Ngabe uHulumeni uqeda iziteleka ngokutakula iNsfas
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
EZINYANGENI zokuqala ezimbili zokuvulwa kwezikhungo zemfundo ephakeme kulo nyaka eNingizimu Afrika, cishe ayabalwa amanyuvesi nezinye izikhungo zemfundo ephakeme okungazange kube nemibhikisho yabafundi kuzo.
Kule mibhikisho kuphume nesidumbu eDurban University of Technology (DUT) lapho kwabulawa khona umfundi obenza unyaka wesithathu uMlungisi Madonsela ngesikhathi onogada bevulela ngenhlamvu kubafundi ababebahlasela ngezinguzunga zamatshe.
Iziteleka emanyuvesi akuleli sezaphenduka insakavukela umchilo wesidwaba, futhi seziwukhondolo. Okusuke kuseqhulwini ngalezi ziteleka ukuhamba kancane kohlelo lokusizwa kwabafundi ngoxhaso lwemali lwesikhwama iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Emasontweni amabili edlule uHulumeni umemezele ukuthi uzolekelela uMnyango WezeMfundo Ephakeme Nokuqeqesha ngemali eyizi-R967 ezofakwa esikhwameni iNSFAS, ngenhloso yokucisha izikweletu zeminyaka zabafundi emanyuvesi nakwezinye izikhungo zemfundo ephakeme.
Ngokusho kukaHulumeni lesi sinyathelo esiyingqophamlando kwezemfundo yakuleli siyingxenye yokwethula uhlelo nenqubomgomo ebheke emfundweni ekhululekile futhi engambi eqolo.
Umbuzo omkhulu ngowokuthi ngabe le mali nokucishwa kwezikweletu zabafundi kuzosiza yini ekuqedeni iziteleka emanyuvesi ezibambezela ukufunda, kucekelwe phansi ingqalasizinda, kulinyazwe izimoto kuze kuphume nezidumbu.
Kukhona abagxeka owayenguMengameli uMnu uJacob Zuma ngenkulumo yakhe ayenza zili-16 kuZibandlela wezi- 2017 ngaphambi kokuphoqwa yiqembu lakhe ukuba esule esikhundleni.
UZuma wamemezela ukuthi kuzoba nemfundo yamahhala okwabe kuzosho ukuthi uHulumeni uzonyusa isamba sokuxhasa abafundi emanyuvesi nasezikhungweni ezingamaTechnical and Vocational Educational Training (TVET).
Ngalesi sinyathelo kwakuzosizakala abafundi abaphuma emindenini edonsa kanzima kuqale nohlelo lwemfundo yamahhala.
Ikomidi loMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha lisishayele ihlombe isimemezelo sikaHulumeni egameni likaNgqongqoshe walo Mnyango uNkk uNaledi Pandor sokufaka isandla eMnyangweni ngenhloso yokusiza abafundi abanezikweletu zeminyaka ezikhungweni zemfundo ephakeme.
USihlalo Wekomidi uNks uConnie September uthe njengekomidi bayakwamukela ukuzibophezela kwePhalamende noHulumeni ekuphenduleni izikhalo ezaziphakanyiswe abafundi nezikhungo zemfundo ephakeme ngodaba lokubhekelelwa kwabafundi abanezikweletu zeminyaka.
“Ukuphendula kukaNgqongqoshe noHulumeni kuwubufakazi bokuthi le mpi iyonqotshwa ngokuthi kuhlalwe phansi kuxoxiswane nabafundi babe yingxenye yezingxoxo kunokuba kube yibo abangena emgwaqeni bacekele phansi impahla,” kusho uNks uSeptember.
Abamele abafundi bathi okwamanje akukabibikho okuthinta bona ngqo ngemali ephuma kuHulumeni ngoba kusekhona abangakayitholi imiphumela yangonyaka odlule, abanye baze babhalisa sekwedlule isikhathi ngoba kuthiwa bayakweleta.
“Uma sibona sikhona isidingo sokuba singenele imibhikisho sizokwenza njalo kuze kube konke esikuphakamisayo kuyalandelelwa ngoba kuningi ukukhuluma kodwa kungabibikho okwenzekayo,” kusho uSindi Mzimela waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal eThekwini oyilungu lenhlangano yabafundi iSouth African Student Congress (Sasco).
Naphezu kwalesi simemezelo kuphinde kwaphazamiseka ukufunda esontweni eledlule egatsheni laseMgungundlovu leNyuvesi i-Unisa abafundi bekhala ngokuthi abakalutholi usizo lwemali esikhwameni iNational Students Financial Aid Scheme (NSFAS).
Okunye okuthiwa kubhebhezele lesi siteleka ukushintshwa kwezinsuku zokubhalwa kwezivivinyo zasondezwa kuMbasa ekubeni ngaphambilini kwakuhlelwe ukuthi kuzobhalwa ngoNhlaba.
Abafundi bathi abazilungiselele ukuqala ukubhala basami ezinsukwini zokuqala ababenikwe zona. Ngesikhathi sokuloba lapha unobhala womkhandlu wabafundi u-Andile Ndaba wathi basabambelele ezinsukwini ezindala futhi basalinde nokubonelelwa ngezimali kusukela zingama-28 kuNhlolanja.
Isimemezelo semfundo yamahhala saholela ekutheni abafundi baphume ngobuningi beyobhalisa emanyuvesi kwathi nalabo ababekweleta phambilini babuyelwa ithemba lokuthi izikweletu zabo zizosulwa. Iqiniso ukuthi amanyuvesi awanazo izikhala ezingakwazi ukumumatha bonke abafundi abanentshisekelo yokufunda. Noma sebezitholile izikhala indaba isuka lapho sekumele batholelwe indawo yokuhlala. Amanyuvesi amaningi asebenzisa izindawo zokuhlala eziqhelelene nezikhungo okufaka ingcindezi kubafundi.