Now Reading
Ungena ngenxeba okwempethu uMalema
Dark Light

Ungena ngenxeba okwempethu uMalema

UMLANDO nezigigaba zemihla ngemihla sezisibonise kaningi ukuthi ipolitiki iyafana nomdlalo, umehluko kuyo ngukuthi ingumdlalo wamaqili azikhotha emhlane kanti okufanayo ukuthi ukuze ukwazi ukukhonya kuyo kumele uhlezi uneqhingasu elijulile ongakwazi ukubhincisela ngalo nxanye izimbangi zakho.

Okubuhlungu ngalo mdlalo ukuthi laba abawudlalayo benza konke okusemandleni ukuthi nanoma yini abayenzayo noma abayishoyo ivuna bona ngaleso sikhathi. Baphinde bakhohlwe futhi ukuthi abantu abangabalandeli babo noma izakhamuzi abazona izithutha kepha konke abakushoyo bayakulalela futhi bayakucubungula. Yize kunjalo, kubukeka kusenabaholi abasakhombisa enkulu indelelo ebhekiswe kubalandeli babo kanye nakwizakhamuzi. Okungaqondakali ngalezi zenzo zalaba baholi ukuthi ngabe lokhu bakwenza ngokunganaki noma basuke bebukela phansi ubuhlakani babalandeli babo kanye nabantu bakuleli?

Ukudlula emhlabeni kwesishoshovu esayibamba ishisa ngezikhathi zomzabalazo uKaMadikizela mhla zimbili kwephezulu kumbule elinye ikhasi ngepolitiki yalapha eNingizimu Afrika. Yize kugqame kakhulu kukho ukubumbana kwaboHlanga ngesikhathi bekhombisa ukuthi noma bangahlukana kanjani ngokwemibono nangokwamaqembu, kodwa ikhona into esabahlanganisa njengeNdl’eMnyama. Leli sikompilo kubukeka kusekude ukuthi aboHlanga liyoke ngelinye ilanga libahlukanise.

Lesi sifo asigcinanga nje ngokubumba aboHlanga kepha siphinde sangeza ulwazi lwabaningi mayelana nokwakwenzeka ngezikhathi zobandlululo, zakhipha nokhondolo kulabo abekade bephimisa ngisho amagama aletha amahloni okuthi “ubandlululo lwalungcono kunezimo esiphila kuzo esikhathinin samanje”.

Ngeshwa lesi sifo siphinde saveza isithombe esibi ngaleli lizwe sokuthi abaholi bakuleli abadela konke balwelwa ukuthi leli lizwe likhululeke bathola ukuhlonishwa nokwaziswa uma sebelele kobandayo, kodwa uma besadla anhlamvana bashawa indiva nje. Lolu khondolo olubi seluqhubeke isikhathi eside njengoba lokhu kuhlezi kungubufakazi njalo uma kudlule umholi wakuleli owabamba elikhulu iqhaza emzabalazweni. Maningi amathuba okuthi uma lo mkhuba uqhubeka, isizukulwane sakusasa siyoba nebhadi lokungawazi umlando kanye nalabo abalwela inkululeko.

Kuhlezi kulindelekile ukuthi uma kunomgcwabo omkhulu womholi wezombusazwe bese kuba nezigigaba ezishiya kunezivunguvungu kanye nodungunyane. Lokhu kuvame ukudalwa izinkulomo ezisuke zethulwe khona emngcwabeni kumbe kuyizinkulumo ezithulwe kwabezindaba.

Nakulokhu kwangesonto eledlule enkonzweni yokufihlwa kokaMadikizela kwenzeke okufanayo ngesikhathi umholi wenhlangano i-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJulius Sello Malema ethula inkulumo yakhe yokudlulisa amazwi enduduzo.

Yize bekulindelekile ukuthi inkulumo kaMalema izoshiya kukhulunywa ngayo kodwa ababaningi abantu akade belindele ukuthi lo mholi angathula inkulumo eyiqiniso kangaka kodwa akhulume leli qiniso elingaphelele elivuna yena.

Ingxenye yenkulumo kaMalema esuse uthuthuva yilapho lo mholi ethe kuyadabukisa ukuthi lo mngcwabo uhanjelwe ngisho yilabo abamlaxaza okwenyongo yenyathi uKaMadikizela, bamkhipha inyumbazane kanti futhi yibo abakhala ukwedlula labo ekade bemkhathalele uKaMadikizela.

UMalema uqhube ngokuthi kunabaholi bakaKhongolose abakhetha ukusula ekubeni ngamalungu enhlangano yabesifazane kaKhongolose, i-ANCWL ngonyaka we-1995 ngoba ethi angeke bavuma ukuphathwa isigebengu esinguKaMadikizela. Uthe nabo labo abasula bakhona lapha emngcwabeni kanti abanye kukhala esabo isicathulo kuwo lo mngcwabo. Abanye balaba baholi uMalema abekhuluma ngabo kukhona kubo uDokotela uNkosazana uMaDlamini Zuma, uNkk uBaleka Mbethe, uNkk uNosiviwe KaMapisa Nqakula, uNkk u-Adelaide Tambo kanye noNkk uLindiwe Zulu.

