Now Reading
Izindawo zokungcebeleka nomthetho wokuvikela izihambeli
Dark Light

Izindawo zokungcebeleka nomthetho wokuvikela izihambeli

IZINDAWO zokungcebeleka zithathwa njengeziwuqinisa kakhulu umthetho nokuphepha ngoba zihanjelwa izivakashi zamazwe ngamazwe kanti nezigilamkhuba zihlala njalo zizibhekile ngoba ziyazi ukuthi abazihambelayo basuke benemali nempahla.

Ngabe lezi zindawo ziyalithwala yini ijoka uma sekwenzeke isigameko esithile esingesihle kulowo osuke ehambele kuso njengokudlwengulwa. Ecaleni likaBridgman NO v Witzenberg Municipality (JL and another as third parties) ngowezi-2017 kwenzeka lokhu: owesifazane oneminyaka yobudala eli- 18 owaziwa ngoNks L owayenokudideka okuncane emqondweni, wadlwengulwa endaweni yokungcebeleka iPine Forest Resort ngaphandle kwaseCeres. Indawo yaseCeres iyingxenye kaMasipala okwakhiwe kuyo le ndawo yokungcebeleka. Abendawo yokungcebeleka njengabo uNks uL ayefikele kubo futhi njengabanikazi bendawo babeka icala uMasipala befuna ukhokhe namadameshe ngokwenzekile.

Okwakukhulunywa ukuthi ngabe isenzo sokudlwengula sidalwe ukunganaki nobudedengu noma indlela uMasipala nabasebenzi bawo abenza ngayo umsebenzi enokuqaphela kodwa bagxile kuphela kulokhu abaqashelwe khona. UMasipala wakuchitha ukuthi unesandla kokwenzekile. Wavuma kodwa ukuthi uma kukhona ubudedengu ngasohlangothini lwawo, bangasho ukuthi lobo budedengu babo baba nesandla ekudwengulweni kukaNks L, kanjalo nabazali bakhe baba budedengu ngokuthi bangayibheki ngaso sonke isikhathi indodakazi yabo ekubeni babazi kahle kamhlophe ukuthi yayingaba ukudla kwezigilamkhuba ngenxa yokukhubazeka kwayo.

UMehluleli uDonen wanquma ukuthi indlela okungatholwa ngayo ukuthi ngubani owaba sephutheni incike endleleni yokuziphatha komphakathi ngakwezomthetho. Isinqumo sakhishwa ngokubheka indlela yokuziphatha komphakathi encike kuMthethosisekelo wezwe. Ngenxa yeqhaza lawo kuMthethosisekelo nangokuthi yiwo ophethe futhi olawula le ndawo ukuhluleka kukaMasipala ukuvimbela ukudlwengulwa kwale ntombazane kwaba yiphutha. Umbuzo wokuthi uMasipala waba nobudedengu, inkantolo yaveza iphuzu lokuthi isenzo sokudlwengula senzeka emuva kombiko wokuntenganenga kwezokuphepha kule ndawo yokungcebeleka.

Unogada owethula ubufakazi egameni lendawo yokungcebeleka wayemile kwelokuthi ezokuphepha zazingaqinisiwe ngelanga lesigameko. Okwadingidwa sakuvivinya iphuzu elikhuluma ngobudedengu kwaba ukuthi uMasipala awuzange wenze lutho ukugwema lesi simo noma wabe usuwazi ukuthi izigameko zobugebengu sezike zenzeka kule ndawo ngaphambilini ngaphambi kwalesi sikaNks L. Ngenxa yalokhu inkantolo yaveza ukuthi ukudlwengulwa komuntu ngaphakathi kwakuyinto eyayilindelekile. Inkantolo yabuye yaveza ukuthi babengebaningi abasebenzi ngelanga lesigameko kule ndawo, okwenza nabenzi bokubi bakwazi ukuzichanasela. UMasipala kuthi waba nesandla ekudlwengulweni kukaNks L ngokunganaki kwawo.

See Also

Owayefake icala okwaba isikhungo sezokungcebeleka kwamele sinxeshezelwe ngenxa yesigameko esenzeka, kanjalo nomgilwa. Ulwazi olwaluphambi kwenkantolo lwaluthi uNks L akakaze avume ukuthi abagilwa baye naye ocansini okucacayo ukuthi wathathwa ngaphandle kwemvume yakhe wase ehlukunyezwa ngokocansi. Izindleko zokuhlukunyezwa kwakhe okuwubuhlungu abuzwa, ukushaqeka kwanqunywa ukuba akhokhelwe izindleko zama-R750 000. Kule mali kwafakwa izindleko zokwelashwa nokuhambela odokotela. UMasipala waphoqwa nokuthi ukhokhe imali engama-R780 780 zecala.

Ummeli uHeinrich Schulze uneziqu zezomthetho iBLC, LLB (UP) LLD azizuza eNyuvesi i-Unisa. UnguSowazi ophikweni lwezomthetho e-Unisa

Scroll To Top