Ingilosi yeBlitzbok nethemba lokuqumba izethenjwa
UMsweli uyintatheli yezemidlalo engxile kwikhilikithi nombhoxo.
UMDLALI weqembu lesizwe lombhoxo iSpringbok Sevens uthi sekuyisikhathi sokuthi azenzele owakhe umlando njengoba benzile nabadlali abukela kubona.
U-Angelo Davids oneminyaka eli-19 yobudala ukusho lokho emva kokuthi ebizwe eqenjini elizoba yingxenye yeHong Kong Sevens ngaphansi kweHSBC Sevens World Series. Lo mqhudelwano ozobanjelwa eHong Kong Stadium uzoqala namuhla uze usongwe ngeSonto.
IHong Kong Sevens kulindeleke ukuthi ishube njengoba sekuya ngokuthi isongwe isizini eqale nyakenye. Emva kwalo mqhudelwano kuzosala emithathu okuyiSingapore Sevens, iLondon Sevens bese kusonga iParis Sevens.
UDavids bekumele aqale nyankenye ukuthi amele elesizwe kodwa ngenxa yokulimala kanzima kwangenzeka.
“Unyaka odlule ube ngonzima kakhulu kimina njengoba umqeqeshi uNeil Powell wayengibizile ukuthi ngibe seqenjini kodwa ngagcina ngingadlalanga ngenxa yokulimala kanzima. Isikhathi ekade ngisihleli ngibuka imidlalo ngicabanga ukuthi ngifunde lukhulu. Abadlali engibuka kubona bazenzelile igama labo kuBlitzbok ngicabanga ukuthi manje sekumele ngizenzele elami,” kusho uDavids.
Abadlali lo mdlali abuka kubo uRosko Specman noSeabelo Senatla.
EzikaPowell ziseqoqweni A lapho ziqhathwe khona neJapan Sevens, iScotland Sevens neSamoa Sevens. Umdlalo wokuqala uzoqala ngele-12:06 emini namuhla neJapan, olandelayo ube kusasa ekuseni ngele-05:41 neScotland ivale ngeSamoa ngele-09:22 ekuseni ngoMgqibelo.
“Ngizwa kuthiwa ngimenyezeliwe eqenjini ngeke ngiqambe amanga angikholwanga, ngoba igama lami bengingalilindele. Ukungithemba komqeqeshi kuyangijabulisa kakhulu, ngizimisele ukuthi ngisize iqembu ekutheni lenze kahle njengoba lenzile eVancouver. Ukunqoba kwethu eHong Kong kuzosenza ukuthi sibe sethubeni elikhulu lokuthi uma kusongwa isizini sisesicongweni,” usho kanje uDavids.
Leli qembu lizoya kulo mqhudelwano ngaphandle kukaputeni walo uPhilippus Snyman. Umdlali othole ithuba lokuthi kube nguye umhloli uSiviwe Soyizwapi. Lo mdlali usedlale imiqhudelwano engama-24 washaya amatry angama-77.
I-USA Sevens iyona esesicongweni muva nje ngamaphuzu ali-113, endaweni yesibili kube yiNew Zealand Sevens ngamaphuzu ali-106, kweyesithathu kube iFiji ngamaphuzu ali-101 elakuleli lise ndaweni yesine ngamaphuzu angama-89.
Uma kungasongwa isizini la maqembu eme kanje kobe kusho ukuthi iwona azoba yingxenye ye-Olympics azoba ngowezi-2020 eToyko.
Selilonke iqembu elizomela amaSpringbok Sevens lithakwe kwanje:
URyan Oosthuizen, uSako Makata u-Impi Visser, uZain Davids, uWerner Kok, uSiviwe Soyizwapi ongukaputeni, uKurt- Lee Arendse, uBranco du Preez, uSelvyn Davids, uJustin Geduld, uStedman Gans, u-Angelo Davids noChris Dry.