Imboni yezimbiwa eNingizmu Afrika iyaguquka


UNYAKA wezi-2017 ubumaginxiginxi eMkhakheni Wezimbiwa Nezinye Izinsiza Zemvelo. Lo mkhakha uthikanyezwe izinguquko kanye nongabazane, kubandakanya ushicilelo iReviewed Broad-Based Black Economic Empowerment Charter for the South African Mining and Minerals Industry, 2016 on 15 June 2017 (Mining Charter 3); ukumiswa okuhlongozwayo kwezicelo zokuvuselela amalungelo okuqhwanda nokuhlwaya izimbiwa, ukuvuselelwa kwamalungelo okudlulisela ukuqhwanda nokuhlwaya; ukuvalwa kwezimayini ngokwemiyalelo ekhishwe ngokweSigaba-54 soMthetho iMine Health and Safety Act (29 of 1996) (MHSA); ukuhlala kokwanda kokuzibandakanya kwabathintekayo kanye nezishoshovu zezemvelo; kanye nolawulo nongabazane lwenqubomgomo.
Ngesikhathi iSouth African Mining and Natural Resources Sector ibhekene nobupetupetu, asikwazi ukuziba uguquko lwesine lwezimboni, okwaziwa kakhulu ngokuthi i-Industry 4.0: iqhaza le-Internet of Things (loT) kanye nomthelela we-Artificial Intelligence (Al). Akungabazeki ukuthi ikusasa lezimayini lizobe selinezimoto ezizishayelayo, izimayini zilawulwa ubuxhakaxhaka bamaseli kanye nobuchwepheshe bokuzenzakalela. Le ntuthuko izodinga ukuba kusungulwe okusha, kubuyekezwe nemigomo yemithetho, kube nokugxila kakhulu ekuthathweni kwemininingwane, ekugcinweni kwayo, kanti futhi kunokukhathazeka ngobumfihlo. Okwamanje, kugxilwe nasekutholeni amalungelo anqala. ISouth African Mining and Natural Resources Sector ilawulwa kakhulu futhi kunemithetho eminingi yezemvelo esebenza ekuqhwandeni izimbiwa. Ngesikhathi kunokuhunyushwa nokusebenza kwansuku zonke kweMithetho Yezemvelo YaseNingizimu Afrika kushiyelwe kubalawuli abafana noMnyango Wezindaba Zezemvelo, uMnyango Wezamanzi Nenhlanzeko, kanye neMeneja Yezingangqo Lomoya ezingeni lomasipala. Izinkantolo ziyacelwa ukuba zingenelele ukuzohumusha imitheshwana esemqoka.
Esinye sezahlulelo esisemqoka sethulwa ngoNdasa wezi-2017, yiNkantolo Enkulu YaseNingizimu Afrika, ePitoli odabeni lwe-Earthlife Africa Johannesburg vs Minister of Environmental Affairs and Others (65662/16) [2017] ZAGPPHC58: 2ALL SA519 (GP) (8 March 2017). Lesi sahlulelo sisemqoka, hhayi ngoba sihumusha kuphela izidingo ezisetshenziswa yiMithetho Yezemvelo kodwa futhi kungoba sithinta izihloko ezisemqoka ezimbili, isifudumezi somhlaba nokuthembela kweNingizimu Afrika emalahleni ekukhiqizeni ugesi. I-Earthlife Africa yafaka isicelo enkantolo ukuba kubekwe eceleni isinqumo soMnyango Wezindaba Zezemvelo ukuze kunikezwe amandla ezemvelo kuThabametsi Power, okuyinkampani eyakhethwa ukuba yakhe isiteshi esiphehla ugesi ngamalahle esifundazweni iLimpopo. Uma siphumelela, namandla ezemvelo abekwa eceleni, iThabametsi Power kuzodingeka ukuba ifake isicelo esisha samandla ezemvelo, ngaphandle kwesiqinisekiso sokuthi izophinde inikezwe.
Okushiwo yi-Earthlife Africa kwakunesidingo sokuthi uNgqongqoshe Wezindaba Zezemvelo wayenesibopho esisemthethweni sokuba abhekisise umthelela wesifudumezi somhlaba okulethwa yilolu hlelo, futhi uma kutholakala ukuthi kwakunesibophezelo esisemthethweni, uNgqongqoshe Wezindaba Zezemvelo akazange acabange ngesifudumezi somhlaba ngesikhathi enquma ukuba anikeze noma anganikezi amandla ezemvelo. Inkantolo inqume ukuhambisana ne- Earthlife Africa, yasibeka eceleni isinqumo sokunikezela amandla ezemvelo. Lesi sahlulelo sihumusha izinhlinzeko zeNational Environmental Management Act (107 of 1998) (NEMA) futhi siqinisekisa ukuthi konke okuhambisana nokungenziwa kulolu hlelo kufanele kubhekisiswe ukuthola ukuthi amandla ezemvelo anganikezelwa yini noma cha.
Ngesikhathi uMthetho-240 weNEMA ungabeki uhla lwakho konke okufanelekile, isahlulelo siqinisekisa ukuthi okubekwe eceleni ezigabeni ezifana neSigaba- 240 salo Mthetho akufaki konke, abethatha izinqumo kufanele babheke konke okufanelekile kubhaliwe noma kungabhaliwe. Lo mgomo wagcizelelwa futhi ezimpikiswaneni eziphathelene ne- Integrated Resource Plan kagesi, futhi kwashicilelwa mhla zili-10 kuLwezi wezi-2017, esichibiyelweni se-Electricity Regulation Act (4 of 2006) (ERA) esesandise isibalo sokwenzakalayo okumayelana nokukhiqizwa kwamandla kagesi okungadingi ilayisensi ngokwe- ERA, kodwa okufanele kubhaliswe kumlawuli. Ngesikhathi uhlu lokwenziwayo lwandiswa, izidingo zokubhalisa kumlawuli zinikeza umlawuli ithuba lokungenelela abeke imibandela ezolandelwa yokukhiqizwa kukagesi ngokwamaphrojekthi.