Now Reading
Ufuna ubulungiswa ngomxhaso kamfowabo
Dark Light

Ufuna ubulungiswa ngomxhaso kamfowabo

 

EMVENI kokuba uMasipala i-Ethekwini umemezele uhlelo olusha lokwakhiwa kwezindlu kuzona zonke izindawo ezilakhele  ukuze kusizakale abahlwempu ngoMbasa nonyaka, owesifazane waseMtshebheni eNanda ukhala ngenkohlakalo ethe bhe kulo Mkhandlu.

Ukhuluma kanjena nje kulandela ukudayiswa kwendlu yomxhaso yomfowabo ongasekho. Ngonyaka wezi-2017 nowezi-2018  iBAYEDE ike yalubika udaba losizi lukaNks uThoko Madiba. Elandisa iphephandaba uthe uphiko iCity Integrity and Investigations Unit (CIIU) selulivalile ifayela lophenyo ngoba luthi umfowabo wayengakufanele kwasekuqaleni ukuba ngomunye wabazohlomula kulolu hlelo lwezindlu zemixhaso.

Lolu hlelo luzosebenza ngokuthi uMasipala uthengele abantu izindawo bese beyazakhela bona izindlu, kunokuba balinde izindlu zomxhaso ezizokwakhiwa ngohlelo lukaHulumeni. UNks uMadiba usola ikhansela lakwaWadi 108 uMnu uSdu Khuzwayo ngokuhlangana nekomiti lewadi nodadewabo uNks uMisi Madiba ekudayiseni ngokungekho emthethethweni indlu yomxhaso yomfowabo ongasekho uMnu uBonginkosi Madiba.

Uthe umfowabo washona ngonyaka wezi-2007 esohlwini lwabantu ababezohlomula ngezindlu zomxhaso, okuthe uma eshona wahambisa yonke imininingwane eHhovisi lEzokuhlaliswa Kwabantu kulo Masipala ngenhloso yokuba uma indlu iphuma, kuhlale khona ingoduso yakhe nendodana yabo. Uthe ngeshwa kuze kwashaya owezi-2013 umndeni usalindile. Kugcine sekuze kwashona ingoduso yomfowabo. Uthe ngonyaka wezi-2017 ikhansela lenze isimemezelo endaweni, kumenywa bonke labo ababebhalisele ukwakhelwa izindlu zomxhaso ukuba beze bezobheka ukuthi amagama abo awekho yini ohlwini labantu asebezozithola.

UNks uMadiba uthe ngosuku afike ngalo kulo mhlangano, omunye wamalungu ekomiti lekhansela wambuza inombolo yomuzi ukuze abheke igama lomfowabo ohlwini, okwathi ngenhlanhla laqhamuka.

Uthe lona leli lungu lekomiti laphinde layijika indaba lapho lithi le ndlu kamfowabo ladayiselwa yona ngudadewabo. Uphinde watshela leli phephandaba ukuthi kwamumangaza ukuzwa ukuthi lo muzi wadayiswa ngencwadi efungelwe, ekubeni wonke amaphepha anemininingwane kamfowabo ongasekho ayengakuyena.

Uthe ube esenikela emaHhovisi Ezokuhlaliswa Kwabantu ngaphansi kwalo Mkhandlu, lapho kufike kwaqhamuka isibongo sakwaNxumalo njengabanikazi bomuzi owawubhaliselwe umfowabo.

“Kungithusile ukuba kuqhamuke igama lomuntu engingamazi futhi okungithuse kakhulu ukuthi sekushintshwe ngokushesha okuyisimanga ngoba ngayizolo bekuvela igama lomfowethu. Ngakusasa sengiya ukuyobheka kula maHhovisi, kwase kuvela uNxumalo,” kuphetha uNks uMadiba. Uqhube ngokuthi kuthe ngoMandulo wanyakenye wabe esethinta iHhovisi loMvikeli WoMphakathi elibe selimyalela ukuba udaba lwakhe alubike kwabophiko iCIIU engaphansi kwalo Masipala. Uthe ube esevula icala eliwuCK 3486 okuthe uma esebuyela ukuyobheka ekuqaleni kwalo nyaka ukuthi sebehambe kangakanani ngophenyo, wathola ukuthi ifayela lakhe selivaliwe.

Uthe: “Kungimangazile ukutshelwa ukuthi ifayela selivaliwe ngenxa yokuthi kwathi uma sekucutshungulwa, kwatholakala ukuthi umfowethu akakufanele ukuthola lolu xhaso. Ukucubungula kanjani ukuthi umuntu ongasekho akakufanele ukuthola indawo. Le miphumela ayizukungikhubaza kodwa kunalokho ngizoqhubeka ngiphenye kakhulu ngoba engikufunayo ukuba indodana kamfowethu ibe nekhaya ezolikhomba.

See Also

Njengoba ingasenabazali nje, angifuni ukuthi uma ikhula igcine isingundingasithebeni ube ukhona umuzi kayise. Sengizohamba ngize ngifike ku-Afriforum manje, ngoba akukho engingasakwenzanga.” Umkhonyovu wokudayiswa kwezindlu zomxhaso awuyona into entsha kuleli dolobha njengoba ngonyaka wezi-2013 kwathulwa umbiko owaziwa ngeManase Report owawukhuluma ngenkohlakalo edla lubi kulo Mkhandlu lapho okwakusolwa amakhansela nezikhulu zoMkhandlu ngokudayisa izindlu zomxhaso kusukela ezi-R2000 kuya kwezingama-R20 000

Ikhansela lakwaWadi 108 uMnu uSduduzo Khuzwayo uziphikile izinsolo zokuba nesandla ekudayisweni kwalo mxhaso, wagcizelela nokuthi uNks uMadiba uyazi ukuthi umuntu owadayisa le ndlu udadewabo. Uthe into ezoxazulula lolu daba ukuthi kuphele ukwakhiwa kwalo mxhaso ozoba seStop 8. Usuqaliwe ukwakhiwa kukhulunywa nje.

Uthe kuzobe sekucaca lapho  uma sekuqhamuka abanini bomuzi ababili ukuthi ngempela kwenzekani, okuyilapho luzobe seluxazululwa khona udaba. Okhulumela uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nobuholi BoMdabu uMnu uLennox Mabaso uthe kuyicala elibovu kabi ukudayiswa kwezindlu zomxhaso, futhi kuba kubi kakhulu uma kutholakala ukuthi kunamakhansela athintekayo. Uthe uMnyango uzolulandelela lolu daba futhi uma kutholakala ukuthi lezi zinsolo ziyiqiniso, ikhansela nalaba abathintekayo bangaphelelwa nawumsebenzi.

UMabaso ube esenxusa uMama uMadiba ukuba abike lolu daba nakuSomlomo woMkhandlu namaphoyisa ukuze kuphenywe kabanzi. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela lowo okhulumela uMasipala iTheku uMnu uMsawakhe Mayisela engatholakalanga ukuphawula.

Scroll To Top