Now Reading
Amathunzi ayewukela ngemizi emakhaya
Dark Light

Amathunzi ayewukela ngemizi emakhaya

NGEMUVA kweminyaka i-Ingonyama Trust Board (ITB) inxenxa izikhungo ezibolekisa ngemali ukuba zisondele kubantu abahlala ezindaweni ezingaphansi kwaMakhosi, isiyalokoza inhlansi yethemba lokuthi amabhange asezokwazi ukusiza le miphakathi ngemali ekwakheni imizi.

Nakuba abantu basemadolobheni amabhange ebaboleka imali kalula, kodwa abasemakhaya abakutholi lokhu ngenxa yokuthi ababolekisa ngemali besaba ingozi yokulahlekelwa uma obolekiwe esehluleka ukuyibuyisa.

Isizathu sokungavumi kwamabhange ukuboleka abantu basemakhaya imali uma befuna ukwakha yingoba awayamukeli incwadi ebizwa ngePermission To Occupy (PTO) ebinikwa abantu abahlala kulezi zindawo njengobufakazi bokuthi bayizakhamuzi. Phakathi kokunye amabhange aveza ukuthi iPTO ayichazi ukuthi onayo ungumnikazi womhlaba.

Ngokubona ukuthi abantu abahlala ezindaweni zaMakhosi babhekene nalo mgoqo, ngowezi-2016 iSILO sajuba i-ITB ukuba icwaninge ukuthi hlobo luni lwetayitela elingathuthukisa izizwe lapho abantu befisa ukuboleka imali yokwakha emakhaya.

Kube sekuqala izingxoxo phakathi kwe-ITB namabhange okuthe ngoLwesibili yabikela aMakhosi emhlanganweni ebeliwubambe nawo eThekwini ukuthi sekuqala ukukhanya njengoba sekufikwe ephuzwini lapho kubonakala sengathi luyagoba uphondo kwabamabhange futhi lezi zikhungo kubukeka sezizothatha umhlaba obhekwe yi-Ingonyama Trust ngendlela efanayo nowezinye ezingekho ngaphansi kwaMakhosi.

Nokho lokhu kuzoncika ekutheni abafuna ukusizwa ngemali bayahlangabezana yini nemigomo yamabhange njengokuba nencwadi yesivumelwano sokuqasha (lease agreement) evela kwa-ITB.

Ukumba eqolo komhlaba nemizi ezindaweni ezisondele emadolobheni nokulandela inkaba kwaboHlanga ngezinye zezizathu ezidale ukuthi sande isibalo sabantu abakha ezindaweni zasemakhaya. Ezindaweni ezingaphansi kwaMakhosi njengaseMbumbulu, e-Adams Mission, eMgababa, KwaDukuza, Ozwathini naKwaDlangezwa ngezinye esezinemizi esezingeni eliphezulu kodwa abanikazi bazo abadonsa kanzima ngoba amabhange engakwazi ukubasiza ngemali ngenxa yokungayamukeli iPTO.

Ethulela aMakhosi lezi zindaba uMnu uBongani Ngcobo obhekele ezomthetho ku-ITB, uthe selilide ibanga eselihanjiwe ezingxoxweni zabo namabhange futhi ukukhanya sekuyabonakala.

“Ngokujwayelekile ukwakha umuzi kuyefana nenzuzo, kuthatha isikhathi eside futhi kubiza imali eshisiwe. Bambalwa kakhulu abantu abanemali yokwakha baze baqede, imvamisa kuba nzima kubantu abaningi ukuqedela ukwakha ngenxa yokungeneli kwemali.

Ngaleyo ndlela kudaleka ukuthi isizwe sehlukane phakathi ngendlela imizi eyakhiwa ngayo,” kusho uNgcobo.

Uthe abantu abahlala emadolobheni bakwazi ukwakha imizi emihle ebiza imali eshisiwe ngoba banamatayitela abawasebenzisa njengesibambiso ezinhlakeni ezibolekisa ngemali.

UNgcobo uthe ukungasizakali kwabantu basemakhaya kudala ukuthi izindawo zabo zingathuthuki ngezinga elifanele ngenxa yokuthi abanawo amathuba afanayo nabasemadolobheni kwazise amabhange ayababandlulula.

See Also

Uveze ukuthi isivumelwano sokwakha umuzi sizoba iminyaka engama-99 kuthi eyemabhizinisi izohlala iyiminyaka engama-40.

Mayelana nezindleko, uthe zizokhokhwa yilowo obelekwe imali kuthi lapho kudingeka khona ingqalasizinda kungenelele uHulumeni

UNgcobo ukugcizelele ukuthi kulolu hlelo akekho ozonikwa itayitela noma kudayiswe umhlaba ngoba uyohlala ungowenkosi.

Uthe imininingwane egcwele ngalolu hlelo izokwaziswa aMakhosi neMikhandlu yawo ngesikhathi uhlelo lusaqhubeka.

UMehluleli uJerome Ngwenya onguSihlalo we-ITB, uqinisekise aMakhosi ukuthi akekho umuntu oyodlelwa umuzi uma ehluleka ukubuyisa imali ayibolekwe ibhange. Uthe zikhona izindlela ezizosetshenziswa ukugwema lokhu.

“I-Ingonyama Trust izokuqinisekisa ngayo yonke indlela ukuthi akekho umuntu onelungelo lokuhlala abe nomuzi endaweni yeNkosi ozolahlekelwa ilungelo lokuba umnikazi womuzi ngenxa yokuthi wehluleke ukukhokha. Ilungelo lobuninimuzi livikeleke ngokoMthethosisekelo ngakhoke ngingakuqinisekisa ukuthi ngeke kwenzeke lokho,” kusho uMehluleli uNgwenya.

Scroll To Top