Kube nenkulumo esalayo kufi ka kudlula izinguquko


SELIDUME ledlula ngezinguquko labathatha labaphonsa ngaphandle abanye kanti abanye banikezwe umthwalo wezinhlelo ongaphezu kwabewulindele. Isibonelo sababhekwe ngelakubo kulesi sikhathi esenza amaphaphu abe phezulu wuKhathide Ngobe osemsakazweni u-Ukhozi FM oludonsa abalaleli abaningi kuneminye imisakazo ekhona kuleli lizwe. Ngaphezulu kohlelo lwasekuseni umfo kaNgobe uphinde wanikezwa uhlelo lomculo kaMasikandi uSigiya Ngengoma oluwubhedu oluhlale lubangwa ngenxa yezinkumbi zabalaleli olubadonsayo. Angikholwa wukuthi kukhona ongasola ngalokhu ngoba amagalelo akhe ayaziwa futhi avunyiwe.
Angikusho ukuthi ngike ngazinika isikhathi ngalalela uhlelo lwantambama olushayelwa nguMzokhona “Mzokoloko” Gumede benoNonhlanhla “Mroza” Buthelezi nalo olukaNgobe ehambisana noNongcebo MacKenzie. Kumnandi kuyasho. Kunciphe ingxoxo kwanda umculo. Nezihloko okukhulunywa ngazo kuzo zombili lezi zinhlelo uyazizwa ukuthi zicatshangisisiwe ngaphambi kokuthi ziphonselwe abalaleli ukuthi baphawule ngazo. Umculo nawo uyasho bo. Uzithola ushaya phansi ngoqukulu ngenxa yobumnandi. Siyethemba ukuthi abasakazi izinga bazoligcina liphezulu ukuze izinombolo zenyuke kakhulu kunokuthi zehle
Sikhona isikhalo “ngenkulumo esilele” kwenziwa izinguquko. Okuncane okubukeka kungahambanga kahle kwenziwa izinguquko wukuthi njengabalaleli bomsakazo singathathwa njengababalulekile. Lokhu ngikusho ngoba ezinkundleni zokuxhumana lokhu okuthiwa yi “clock” yomsakazo u-Ukhozi FM sivezelwe ingxenye yayo. U-Ukhozi FM lusakaza amahora angama-24 futhi zonke izinhlelo zinabalaleli bazo. Ngagcina kukhona abashaya izingcingo ezintatha. Umbuzo wami uthi uma sekwenziwa izinguquko bashiyelweni bona ngaphandle ukuthi bazi futhi baziphawulele ngokuzokwenzeka ezinhlelweni zabo?
Ngokungabi bikho kwezimpendulo umuntu usengagcina eqagela ukuthi lokhu kokukhetha izinhlelo ezithile njengezimqoka kunezinye kungumphumela wokuthi abaphathi yibona abacabangela abalaleli ukuthi bathandani. Lokhu kungaba yishwa nephutha elikhulu. Abaphathi bo-Ukhozi FM kumele bazi ukuthi olwabo ubizo lwehlukile kolwezinye iziteshi zomsakazo. Yikho phela bona besakaza ezemidlalo, ezemingcwabo, imidlalo yomoya, ezenkolo nezabantwana abancane. Futhi u-Ukhozi FM alusakazeli inzuzo kodwa ikakhulukazi ukugcina umphakathi unolwazi. Ngesikhathi eminye imisakazo ijahe ukuduma ngokhehlegume u-Ukhozi luzibalula ngolwazi oluludlulisela emphakathini. Zonke lezi zinhlelo zinabalaleli bazo abadinga ulwazi ngaso sonke isikhathi.
Cishe abalaleli beJazz babheke baze baba mehlwana befi sa ukwazi ukuthi olwabo uhlelo luthinteke kanjani yizinguquko ebezenziwa. Ukhozi lwaduma ngemidlalo yomoya. Cishe abalaleli bemidlalo yomoya nabo bebefi sa ukuzwa ukuthi izinguquko zizobathinta kanjani. Njengeseluleko sale ngosi incwadi kaLiz Gunner enesihloko esithi: RADIO SOUNDINGS (South African and the Black Modern) eshicilelwe yiWits University Press ngowe-2019 ingasiza kakhulu ekucaciseleni abaphathi bo- Ukhozi FM ngeqhaza elibanjwe yimidlalo yomoya kulo msakazo nezingqalabutho zawo ezahlahla indlela ezingathi uma zivuka lapha zibabaze umhlola ngokubukelwa phansi komsebenzi wazo ongaka ezalala ziwushiye ngemuva.
Iseluleko sale ngosi sithi, lonke uhlelo oluse “washini” lubalulekile futhi luthinta abalaleli ngezindlela ezehlukene. Mhlawumbe imfi hlo yokufi nyelela ezigidini ezili-10 kulo msakazo ilele ekuphatheni zonke izinhlelo ngesandla esifanayo. Nokho lokhu akukhona okokujezisa abaphathi bo-Ukhozi FM abakhona. Uyancomeka umsebenzi abawenzayo. Ingosi ifane isika elijikayo nje ngokungabe kwenzeke ngendlela eyehlukile.