UMalema uqhubekile nokugadla kuKhongolose nalapho ewusole ngokungabi nendaba noKaMadikizela ngesikhathi esaphila kodwa usukhombisa ukumkhathalela manje ngoba eselele kobandayo. Yize uMalema ebeke kanje, okuthusa kakhulu ngenkulumo yakhe ukuthi naye wayeyingxenye kaKhongolose ngaleso sikhathi. Wayengelona nje ilungu kepha wayephinde abe ngumholi nokusho ukuthi wayenawo wonke amandla okuveza imizwa yakhe yokuzwelana nokwabe kwenzeka kokaMadikizela kepha waqoma ukuthula. UMalema wabe enguSihlalo wenhlangano yabafundi iCongress of South African Studsents (COSAS) esifundazweni iLimpopo ngaleso sikhathi.

See Also

Lokhu kuyaxaka ngoba eminyakeni engaphezulu kweshumi edlule ngesikhathi obenguMengameli wakuleli uMnu uJacob Zuma ebhekene namacala, uMalema washo ngelikhulu iqholo lokuthi angafa ngisho ukufa efela uMnu uZuma. Kuyaxaka nokho ukuthi wahlulwa yini ukusebenzisa lolu gqozi ayenalo ngoZuma ukuzwakalisa ulaka lakhe ngokungaphathwa kahle kokaMadikizela. Lena ingxenye uMalema akhethe ukuyishiya ngabomu enkulumweni yakhe waqoma le evuna yena.

Ngalokhu uMalema uzigwaze ngowakhe njengoba engagcinanga nje ngokuziveza njengexoki kanye neqili elingakwazi ukuzikhotha emhlane kodwa futhi uphinde wadweba isithombe sokuthi ungumholi ongenza noma ongasho noma yini evuna yena ngaleso sikhathi, njengoba enza phambilini ngokuthi uyofela uZuma kanye namanje njengoba esezikhipha kulabo ababeyingxenye yokungamhloniphi okaMadikizela.

Yize kunjalo, kubukeka uMalema eqhumbuze ithumbu kuKhongolose njengoba ekuqaleni kwesonto uphiko lwabesifazane kuKhongolose lubize isithangami sabezindaba nalapho belifuna khona ukucacisa kabanzi ngalolu daba lokwesula kwamalungu e-ANCWL ngesikhathi uKaMadikizela enguMengameli. Esikhundleni sokuba lolu phiko lucacisele isizwe ngokwenzeka, lithe lesi akusona isikhathi esihle sokukhuluma ngalokhu njengoba elakuleli lisazilile.

Bekulindelekile futhi ukuthi uzolisebenzisa leli thuba ukuqinisekisa ukuthi kukhona iqembu lakhe elikuzuzayo ngokudlula emhlabeni kukaMama uKaMadikzela. Nalapha futhi uMalema akazange ashaye eceleni njengoba eshayele isipikili sokugcina sokwenza ukudlula emhlabeni kuKaMadikizela njengomlando oyomataniswa nezinkoleloze zeqembu lakhe. UMalema uye kulo mgcwabo engayi nje ukuyongcwaba okaMadikizela kepha ubeneqhingasu elijulile lokungcwaba inhlangano ebusayo i-African National Congress (ANC). Lokhu ukwenze ngokuthi ayiphuce umlando kaMadikizela obeyilungu likaKhongolose bese ewenza kube umlando weqembu lakhe. Leli qhingasu likaMalema ulisebenzise esikhathini esibaluleke kakhulu kwezepolitiki kuleli njengoba ukhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo seluseMome. Inkulumo kaMalema ishiye abantu bezibuza imibuzo yokuthi ngabe uKhongolose yini ozimisele ngokuthatha isihlangu sikaKaMadikizela noma ngabe yi-EFF ezokhala yemuke nalesi sihlangu?

Kubukeka uKhongolose uzozigwaza ngowawo uma uqhubeka nokuba yizichuse ze-EFF ulandele ngemuva kunokuba kube yiwo ozihola phambilini njengeqembu elibusayo. Kuyimanje maningi amathuba okuthi isiphakamiso esenziwe nguMalema mayelana nokuqanjwa kwesikhumulo sezindiza saseKapa ngegama likaMadikizela siphumelele nokuyoba enkulu imbibizane kuKhongolose. Okuqaphelekayo ukuthi i-EFF izobe ingaqali ukuthela othulini uKhongolose njengoba kubukeka ilokhu iluhlwitha kancane kancane udaba lokubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Iyona futhi i-EFF eyacishe yafaka uKhongolose ehlazweni elaliyongena emlandweni ngesikhathi i-ANC ivuma ukweseka isiphakamiso sokukhipha loyo owayenguMengameli uMnu uJacob Zuma ngevoti lokungamethembi. Kulokhu uKhongolose wasinda ngokulambisa kuleli hlazo njengoba uZuma waqoka ukuzisulela esikhundleni. Nakulokhu kukaKaMadikizela ezikaMalema ziwudlisele ogageni uKhongolose ngakho kubukeka i-EFF ihamba phambili ngamagoli amabili (elomhlaba kanye nefagugu likaMadikizela) eqandeni kuKhongolose.

Scroll To Top