Sekukhona imizamo yokuvimba izimbizo zikaZulu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
‘KIMI aniyona Inkatha Freedom Party, uKhongolose, iDemocratic Alliance, iNational Freedom Party, iCongress of the People, iPan Africanist Congress, i-Economic Freedom Fighters noma yiliphi iqembu, kepha ninguZulu. Lo mhlaba wenu awuthathwanga kini njengamaqembu kepha wathathwa kuZulu. Tshelani abaholi nobuholi benu ukuthi nina nizalwa ngobani ngoba sengathi kabanazi banithatha njengezinkabi nje zokuhlakulela bona amavoti benganazi ukuthi nizalwa ngobani.”
Lawa ngamagama ashiwo yiSILO kwiMbizo kaZulu ebibanjelwe ezinkundleni oNdini ngoLwesithathu olwedlule. Le nkulumo yananelwa nguZulu owabe uvela kuwo wonke amagumbi amane omhlaba, nakuwo wonke amaqembu kuleli. Phakathi kwabaholi ababekhona (yize babengezile ngokwezikhundla zabo) kwakunguNdunankulu wakwaZulu-Natal uMhlonishwa uWillies Mchunu, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMhlonishwa uBheki Cele, uMphathiswa uSithole –Moloi, amalungu eSishayamthetho abaHlonishwa uBlessed Gwala noZwakele Mncwango nabanye.
Kungaphelanga zinsuku zingaki kube nale Mbizo kaZulu oZul’azayithole sebengakuqinisekisa ukuthi sekuphekwe umkhankaso wokudunga ubunye bukaZulu odabeni lomhlaba. Ngokuthola kweBAYEDE lo mkhankaso uzohlanganisa abahlaziyi abathile kwabezindaba namaKhosi. Bonke laba bazobe bekhuluma igama elilodwa lokugxibha iMbizo kaZulu kanye neSILO ngokubhebhethekisa ‘ubuhlanga’ kuleli nokuhlose ukushisa izwe. Okunye okuzophehlwa wukuthi iMbizo lena iwuhlelo lwepolitiki lokulwisana neqembu elibusayo i-African National Congress. Umkhakaso lona uzozama ukucijisa imikhonto phakathi kwe- ANC ne-IFP ngenhloso yokuthi ISILO namaKhosi bangayibizi iMbizo eThekwini naseGoli ngoba kuyobe sekunenhlese yepolitiki.
Omunye onolwazi ngalo mkhankaso nokhulume noZul’azayithole wanxusa ukuba igama lakhe lingaphathwa uthe iMbizo lena kayehlanga kahle kwabathile.
“Uyabona le Mbizo ebisoNdini iveze okuningi okungamaqiniso abathile abangafuni ukuwemukela. Okokuqala nje, iveze ukuthi uBukhosi, ikakhulukazi bukaZulu busenabalandeli. Kuvele nokuthi ISILO yiso sodwa esikwazi ukulimisa lelizwe. Uzokhumbula nangalesi sikhathi sokuxabana kwabokufika nabakuleli kwaba yiSILO esakhuluma laba linye.
“Mina ngangikhona emhlanganweni owawuhanjelwe nguNgqongqoshe uMahlobo wezoBunhloli, uNgqongqoshe uGigaba kanye noNdunakulu uSenzo Mchunu. Laphaya kwaba yiSILO esaqhamuka neleMbizo eyaba seMabhida. Sonke njengoHulumeni sasingakholwa ukuthi ezinsukwini ezinhlanu nje naphakathi nezinsuku ngoMsombuluko kungatheleka abantu abangakaya eMabhida, kodwa batheleka lathula izwe lathidu.”
Uqhube wathi: “Nakulokhu ISILO sitshengise amandla oBukhosi njengoba sibize iMbizo phakathi nezinsuku kwatheleka abantu abalinganiselwa ezinkulungwaneni ezingama-20. Kugijime uMengameli wezwe wayohlangana neSILO noMntwana uButhelezi. Lokhu akwehli kahle ngoba kuvusa inyoka ebesithi ifile nokungathi uma ivuka sibe senkingeni. ”
Kungakapheli namahora angamashumi amabili nane lo mholi ebe nenkulumo neBAYEDE kuqhamuke izinkulumo kumaphephandaba esiNgisi nawesiZulu nabesho khona ukuthi iMbizo lena bekungumnyakazo nje wepolitiki onezinhloso zokuxova ubunye eNingizimu Afrika. Abanye baze bafanisa le Mbizo yangesonto eledlule nalokho okwabe kuwumdonsiswano phakathi kwe-Inkatha Freedom Party (IFP) ne-ANC nowashiya enkundleni abantu ababalelwa ezinkulungwaneni ezingamashumi amabili.
Lo mholi obekhuluma neBAYEDE uveze ukuthi into eyinkinga manje yiziMbizo okuthiwa zizobanjwa eThekwini naseGoli nathe ukube kuya ngalabo ayingxenye yabo ngabe seziyamiswa ngoba “azisenasidingo.”
