Inkukhu iyawusola umgqakazo ngokhetho eDRC
UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
INKUKHU isiqalile ukuwusola umgqakazo ngokhetho lwaseDemocratic Republic of Congo (DRC) okubhekeke ukuba lubanjwe ngoZibandlela njengoba abamaqembu aphikisayo esenqindwe amandla abekelwa nemibandela yokungenela ukhetho.
Okugqame kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi lolu khetho, (uma kwenzeka lubanjwa) angeke lube ngolukhululekile kube wukuvinjwa kowayeyiSekela likaMengameli uMnu uJean- Pierre Bemba, ukuba alungenele.
UBemba uthathwa njengembangi enkulu kaMengameli uJoseph Kabila. Abantu baseDRC bayazifela ngaye emuva kokubuyela ezweni emuva kweminyaka engama-20 esekudingisweni.
NgoMsombuluko iKhomishini Yezokhetho eCongo yeseke isinqumo sokuvimbela uBemba ukuba angenele ukhetho ngoba ithi udaba lwamacala akhe eNkantolo Yomhlaba Yamacala Obugebengu i-International Criminal Court (ICC) alukaphothulwa. NgoNhlangulana le Nkantolo yawahoxisa amacala akhe okubhebhezela izimpi enziwa amabutho akhe eMovement for the Liberation of Congo.
Kwenzeka konke lokhu nje abantu abangabokudabuka eDRC asebezinze eNingizimu Afrika banezifiso zokubuyela ezweni labo njengoba ekhula amathemba okuthi luzogcina lubanjiwe ukhetho.
Kukhona ukuba manqika ngesimo sezepolitiki nokungabikhona kozinzo nakuba kubajabulisa ukuthi ukhetho uma lubanjwa kungenzeke kuphele ngoMengameli uKabila.
Bathi njengoba ukhetho lwaseZimbabwe luhambe kahle kungenzeka kube esifanayo nakolwaseDRC.
Ngaphandle kokhetho lwaseDRC elinye izwe elibhekiwe kulo nyaka elizobamba ukhetho e-Afrika, iCamerron osekuphele iminyaka ibuswa uMengameli uPaul Biya.
Abantu baseDRC bathi amathemba abo sebewabeke enhlanganweni yezizwe ukuba ibuyisele uzinzo ngoba bakholwa ukuthi uKabila angeke avume ukushiya isikhundla noma sekucacile ukuthi ukhetho luzomphika.
Bakholwa ukuthi uma lingagudluka itshe elinguKabila bangabuyela ngobuningi ezweni ngoba kuningi okwabalahlekela empilweni ngokushiya amakhaya abo kokuba kuyiwe okhethweni ngowezi-2006 lapho wanqoba khona izikhathi zilandelana.. UKabila usephathe eDRC kusukela ngowezi-2001 emuva kokubulawa kukayise owayenguMengameli uLaurent Kabila.
Waphatha njengoMengameli wesikhashana kwaze kwaba owezi-2006 ngaphambi Njengamanje usonyakeni wesikhombisa ephethe ekubeni kwakumele aphathe iminyaka emihlanu bese kubanjwa ukhetho. NgokoMthethosisekelo waseDemocratic Republic of Congo ubengasavumelekile ukuqhubeka nokuphatha futhi engeke esakwazi nokungenela ukhetho.
Okukhalisa kakhulu abantu baseDRC nabamaqembu aphikisayo ukuthi emuva kwesikhathi eside ebika imbiba nebuzi ngokhetho, uzophinda futhi alungenele okungathi uma engaphumeleli kuqubuke udlame.
Abaholi bezenkolo phambilini abebehambela kude nepolitiki yezwe sebehlulekile ukuzibamba. Muva nje basanda kuxeka uKabila ngokuqasha abehluleli abasha abathathu enkantolo yomthethosisekelo abaziwa ngokuba nobuhlobo obuqinile naye. Abantu baseDRC abafisa ukuthi kugwemeke kuleli lizwe elimaphakathi ne-Afrika ukuqala phansi kwezimpi ezadlula nemiphefumulo eminyakeni edlule.
