Kazi yiliphi elingazihlobanisa noDkt uKhoza?



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
USEPHINDE walaxaza elinye ikhaya uDkt uMakhosi Khoza ebekuyikhaya lakhe lesithathu kwezombusazwe eminyakeni emibili. Zili-15 kule nyanga uNdasa uDkt Khoza ubhalele umphathi wenhlangano elwa nokuxhashazwa kwamandla ombuso i-Organization Underdoing Tax Abuse (Outa) uMnu uWayne Duvenage incwadi yesicelo sokwesula kwesokuba umqondisi kule nhlangano. Ushiya kulesi sikhundla nje beziseyisishagalolunye kuphela izinyanga aba mdibimunye nale nhlangano.
UDkt Khoza wazibandakanya ne-Outa emva kokulaxaza iqembu lakhe i-African Democratic Change (ADeC) akamemezela ukusungulwa kwayo ngelokuqala kuZibandlela kowezi-2017. UDkt Khoza wesula kwesobumengameli kuleli qembu emva kokuthi kube khona ukungahoshelani kahle phakathi kwakhe namanye amalungu asesigungwini esiphezulu kuleli qembu okungabalwa kuwo owayeyisekela likamengameli kuleli qembu uMnu uThokozani Msomi, kanye uMnu uMpho Ramakatsa noMnu uLufuno Daniel Gogoro bona ababengamalungu e-Economic Freedom Fighters (EFF) ePhalamende. Kubonakala yayihlukene phakathi i-ADeC ngoDkt Khoza njengoba owayekhulumela leli qembu uNks uFeziwe Ndwayana wayichitha inkulumo kaMnu uMsomi yokuthi ukwesula kukaDkt Khoza kwakungukubalekela ukumiswa kwakhe okwasekuvunyelenwe ngakho ebuholini baleli qembu. Wakuchitha njengamampunge uNks uNdwayana ukuthi kwakunezinhlelo zokumisa uDkt Khoza ku-ADeC njengoba aphinde wabuchitha nobulungu bezimbangi zakhe uMnu uGorogo kanye noMnu uRamakatsa kanti wakuchitha nokuthi uMnu uMsomi wayeyisekela likamengameli kuleli qembu. Washiya izinto zimapeketwane kuleli qembu uDkt Khoza okuyikho okwamenza wathungatha ikhaya elisha alithola ku-Outa.
Ngaphambi kokuthi aqale agcogcome emaqenjini ezepolitiki uDkt Khoza wayeyilungu leqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) abesehlale kulo iminyaka engama-35 ngaphambi kokuyilaxaza ngoMfumfu kowezi-2017. Ekuyilaxazeni i-ANC kwasekukhona ukungahoshelani kahle phakathi kwakhe nobuholi beqembu emva kokuthi ecele esidlangalaleni uMnu uJacob Zuma ukuthi esule kwesobumengameli njengoba emsola ngenkohlakalo. Kulandela le nkulumo ayikhuluma kuConference for Future of South Africa eGoli eyayihlelwe yinhlanganio iSave SA i-ANC yesifundazwe saKwaZulu-Natal yabe isimazisa ngezinhlelo zayo lokumqondisa ubugwegwe. I-ANC yakulesi sifundazwe yasola uDkt Khoza ngokuba unontandakubukwa ngenkulumo yakhe eninda uMnu uZuma ngenkohlakalo eyabe isimyalela ukuthi evele phambi kwesigungu sayo esiqondisa ubugwegwe. Alubange lusamfica lolu suku njengoba wamemezele ukwesula ku-ANC sekusele izinsukwana avele phambi kwesigungu esiqondiswa ubugwegwe.
Kuke kwaba nokusola ukuthi uDkt uKhoza wesula ku-Outa ngoba eseyoba ilungu leqembu eliphikisayo i-Democratic Alliance (DA). Yize lezi zinsolo beziqina kodwa ukubize ngamampunge lokhu uDkt uKhoza njengoba esole leli qembu ngokungavikeli izinhloso zaboHlanga. USihlalo wesigungu esiphezulu kuDA uMnu uJames Selfe uvumile ukuthi eminyakeni emibili eyedlule bazama ukumheha uDkt Khoza ukuthi athathe ubulungu kuDA kodwa kwangaba yimpumelelo. Okwamanje uMnu uSelfe uthi basalinde ukuzwa kuye uDkt Khoza ukuthi akakawuguquli yini umqondo ngeDA.
Okucoshekayo ngencwadi yokwesula ku-Outa kaDkt uKhoza ukuthi uveze elokuthi usazoqhubeka nokulwela iqiniso nobulungiswa eNingizimu Afrika okushiya umcabango wokuthi kungenzeka kukho la eya khona. Nakuba igama lakhe laziwa kwezombusazwe kodwa indlela awalaxaza ngawo amaqembu kungase kuwenze angajeqezi ngakuye uDkt uKhoza. Yize enconywa ngokuba nesibindi sokungesabi ukubhekana nombuso kanye namalungu eqembu akulo kodwa lokhu kungaphinde kumenze abe nyamanambana kwamanye amaqembu ngokusaba ukuthi uzofike akhombise ukungalawuleki njengoba kwenzeka ngesikhathi eseku-ANC elwisana nobuholi obuphezulu kwaphinde kwenzeka okufanayo ngesikhathi eseku-ADeC lapho khona iqembu lehlukana phakathi ngenxa alawula ngayo. Nakhona ukushiya isigubhukane ku-Outa kuyasolisa kwabanye njengoba eseke wabhekana nezingqinamba eziningi njengomqondisi kule nhlangano eyagqama kakhulu okwaba eyangesikhathi egxeka umholi weDA uMnu uMmusi Maimane ngesithombe ayesifake kuTwitter ephuza umqombothi. Wamgxeka ngokuthi uzama ukuzenza owoHlanga. Wathola okukhulu ukugxekwa ngalesi senzo okwaphoqa isikhulu se- Outa uMnu uDuvenage ukuthi ayiqhelelanise le nhlangano nale nkulumo, okwalandelwa ukuthi naye uDkt Khoza ayihoxise.
Umbuzo ofikayo emva kokubuka indlela aziphathe ngayo uDkt Khoza kule minyaka emibili eyedlule uthi; ‘Ngabe likhona yini iqembu elisafisa ukuzihlobanisa naye?’