Kuleli phephandaba lenu (IBAYEDE yangesonto eledlule) nikhiphe elokuthi ngeMbizo yaseThekwini kuyocima ilanga. Lokhu kusho khona ukuthi kuzobe kunezinombolo ezedlula ezasoLundi. Umbuzo uthi kusayiwelani lapho, ingani uMengameli usesinikile isiqinisekiso hhayi kuphela kuSILO kepha nakuBukhosi jikelele? Uma iqhubeka le mbizo izokwandisa umoya wobuzwe nokuyinto eyingozi. Yikho kumqoka ukuthi lokhu kunqandwe. Siyazi ISILO siyacophelela ukungangeni kwipolitiki ngakho uma siqinisa ngalapho nakanjani siyobuka ngokunye,” kusho lo mholi.
Uthe uma ebuzwa ukuthi iziMbizo lezi zizonqandwa kanjani wala waphetha ukusho. Kepha uthe lo mkhankaso wokugxibha nokufafaza inhlese yepolitiki yamaqembu ngenye yezindlela zokuwunqanda.
Isexwayiso sikangoti
OZul’azayithole babe sebekhuluma nongoti ongumhlaziyi ngaphansi kweXubera Group uMnu uXolani Dube. Ubabaze ubuxoki kulabo abagxeka ISILO noZulu ngokuqhakambisa ubuzwe. UDube uthe uZulu uvele uyisizwe esinoBukhosi okumele unganqeni ukuzigqaja ngabo.
“Kumqoka ukuthi singawuphambanisi umlando uma sikhuluma ngalezi zinto futhi singaphumi iqhubu neSILO. Iqiniso lithi kungakafiki ipolitiki yamaqembu noHulumeni kwabe kukhona uBukhosi ISILO esiwulibo lwabo. Yibo lobu Bukhosi obabusekhaleni lokulwela umhlaba. Lapha eNingizimu Afrika nakwaZulu kwaba yiNgonyama uCetshwayo eyaba ngeyokuqala ukuyokhulumela umhlaba eBukhosini bamaNgisi. Okwalandela kwaba wubuholi be-ANC ngowe-1913. Ngakho okwenziwa yiSILO kokulwela umhlaba kaZulu akwehlukile kulokhu okwenziwa ngokhokho baso, “kusho uDube.
Ube eseveza ubungozi bokuhlukanisa noma ukungaqondi nokwamukela ukuthi ISILO uma sikhuluma sikhulumela isizwe kanjalo nohlaka loBukhosi, nokuyinto eyenziwa ngabanye abaholi kwezinye izinhlaka.
“Uma sibheka umlando siyathola ukuthi ngesikhathi uJan van Rebeeck efika kuleli wabe emele uhlaka nendlela ethile yokuphila okwabe kungeyaseNtshonalanga. Leyo nqubo yabe iphikisana naleyo yaboHlanga kanye noBukhosi. Ngenxa yokuphikisana kwayo neyaboHlanga kwaze kwaba nezimpi, kulwelwa phakathi kokunye inqubo kanye nomhlaba. Ngenxa yalokho bafa abantu eNcome naseSandlwana. Aboshwa amaKhosi afana neNgonyama uCetshwayo, uDinizulu kanye neNkosi uLangalibalele. Konke lokhu kungqubuzana kwabe kungenxa yokuphikisana kwezinqubo.
“UMandela mhla eya ejele wayengaziyeli yena kepha wabe eyela uhlaka nabantu abathile . Ngakho ISILO kulokhu simele inqubo ethile okunguBukhosi asizimele futhi asizikhulumeli sona. Ngakho abaphuma naso iqhubu benza iphutha elikhulu,” kusho uDube.
Sichaza ngochungechunge lweziMbizo ISILO sathi: “Le Mbizo yesizwe izokwenza nibe nezwi ekuvikelweni nasekuqinisweni koBukhosi benu. Ikusasa loBukhosi bukaZulu liqala lapha namuhla. Liqala Ondini lapho eminyakeni eyi-139 abafo babethi baqedile ngathi. Namuhla sivuka isibili. Ngokuqinisa uBukhosi bukaZulu sesekwa nanguMthethosisekelo Wezwe. UMthethosisekelo Wezwe uthi uBukhosi, isikhundla nomsebenzi wobuholi bomdabu ngokulandela umthetho wesintu kwemukelekile ngokoMthethosisekelo. Imininingwane eminingi enjengokuthi umthetho wesintu nenhlalo yabantu ngokwendabuko kuyini, uMthethosisekelo ngokwami lokhu ukushiyela ezandleni zethu. Okubalulekile wukuthi kumele kuhambisane noMthethosisekelo.”
ISILO saphetha ngokuthi: “Kusuka namuhla, njengoba sizoya eThekwini sibuye siye eGoli kulindeleke ukuba uZulu phakathi kokunye udingide lokhu okulandelayo; Ubunini bomhlaba wesizwe, ukuphatheka kwawo kanye nokulumbana kwemithetho yezwe naleyo yendabuko ekuphathweni kwemihlaba. Ukulumbana kwemithetho yesintu neyezwe ekuphatheni abantu kanye nokuhleleka koBukhosi bukaZulu nakho konke okuthinta uBukhosi kanye namasiko esizwe nokuvikeleka kwawo.”
Leli phephandaba lizamile ukuthola iNkosi uChiliza nonguSihlalo wamaKhosi kwaZulu-Natal ukuze aphawule ngalokhu. Nokho ucingo lukaMdunge beluvaliwe.