Abakushoyo ukuthi uma lokhu kwenzeka, babona isimo singaba sibi kakhulu kakhulu kunakuqala ngoba abantu sebebaningi futhi sekuvumbuke namaqembu amaningi ezepolitiki abheke ukuthi kube khona akutholayo emuva kokhetho.
Inhlangano yezizwe iyona esithwele kakhulu amathemba omphakathi okuba incenge uKabila ehlele ngezansi ukuze leli lizwe lingabalwe namanye abubuzelwe udlame lombango wezepolitiki oluqhubeka umshoshaphansi njengaseLibya, eNigeria, eSomalia naseSouth Sudan. Njengoba ikhula ingcindezi yokuthi uKabila ashenxe esikhundleni, naye eqhubeka nokushaya phansi ngonyawo, isimo sezokuphepha ezweni naso siya ngokwehla. Njengamanje izifundazwe ezili-10 kwezingama-26 zaseDRC zivivela impi osekwenze kwabaleka abantu abalinganiselwa ezigidini ezimbili emakhaya , kubona okukhona izingane eziyizi-800 000.
Isibalo sabantu asebeshiye amakhaya sesilinganiselwa ezigidini ezingama-4.5. Abantu babalekela emazweni angomakhelwane njenge-Uganda, iTanzania, i-Angola neZambia. Isimo simanzonzo esifundazweni iKasai nasezingxenyeni ezisempumalanga kanti kunovalo lokuthi isimo singakungabibi bikho kozinzo singasabalala nakwezinye izingxenye zezwe.
Sekubikwe ukuthi sekunamaqembu ezihonga angaphezulu kwama-70 asesungule izinkambi ngaphakathi ezweni. Kuzokhumbuleka ukuthi ngowezi-2012 kwakuneqembu lamavukelambuso iM23 elalingenise esifundazweni iGoma kodwa elagcina lihlakazwa amasosha kaHulumeni ayesekwa i-United Nations.
Noma ezokubulawa kwabantu zikhulunyhelwa phansi kodwa kunemibiko ethi sekufe abantu abangama-3000 njengoba abantu abebehlala eKasai sebeze babalekela e-Angola.
Ngonyaka odlule kwaqubuka impi phakathi kwabantu basesifundeni iTwa neBantu eTanganyika. Lowo msindo wanabela nakwezinye izifundazwe njenge-Uyira ngaseLake Tanganyika.
Noma sekungenelela abamabandla uKabila ubonakala engazimisele ngokuphuma esikhundleni. Ngonyaka odlule amaKhatholika enza isivumelwano naye kodwa lokho kwangathela zithelo ngoba kwagcina ngokubulawa komholi weqembu eliphikisayo u-Étienne Tshisekedi. Izazi kwezepolitiki eDRC zithi ukhetho olungase lubanjwe ngoZibandlela mancane amathuba luhlanganise imihlathi eyazanayo. Omunye ongase angenele lolu khetho okuthiwa angase akwazi ukuhlanganisa imihlamnbi eyalanayo uMoïse Katumbi.
Usekwazile ukuhlanganisa amaqembu aphikisayo ukuze akhiphe esikhundleni uKabila. Muva nje imizamo yakhe yokuphatha iDRC kubonakala ingase ingaphumeleli njengoba kusanda kuvela ukuthi unobuzwe base-Italy. Ngaphansi koMthethosisekelo waseDRC, umuntu wakhona akakwazi ukuba nobuzwe emazweni ehlukene abe nobuzwe obubili.
UMengameli waseBotswana uMokgweetsi Masisi ungomunye wabaholi asebephumele eshashalazini bagxeka uKabila ngokungafuni ukuphuma esikhundleni.