Izinyunyana kuleli sezimi ngomumo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
WONKE umuntu uselinde usuku lokhetho lukazwelonke nokulindeleke ukuba lube ngoNhlaba. Abanye abalindele lolu suku kubukeka kuyizinyunyana nokulindeleke ukuthi zingene emgwaqweni zifuna okwahlukahlukene kumqashi. Lezi zimfuno zisuka emaholweni aphilisayo, ezokuphepha emsebenzini nezokuvalwa kwezimboni. Omunye angazibuza ukuthi kungani izwi lezinyunyana ekade zithule selizozwakala ngalesi sikhathi.
Uma kuqhathaniswa nokhetho olwedlule kuyaqapheleka ukuthi njengeminye yemiphakathi kuleli, izinyunyana seziyazi ukuthi kuba nomvuzo ukufaka uHulumeni noma iqembu elibusayo ingcindezi uma sekusondele ukhetho. Esisematheni kulezi zinsuku isiteleka yileso esiholwa yi- Association of Mining and Construction Union (Amcu) nesesithathe izinyanga ezimbili. Lesi siteleka okwamanje sisabhekene neSibanye-Stillwater Gold and Platinum. Kuthangi lokhu iNational Union of Mineworkers ihole izisebenzi ezibalelwa ezi-2 000 ezivela e-Optimum Colliery eKoornfontein, eMpumalanga, ukuya e-Union Buildings, lapho iNUM isabise ngokuvala ingxenye ethile ukuzwelana nabasebenzi basezimayini baseKoornfontein uma abakufunayo bengakutholi. Okunye okuzonyakazisa izinyunyana kuleli wukuthi okokuqala emlandweni wokhetho kuleli kubhalise inhlangano yabasebenzi Socialist Revolutionary Workers Party (SRWP). Njengoba negama lenhlangano lizisho izogovuza abasebenzi. Iyodwa indlela yokwenza lokho nehlale iphumelela – wukuba nesiteleka. Ngakho elakuleli alilindele iziteleka nonyaka zonke okuzobe kuhloswe ngazo ukufaka ingcindezi