Ingebhe ngemvula enamandla nangosuku lokhetho


NJENGOBA izangoma zezulu ziqagula ukuthi izihlambi zemvula enamandla zisazobuya ezweni sekukhona uvalo lokuthi uma imvula iqhubeka kuze kufike isikhathi sokhetho kungaba nokuphazamiseka. Le ngebhe idalwa ukuthi kwezinye izikhungo zokuvota ikakhulukazi ezisezindaweni zasemakhaya kunzima ngisho ukufinyelela kuzo ngisho lingani ngenxa yesimo semigwaqo.
AbeKhomishini Ezimele Yokhetho bakuveza ngaphambilini ukuthi benza konke ukubhekana nezimo zendalo ezingaphazamisa ukhetho njengozamcolo nezishingishane. AbeKhomishini bathi bami ngomumo ukuthi uma imvula idonsa kuze kufike ukhetho kungaphazimiseki izinhlelo zabo.
Isishingishane esihlasele elakuleli ngeSonto sishiye kukhalwa njengoba isibalo sabashonile KwaZulu-Natal sesifinyelele kwabangama-67.
Esifundazweni i-Eastern Cape bayisithupha asebeshonile. Isangoma sezulu uMnu uMkhushulwa Msimango uthe imvula isazoqhubeka nokuna esifundazweni iGauteng nasezingxenyeni ezisenyakatho yeKwaZulu-Natal.
UMsimango uthi imvula ayiphelile kodwa angeke isaba namandla njengasekuqaleni lokho okungasho ukuthi abantu bangazibhekeleli. Ngokusho kwabakwa South African Weather Service, imvula izophinde ibuye emasontweni amabili nalapho kuzobe sekuyizinsuku zokuvota.
Izolo isishingishane esibizwa ngoKenneth sidlulele eMozambique. Ngokusho kwabe-United Nations World Meteorological Organisation (WMO), izindawo ezizokhahlamezeka kakhulu eMozambique ezakhelene neMienguleia esifundazweni iCabo Delgado.
Esifundazweni iKwaZulu- Natal izindawo ezikhahlamezeke kakhulu ngeziseNingizimu nasenkabeni yeTheku nezindawo ezilakhele kusuka eReservoir Hills, iChatsworth, uMlaza, Amanzimtoti, iWinkelspruit, uMgababa kuze kuyoshaya eMzinto.
NgoLwesibili inhlangano iRed Cross ngokubambisana nezinhlangano ezingenzi nzuzo ihambele izindawo ezikhahlamezekile iyohlola umonakalo nokubheka ukuthi ingawusiza kanjani umphakathi okhahlanyezwe yile mvula.
Nakuba ikhona imizi eyizakhiwo ezisemthethweni futhi eyakhiwe ngendlela ehlelekile neqinile edilikile eThekwini ngesikhathi semvula, kodwa okuvelile ukuthi eminingi bekuyimijondolo eyakhiwe ngasosebeni lwemihosha nemifula, eminye ezindaweni ezehlelayo nokungavunyelwe ukwakha kuzo.
Umphakathi uthi usuke wazi kahle ukuthi wakha endaweni engavunyelwe kodwa ngoba awukwazi ukuhlala emadolobheni uyaqhubeka wakhe ubeke impilo yawo engcupheni. UMnu uMzonke Shabalala waseNkandla ohlala ezakhiweni zaseMlaza okuthiwa kuseMhlabeni uthi naye akathandi ukuhlala kule ndawo kodwa usondezela amatoho njengoba esebenza eProspecton ngaseSiphingo.
Uthi ukube kuya ngaye ngabe uhlala edolobheni endaweni ephephile kodwa amandla okukhokha irenti akanawo. UShabalala uthi ulahlekelwe yikho konke abenakho ngoLwesibili usethembe ukuthi uHulumeni uzobasiza abatholele nendawo yokuhlala esesimweni esifanele ukuhlala abantu.
Eminye imizi edilikile eMlaza kutholakale ukuthi yileyo eyayihlonzwe nguMasipala weTheku eminyakeni eyisikhombisa edlule njengezolungiswa kodwa okuze kube yimanje imindeni isalindile. Kwabashonile kukhona noMnu uSiyabonga Zulu obehlala ezakhiweni eReservoir Hills nengoduso yakhe nengane eneminyaka emine yabo.
Echaza ngokubehlele uMnu uBhekani Biyela obengumakhelane nabafi uthi bafe olwembiza ngoba bebehlelisene kahle belapha ngenxa yokusondezela amatoho.
Izimvula zishiye kukhalwa nasePort St Johns lapho umphakathi usukhoseliswe ematendeni ngenxa yokudilika kwemizi.
IMeya kulo Masipala uNkk uNomvuzo Mlombile-Cingo ithi bayazi ukuthi umphakathi omningi okhahlanyezwe izikhukhula wakhe endaweni engagunyaziwe ukuba kwakhiwe kuyo futhi nawo unolwazi lwalokho.
Uthe abanye bakhe phezu kwamapayipi okwenza kube nzima nokuthi abezokuhlangula bafinyelele kuzona zonke izindawo ngenxa yokuthi ezinye izindawo okwakhiwe kuzo azofinyeleleki.
Abantu bayaxwayiswa ngokuthi bahlale njalo bebheka isimo sezulu bazilungiselele nasemgwaqeni bashayele ngokucophelela njengoba kunamathantala anoungozi.