Now Reading
Omdala ugqamise iqhaza lomama esizweni
Dark Light

Omdala ugqamise iqhaza lomama esizweni

INDLUNKULU ekhona phakathi kwethu, izinhlaka zoBukhosi ezikhona phakathi kwethu, uMphathiswa woMnyango osingethe lo msebenzi omqoka esizweni. Izimeya namakhansela akhona, oNomathemba okungosingaye kule mpelasonto, nonke ngiyanamukela futhi ngibonga noMusa kaNkulunkulu owenze eminyakeni yami engama-70 kwaba wulo msebenzi womama engiwuholayo lapho ngisanda kungena eminyakeni engama-70. Lokhu kumqoka ukuba ngikubalule ngoba ngingaka nje, ngikhona nje kungenxa kamama. Ngingaka nje, nginjena nje kungenxa yodadewethu. Ngincwaba nje kungenxa yoNdlunkulu abongomama besizwe. Ngakho nxa nginomama njenganamuhla ngisuke ngisesiphethwini, isiqalo sakho konke.

Namuhla njengonyaka owedlule neminye eyedlule sizobungaza okuhle ngathi. Ngithi okuhle ngathi ngoba isizwe esinakekela abesifazane baso siyasimama.

Eminyakeni engaphezu kwamashumi amane njengeNkosi yenu ngiqinisekisile ukuthi abesifazane bethu bayavikeleka nokuthi bayanakekelwa. Lokhu ngikwenze kusuka kulabo abancane ngoMkhosi WoMhlanga oba minyaka yonke. UMkhosi WeSivivane wona ugxile koNomathemba okungonina balezi zingane zami zoMhlanga.

Bomama
Uma kukhona kini obungabazayo ubumqoka benu kimi nasesizweni nje jikelele ngifi sa namuhla lokho kungabaza kuphele ngoba nina niyingxenye yethu emqoka njengesizwe. Kaniphethi nje ngokuba ngabanakekeli bezingane ezikhula zibe wutho esizweni, kepha ningabavikeli nabafundisi befagugu lethu.

Yize abanye bengakuhumusha ngokuthi lokhu kukhuluma kusuke kuwukwedelela manxa ithi indoda uma ingane yenza okwehlukile ithi; “Hhawu le ngane ifuze ekhaya konina” – iqiniso lithi lena yinkulumo equkethe okukhulu uma nje uyibuka ngeso elijulile. Umqondo ocashile nosobala kule nkulumo ngothi amathemba endoda ekuqondisweni kwengane akunina ngoba ngunina oyenza utho kubantu ngezifundiso ezisuka nje ekutheni umuntu ukhangezwa kanjani nxa amukela.

Ukuthi ubonga kanjani uma ethola okuthile nokuthi kambe ukhuluma kanjani nabantu abadala nontangayakhe. Lokhu nje kukodwa kwenza umama abe wuthisha wokuqala wengane.

Bomama
Uma sivumelana ngalokhu pho singasho kanjani ukuthi umama noma owesifazane akalutho kuZulu nasemhlabeni? Muva nje siyezwa siphinde sifunde ngamathimboxo la okuthiwa adlwengula aphinde ahlukumeze abesifazane simangale ukuthi engabe labo ngabakuphi nokuthi lemikhuba bayifundephi. Sizibuze ukuthi engabe baphi onina? Wona umndeni wakhe lo muntu nomphakathi bathini nxa esephenduke ichilo esizweni.

Laba bantu badlwengula izinsana nezalukazi, ungathi kusengumuntu loyo noma kumele sisebenzise igama esalinikwa ngokhokho endulo leli lenswelaboya uma sichaza lomdlwembe.

Zulu Ondlela Zimhlophe Sengikushilo lokho ngiyafi sa ukugcizelela iqhaza elimqoka okumele libanjwe ngabesilisa ekuqinisekiseni ukuthi abesifazane bethu bayaphila, baphephile nokuthi banakekelwe. Amadoda awangathuli ayekele izimpilo zomkethu, omalokazana nomafungaswe besizwe boniwe ngamathimboxo nezinswelaboya. Impela kwenye inkathi ngike ngifi se uhulumeni ake anginike intwasa nje ibe yinye ukuze ngiqondise lolu daba lokuhlukunyezwa kwabesifazane nezinsana – Hawu lingathula izwe lithi du ngumfunge uMamongwa!

Amadoda akwaZulu ayazi Ukuthi uma sesilungisa ukhula olungcolisa indawo yethu sabe singadlali. Namanje ngibona sengathi lamathimboxo alukhula Zulu okumele lusetshenzwe lungaze lwenze izimpilo zethu ziphenduke amafusi lawa esesithanda ukubona sengathi ayenaba.

Awu ngiyababaza ukuthi impela izinto sezenzeka sengathi akusekho madoda KwaZulu. Sesingavuka Zulu ngezindaba zokuhlukunyezwa kwabesifazane bethu siphinde silale ngalokho kuthule nje? Yikho ngithi ake nginikwe nje intwasa ibe yinye ukuze ngibhekane namathimboxo lawa niyobona eningakaze nikubone.

