosi kanye nemiphakathi yasemakhaya uma kwenziwa intuthuko.

See Also

“Umphoso wangempela entuthukweni yasemakhaya kufanele kube wukwakhiwa kwezomboni ezithambekele kokwasemakhaya. Lezi zimboni kufanele zingacinelelwa kubantu basemakhaya kodwa kufanele zakhiwe kubanjiswene nabantu basemakhaya. Uma zakhiwe ngale ndlela, abantu basemakhaya bazoziqonda kahle futhi zibe yingxenye yempilo yemihla kubona. Mayelana nalokhu ngigqugquzela ukuba nokubambisana nokusondelana okuphelele phakathi kukaHulumeni, aBaholi BoMdabu nabantu basemakhaya.

Usho la magama nje Omnyama, amaNgisi asevumile, asenqumile ukuthi okushiwoyo azokulandelela njengoba kuvunyelenwe ngethimba lokusebenza elizoqinisekisa ukuthi kweluswa ukwenzeka kwezinto. Phakathi kwabantu abebesekhaleni lokwenza izethulo ezeseka lokho obekushiwo ngOmdala yiziMeya, eyaseZululand, eKing Cetshwayo kanye naseMzinyathi. Ekuphetheni komlemze wokuqala wohambo akukho ukungabaza ekutheni oMdala uyishele yavuma. Ngesonto elizayo kuzoshicilelwa lonke uhambo lweSILO eUnited Kingdom  kanye nezithombe

 

Scroll To Top