Now Reading
ISILO esithi akwenzeke eMoses Mabhida ngoNdasa
Dark Light

ISILO esithi akwenzeke eMoses Mabhida ngoNdasa

ISIGODLO oSuthu sinomlando ojulile kwaZulu. Ngaphandle nje kokuthi siyikhaya likaZulu wonkana, kwabe kuyiSigodlo sikaDlothovu dlana abantu bakulingene, uDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yelanga. Uliso lifana nonyazilwezulu umuntu angathi ngelengwe athi ngelengonyama. Yilapha uDlothovu aphuma khona okokugcina namagumgedlela amaNgisi eboshwa ngecala ‘lokuvukela uMbuso’.

Uma uphakamisa amehlo kukhona iSigodlo eNyokeni lapho kwakuhlala khona iNdlovukazi okaMsweli ozala uDlothovu. INdlovukazi okaMsweli: ‘Inqukumbane uyawahlupha amakalishi, uSokhabase okhabe abafazi wakhaba amadoda, undaba zisemabilweni zisemagilweni’, njengendodana kanye nenye iNdlovukazi kaZulu uMthaniya, okaMsweli unomlando ohlonishwayo kwaZulu. Ingani yiyo okwathi indodana yayo, uDlothovu iboshiwe esiqhingini iSt Helena yabamba iSihlalo, lathula izwe lathi du.

Kube ngenxa yalo mlando uhambo lo mculi kaMasikandi uKhuzani Mpungose odume ngeleNdlamleze libe mqoka nokuyinto Ongangezwe Lakhe, onguDlothovu ophilayo akugcizelele. Lo mculi nethimba lakhe abebebonakala ukuthi bathukile bafike ngesikhathi njengoba izwi lakoMkhulu labe lithe akuthi kushaya elesi-9 ekuseni babe sebesesangweni. Nembala kube njalo. Kuthe bangafika kwalandelwa inqubo yakoMkhulu lapho induna yeSigodlo uMnu uSibiya ibethulile koMdala ukuthi sebekhona. Bethulwa nje impunga iNyosi uBuzetsheni Mdletshe useqalile ukubikela iZinyandezulu , abanikazi besizwe amahwanqa! Konke lokhu kwenzeka ngasikhathi sinye nokwenzeka lapha eSigodlweni kube nesizotha esimangalisayo. Isimo sezulu naso ngathi besiyingxenye njengoba kunede kwenziwa lokhu labe selithela amathe ezimpukane nokuhunyushwe ngabaningi ngokuthi uhambo lolu luvunyiwe.

Ekwamukelweni ngoNgangezwe uMpungose ubeke umlandu kanjalo nomqondo wejadu elizoba ezinkundleni iMoses Mabhida mhla zingama-30 kuNdasa nonyaka. Lokhu uKhuba ukwethule njengento engaphezu kwakhe: “SILO lo msebenzi ngabe ngikhuluma iphutha uma ngithi ngowami siqu kepha mkhulu kunami ngoba ngowawo wonke amaciko kaMasikandi. Uma kude kuvela elami igama kungoba ekugcineni kumele kube nomuntu okuphoswa kuye imibuzo nohlelayo,” kusho uKhuba obekubonakala ukuthi indawo ami kuyo imethusile.

OMdala uqale ngokumqinisa idolo ekutheni angathuki utuse kakhulu umcabango wokubungaza lolu hlobo lomculo nathe lunguZulu. “Angiqale ngokunifundisa ngobumqoka bendawo enikuyo namuhla. NiseSigodlweni sikaDlothovu owathatha iSihlalo emncane kakhulu njengoba umunwe womlando wamkhomba eneminyaka ebalelwa kweli-16. Nokwathi ngezenzo watshengisa ukuthi abantu abasha kwaZulu uma behluzile ekhanda futhi bezihlonipha bangabakha uBukhosi. Ngalokhu ngithi akubanga yiphutha ukuthi uthi umncane kangaka bese ufikelwa yilo mbono futhi bese uzowethula kimi lapha Osuthu”, kusho OMdala emamatheka.

Khona lapho ube esexwayisa ngokuthi lo msebenzi ukuze uphumelele kuyomele kube khona okuqashelwayo nathe uma kungaqashelwanga kungahle kudunge into ebiyinhle.

“Ndodana ungangenwa yisilingo sokwenza lo msebenzi ukuthi ube ngawe. Akuwena wedwa umculi kaMasikandi kepha ungene endimeni esiyahlakulwa ngabaningi abanye abangasekho emhlabeni kanti abanye bakhona kepha esabo isikhathi sesedlule. Ngenxa yalokhu kuyoba kuhle ukuthi uma sezikleliswa izinsizwa nezintombi uhlu luhlanganise wonke umuntu ngoba okumqoka wukuthi kuphakanyiswa lo mculo wami”, kusho Ongangezwe Lakhe.

ISILO seluleke abagqugquzeli ukuthi bakuqonde ukuthi isithunzi somsebenzi abawuhlelayo simqoka nesithe uma bewuhlela futhi bewubamba budlabha uyothunaza hhayi bona kepha umculo kaMasikandi nesizwe.

See Also

“Uma sekuyiwa enkundleni (iMoses Mabhida) ngifisa niye nimoya munye, niye njengezingane zesizwe, amaciko esizwe. Ningavumi ipolitiki endimeni yenu kanye naleyo yamaqembu ezepolitiki inidunge. Qaphelani ukuthi lo msebenzi omuhle wenzeke ngesikhathi kukhankaswa ngakho nani kuhlonipheni ukuthi abalandeli balo mculo bathanda amaqembu ehlukene ngakho ningabonakali senihlukanisa abantu phakathi, okwenu wukucula umculo oletha ithemba kubantu abasha nabantu nje jikelele,” kububula iMbube yomhlaba.

Ithimba likaMpungose lixoshiswe ngesithole esiyisomi kwathi uMpungose yena wakhuleka koMdala ngenkabi empofu nesithole esinsudu. Izindaba zokuvela kukaMpungose koMkhulu zinanelwe nangumphakathi owakhele iSigodlo abantu bebengaphezi ukucela ukushaya

izithombe kanti naye uKhuba ugcine eseyohlonipha iNdlovukazi okaMsweli esikoleni esethiwe ngayo nayilapho abafundi nothisha behlulekile ukuzibamba basholo phezulu ngelikaKhuba ….

Scroll To Top