Bo Nomathemba
Uma ngivuka namuhla ngifi kelwe yinkulumo engibona ukuthi imqoka kwabesifazane nesizwe jikelele. Iqiniso lithi siphila ezweni lapho inhlupheko esizungezile ingadalangwa nguNkulunkulu kepha idalwe ngumuntu.

Mhlawumbe ake ngicacise kabanzi kulokhu. Akuyena uNkulunkulu owanquma ukuthi amaZulu nabaAfrika azophila ngaphansi kwemithetho yobandlululo kepha kwaba ngabantu abathile ababhala leyo mithetho.

Thina njengoZulu sasingadalelwe ukuba yizinxibi kepha kwaba ngabantu abasenza sabanjalo futhi bangagcina lapho. Bona ontaba kayikhonjwa baze basifaka nomoya kanjalo nomqondo wokuzenyanya samukela ukuthi esiyikho kuyimvelo.

Ngesikhathi okhokho bami kanye nabenu beya eSandlwane babe ngaphikisani noNkulunkulu kepha babe yophikisana namabhoklolo ayephoqa intando yawo kithi esenza izinxibi nemihambima ezweni esabelwa lona nguNkulunkulu. Yebo uNkulunkulu esimkhonzayo akaze athi asibe yizigqila zabanye noma senze abanye babe yizigqila zethu. Wathi yena ‘zalanani nande’ukuze nibuse umhlaba.

Njengomzali uNkulunkulu Wasinika umhlaba, izithelo, izimbiwa nokunye, konke ngenhloso yokuthi singabi yizinxibi, singasweli umpheme. Kwaba ngumuntu noma isandla sakhe umuntu loyo esagugula lokho okwabe kuyisifi so sikaNkulunkulu ngathi – ngokwenza njalo umuntu wadala inhlupheko, izimpi nembubhiso njengoba sibona nje kumagumbi amane omhlaba.

Namuhla ngithi kini bomama, qaphelani enikusho noma okushiwo ngani ngoba amandla olimi makhulu ukwedlula umbayimbayi. Uyaba yisiyoyo umuntu ngempela engesiso kepha abe yiso ngoba wamukele inkulumo yalabo abathi uyiso.

Angiphinde, lapha phandle kunabantu abayilokhu okwashiwo ngabanye ngabo nabo bakholwa ukuthi bayilokho. Mina nje angilamukeli igama elithi ngiyi Traditional Leader nokuyinto engingayazi. Kepha yize ngingayazi uma ngilalela ngiyabona ukuthi owabiza uBukhosi ngalokho wabe efuna bamukele igama elingabufanele.

See Also

Lapha ngikhuluma ngamandla nelungelo lokwenqaba ukuqanjwa nokujivazwa kanye nokuqalekiswa. Nakhu okunye engike ngibuze abantu ukuthi ngubani owathi simnyama. Yithi noma ngabanye abantu abaqhamuka nalokho. Khona owayethi simnyama wayenanhlosoni, wayelithanda yini ibala elimnyama leli asigqokisa lona? Namuhla yithi esizibiza ngalelo gama sibalekele ukuthi singuZulu noma amaAfrika okungamagama angenahlamba.

Leli nje elithi Afri- alithuki muntu ngoba labe lisho indawo eshisayo okwakuyizwekazi lethu ngaleso sikhathi elabe lifudumele kunamanye amazwekazi. Lapha eBhayibhelini encwadini iZaga kuyakhulunywa ngamandla olimi. IZaga 18:21 kufundeka kanje :

Ukuphila nokufa kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayokudla izithelo zalo.

Khona kule ncwadi uma uhlehla uya evesini 20 lithi : Isisu somuntu siyasutha ngesithelo somlomo wakhe.

Namuhla bomama ngithi Susani izibopho ezakhulunywa ngani endulo nalapho nivela khona kuthiwa kanilutho. Musani ukwamukela lokho ngoba nina niwulutho. Niwutho kimi kanti ngaphezu kwakho konke niwutho kuJehova owanidalayo. Umlando wabazali nokhokho bami ungivezela ukuthi babengavumeli ukuthi umuntu akhulume aqede ngabo nangesizwe uNkulunkulu ayethe abasihole.

Emlandweni kuyavela ukuthi ngolimi abafo babethe ukhokho wami iNkosi uDinuzulu kayiluthi ngeke abe yilutho yena neNdlu yakhe nesizwe uNkulunkulu ayebabele sona, uZulu. Kepha namuhla nakhu sikhona, nakhu nikhona. Lo mlando ngiyafi sa njengomama nithathe kuwo ukuze nikwazi ukulwa nezibopho nolimi oluthi nina kanilutho ngoba njengoba ngishilo ukuthi empeleni niwutho.

Ngala magama amafushane, ngiyanibongela ngalo msebenzi omuhle kangaka, ngibonge nokuphumelela kwenu. Khumbulani njalo ukuthi nina ningoNomathemba esengibheke kubo ukuthi bayongibambisa kulo mzabalazo wami wokuhlenga izingane zamantombazane nazo okumele zikhule zifi ke ezingeni lenu, nazo zibe ngoNomathemba.

Ngiyabonga

Scroll To Top