Now Reading
UDladla uthi sebenalo iqhinga ngemidlalo elandelayo
Dark Light

UDladla uthi sebenalo iqhinga ngemidlalo elandelayo

UMQEQESHI weqembu eligijima kuNational First Division (NFD) iReal Kings ubona bengeke baphinde iphutha abalenze kumasizini amabili edlule.

USimo Dladla uthi sebesibonile isisombululo senkinga ebiyenza bahluleke ukudlala imidlalo yamaplay-off okungena ku-Absa Premierhip.

Ngesizini yangowezi-2016/17 leli qembu lahlukela lancama ukudlala amaplay-off, lagcina lilele endaweni ye-13. UDladla uthi okwababulala ukungabi nabo abadlali abanamava.

Ngesizini edlule impelasonto nempelasonto leli qembu belesekwa iwona wonke umthandi kanobhutshuzwayo wasesifundazeni iKwaZulu-Natal ukuthi linqobe khani lizoya kodlala amaplay-off. Kodwa konke lokho akusizanga njengoba ligcine lilale endaweni yesine. Amaqembu agcine ekwazile ukuthi adlale amaplay-offs, iBlack Leopards esigijima ku- Absa Premiership kanye neJomo Cosmos yona esazoqhubeka igijime kuNFD.

“Sihlale phansi singabaqeqeshi nabaphathi saqhamuka nesisombululo sale nkinga esicabanga ukuthi sesisitholile. Inkinga yethu ukuthi uma siqala isizini sivele sizithele ngabandayo bese siphaphama amanye amaqembu asesishiya ngamaphuzu amaningi,” kusho uDladla.

IKings inethuba elikhulu lokuthi ivule kahle njengoba izodlalela umdlalo wayo ekhaya lapho izobhekana neWitbank Spurs.

Ngesizini edlule la maqembu ebhekene emdlalweni wokuqala, iKings yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni. Emdlalweni wesibili iSpurs sabuyisa izinduku zinqoba ngamagoli amabili kwelilodwa.

Eqhuba uDladla uthe kulokhu bafuna ukuthi beqale ngegiya eliphezulu.

“Ngesizini edlule sidlale ngokulingana imidlalo emihlanu sazonqoba owesithupha amanye amaqembu asephambili kunathi ngamaphuzu amaningi. Kule sizini sifuna ukuthi sishintshe ukwenza ngokuthi imidlalo yethu eli-10 sinqobe noma eyisi-6 singahlulwa. Konke lokhu esikufisayo ikhona esikugcwalise emakhanda abadlali ukuthi bazi ukuthi sifunani kakhulukazi masidlala ekhaya,” kubeka uDladla.

IBAYEDE imbuze ukuthi ukuhamba kukanozinti weqembu uRicardo Goss osezogijima kuBidvest Wits ngabe lokho ngeke kubulale yini izinhlelo zabo.

Uthe; “Khona silimele kakhulu kodwa uGoss besingeke simvimbele ethola amadlelo aluhlaza. Sinaye unozinti esikholelwa ukuthi uzosivala isikhala sakhe (uGoss) ngoba ubenathi kusukela sigijima ku-ABC Motsepe League. Okungijabulisayo ukubuya kukaBrian Hlongwa esimboleke ku-Orlando Pirates, ibisimfuna kodwa igcine ingamthathanga udlale imidlalo engaphezulu kwengama-25 ngiyajabula ngokuthi uzoba ingxenye yeqembu nakule sizini,” usho kanje uDladla obelokhu ekhale njalo ngoGoss kodwa emfisela okuhle kodwa.

See Also

Ephetha lo mqeqeshi uthe amathemba abo phambili kulesizini bawabeke kuPappy Fatty owake wagijima kuWits. Lo mgadli emidlalweni yePremier’s Cup uvalele amagoli amabili emdlalweni emibili.

Kulindeleke ukuthi anqobe wonke amaqembu akulesi sifundazweni iKwaZulu-Natal ayibamba kuNFD, kwazise wonke azovula imidlalo yawo yeligi ngemidlalo yasekhaya.

Kusasa amaqembu okulindeleke ukuthi adlale, iRoyal Eagles, uThongathi FC kanye neKings. Bese kuthi ngeSonto libelodwa iqembu elizodlala okuyiRichards Bay FC.

Kusasa ngoMgqibelo i-Eagles izotholana phezulu neStellenbosch eChatsworth Stadium, iKings itholane neWitbank Spurs eSugar Ray Xulu Stadium, bese uThongathi FC lubhekane neTshakuma Tsha Madzihandila FC yonke iqala ngelesi-3 ntambama.

NgeSonto iRichards Bay FC izotholana phezulu no-Ubuntu Cape Town, lo mdlalo uzobanjelwa eMhlathuze Sport Complex, eRichards Bay kulindeleke nawo uqale ngelesi-3 ntambama.

Scroll To Top