Now Reading
Babona ivoti lingabalamulela abaseXolobeni
Dark Light

Babona ivoti lingabalamulela abaseXolobeni

KUNGENZEKA yini ukuthi umphakathi waseXolobeni e-Eastern Cape ugcine uyikhombise ngokusobala okhethweni oluzobanjwa ngoNhlaba kuleli intukuthelo yawo ngodaba oluthinta imayini njengoba kunezinkomba zokuthi uHulumeni akazimisele ukugoba uphondo kulokhu okufunwa umphakathi. Emhlanganweni wangoLwesithathu obubizwe uNgqongqoshe Wezokumbiwa uMnu uGwede Mantashe ngehloso yokuzozwa uvo lomphakathi njengokuyalelwa yinkantolo, abanye bazwakale sebethi sebeyolanyulelwa ukuvota ngendlela kuphela ezobenza baxole ezinhliziyweni ngoba sekucacile ukuthi ingcindezi kaHulumeni izogcina ibanqobile.

Indawo yaseXolobeni engaphansi kukaMasipala omkhulu iMbizana iyisizinda sikaKhongolose futhi yilapho kwazalelwa khona uNkk uWinnie uKaMadikizela Mandela. Ngisho nengane ekhulayo kule ndawo iyazi ukuthi i-ANC yiyona nhlangano elandelwayo endaweni. Ukudlula emhlabeni kuKaMadikizela Mandela kuphinde kwayiqinisa kakhulu i-ANC kule ndawo ngoba abantu bakhona bayazigqaja ngomlando obahlanganisa naleli qhawekazi. Muva nje udaba lwemayini nezinkulumo eziqubukayo uma kunemihlangano emikhulu ethinta lona isiyenza abanye bacule enye ingoma ngeqembu elibusayo. Bakholelwa ukuthi yilo elibadayisayo. Lolu daba ludala, abanye sebeze bathi selunesidumbu phansi. Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni emibili eyedlule kwabulawa uMnu uSikhosiphi ‘Bazooka’ Radebe owayenguSihlalo wenhlangano yomphakathi i-Amadiba Crisis Committee (ACC). Le nhlangano yabunjelwa ukuvikela umhlaba ukuba ungasetshenziselwa imayini.

Kunenkolelo kwabanye bomphakathi namalungu omndeni ukuthi ukufa kukaBazooka kwabe kuyinto ehlelwe yilabo abahambisana nokuba kube khona imayini.

Okuhlukanisa umphakathi yigunya elinikwa inkampani iTransworld Energy and Mining Resources (TEM), eyinkonyane yenkampani enkulu yase- Australia iMRC. Le nkampani ibinikwa igunya nguhulumeni ukuba imbe iTitanium kule ndawo. Kwabanye lokhu bekusho amathuba emisebenzi kanti kwabanye bekusho ukunukubezwa kwemvelo nokuhamba komhlaba wokhokho. Ngokubona ukuthi uMnyango oholwa nguMantashe uwela ngasekunikeni igunya kuTEM, i-ACC idlulisele udaba enkantolo imangalela uMnyango kanye nenkampani. UMehluleli u-Annali Basson esinqumweni sakhe wathi umphakathi unelungelo odabeni lobunini bomhlaba wabe esenquma ukuthi uNgqongqoshe kuyomele athole igunya emphakathini ngemayini. NgoLwesithathu intukuthelo yomphakathi iphinde yabonakala ngendlela amukelwe ngayo uMantashe ngisho nangaphambi kokuba aze abeke abeze ngako.

Ukuhambela kukaMantashe lapha bekuhambisana nomyalelo weNkantolo iNorth Gauteng okuyiyo eyakhipha isinqumo. UNks uNontle Mbutwana we-ACC uthe uhulumeni uphezu kwamaqhinga futhi konke akushoyo ngokuthi ukuba khona kwemayini kule ndawo kuzokhulisa umnotho kuthuthukise nezokuvakasha kuwukubashaya ngemfe iphindiwe.

See Also

“Amanga aluhlaza cwe lawo, bona abasitshele ukuthi yini abaphezu kwayo kunokuthi bazosehlukanisa siwumphakathi,” kusho uNks uMbutwana. Uthe sebezovikelwa inkantolo kulolu daba. Omunye obelilungu le-ACC uMnu uSimlindile Matshekeza uthe uthathe isinqumo sokuphuma ekomidini ngoba ebona ukuthi baqhwanda ndawonye. Uthe bafike bahlele ngabazokwenza njengomphakathi bavumelane, kodwa kuthi ekugcineni kufike abelungu abathile baguqule konke okusuke sekukhulunyiwe okuyinto abasola ukuthi basuke bethunywe nguhulumeni.

UMantashe uthi yena ukwenzile obekumele akwenze njengokuyalelwa inkantolo, ingcabha isisemphakathini. Uthi akubonile kwehlukana phakathi kwekomidi ngalolu daba. Phambilini uMantashe akazange akufihle ukungenami kwakhe ngesinqumo senkantolo, esho nokusho ukuthi singase sisho ukuthi ngeke kube nezimayini kuleli.

Scroll To Top