Wukonga noma wumshonisalanga ukulondoloza?
UTHI omunye umhlobo wami, inkulungwane yamarandi oyibekayo kusuke kusengeyakho, usenokuyibona noma nini uma ufisa ukuyibona, kodwa inkulungwane yamarandi oyithathe wathenga ngayo into ethile kumele uvalelise kuyo. Lokhu kuveza ukubaluleka kokwazi ukuthi imali iphathwa kanjani. Uma uyibeka endaweni ethile kusuke kusengeyakho ngoba ungayithatha noma yinini futhi usengayisebenzisa noma yikuphi lapho yamukeleka khona. Uma uyibeka endlini noma emgodini uyithola isenjengoba uyibekile, kanti uma uyibeke endaweni ezalanisayo uyithola seyithe ukwanda. Kuyinto ebalulekile futhi ukucacisa ukuthi kuyamsiza lowo obeka imali ukuyigcina isikhathi eside. Imvamisa yabantu abayibeka ngokuhlanganyela imali benza okuthiwa yisitokofela. Iningi labezitokofela bayigcina isikhathi esingangonyaka lapho beyibeka khona ukuba izale. Omunye wemibuzo okumele sizibuze wona ngothi, sanele yini isikhathi esingangonyaka ukubeka imali uthole inzalo ezokwanelisa? Ngizoshiya ngingawuphendulanga okwamanje lowo mbuzo, ngishiyele lowo ofundayo ukuthi aziphendulele emuva kokucabanga nokuhlaziya.
Sesiqale unyaka omusha. Izitokofela eziningi ziqala ngoMasingana ukusebenza zidonse izinyanga eziyishumi nambili bese kwehlukaniswa leyo mali esuke ibekiwe. Uphelile unyaka owedlule, wedlula nezilokotho ezinhle eziphuma kuwo wonke amacala. Enyangeni kaZibandlela iningi lehlukanise izitokofela zemali nezokudla kwaba nentokozo kulowo nalowo muntu esebona umsebenzi wakhe wonyaka.
Unyaka wonke owedlule bebezabalaza behlephula eholweni kumbe emalini engenayo bayibeke ngandlelathile ezokwenza kuthi kuphela unyaka imali ebekiwe ibe seyinenzalo.
Abanye manje sebeyakuqeda ukudla okwakuthengwe ngemali yesitokofela. Okunye kwalokho kudla sekuyonakala ngoba akwakhiwanga ngendlela yokuthi kuhlale isikhathi eside. Angithandi okwamanje ukuhlaziya ubuhle nobubi bokungena kwisitokofela sokudla.
Imali eyayitholakale iwumthamo ngelanga lokwehlukanisa isitokofela seyiphelile. Abakwazile ukudlula nayo kuKhisimusi, bangenise izingane esikoleni yaphela imali. Abanye bazithokozise ngayo ngoKhisimusi nangoNcibijane yaphelela entokozweni imali yesitokofela. Engithanda ukukucacisa wukuthi abantu sebebuyele ekulondolozeni ngesitokofela beqala phansi lapho babeqale khona nyakenye. Kungabe yiyona ndlela ekhaliphile yempilo lena, yokubeka imali unyaka wonke uyisebenzise ngenyanga eyodwa uyiqede bese uphinda uqala ekuqaleni ngonyaka olandelayo? Angisho ukuthi kubi, kodwa ngiyathanda ukuthi uma ungomunye walabo engibachazayo, uzibuze ukuthi izinga lempilo yakho lithuthuka kangakanani unyaka nonyaka ngenxa yesitokofela.
Abantu abanomqondo womnotho benza okwehlukile. Kuthi uma kwehlukaniswa isitokofela bazibekele umgomo nento abazoyenza ngemali ewumthamo, abebengeke bakwazi ukuyenza ngemali yomholo wenyanga nenyanga. Le nto kuyaye kube yinto engenakubhidlika iphele nonyaka. Kuba yinto umuntu anokuyikhomba ngesikhathi esizayo ukuthi wayengeke abe nayo ukuba akalondolozanga waba nemali eyisamba.
Uma kwenziwa isitokofela abantu bayaye bathi bayadlala. Lo mdlalo wokonga yiwo owakhe amanye amabhizinisi amakhulu kulo mhlaba. Phela isitokofela asidlalwa wumuntu ngayedwa, kodwa kuba nabantu abangaphezu koyedwa ababeka imali ndawonye bayehlukanise emuva kwesikhathi esithile, esingangonyaka noma ngaphezulu, imali seyinamachwane.
Ukuhlangana akuyona into esungulwe ngezikhathi zanamuhla, kodwa isesisekelweni saboHlanga. Babenza ilima behlanganyela insimu behlakula bekhipha ukhula. Lokhu kwakwenza insimu noma inkulu kangakanani inqotshwe ngokuyihlanganyela, umnikazi nsimu engazange azikhandle ngokwedlulele, aze aqashe abantu abakhokhele imali. Isitokofela siwumfuziselo welima, ukuhlanganyela nalabo enazana nabo nakhe itulo lokusebenza ndawonye nilwe nobubha.
Lokhu kuhlanganyela ndawonye akugcini ngokuhlanganisa imali kuphela. Abanye bayakwenza ngokuhlanganisa imikhiqizo yabo efanayo ukuze bakhiqize badayise bangaphelelwa wumkhiqizo. Inhlosongqangi yokubeka enqwabeni eyodwa nibe yidlanzana wukwenza umthamo othe xaxa, ozokwenza ube namandla obewungeke ube nawo ngawedwana.
Isitokofela yinto endala. Labo abasebenzisa ngempumelelo isitokofela emandulo babehlose ukusungula inqola yomnotho. Basungula izikhungo zomnotho, okuhlanganisa amabhizinisi namabhange. Uma abantu befuna ukuthi isitokofela sabo sibe yisiqalo somnotho wabo kumele izinhloso zabo kuvunyelwane ngazo; kumele bazimisele ukusebenza ndawonye bebeka imali isikhathi esingaphezulu konyaka owodwa. Isitokofela sakhelwe phezu kokuhlangana kungamandla. Umnotho oyiwona wona wakhelwe phezu kwesisekelo sobumbano. Uma aboHlanga bezimisele ukuba ngabaphathi bomnotho kumele bahlangane bangavumeli izinto ezizobahlukanisa kalula. Akusiyo into evamisile noma elula ukuphumelela komuntu osebenza ngayedwana.
UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhumana naye ngezikhathi zonke ku- lindani@mindtunes.co.za