Seziningi izinjomane okumele ziqashwe kweyobudlamvuzo ku-ANC


KULABO abadlala umdlalo wamahhashi bayazi ukuthi kuyenzeka ukuthi kukhulunywe ngemfivilithi kuthiwa nakanjani izowudla umhlanganiso. Kuthi ngenxa yalokho bese wonke umuntu efaka imali yakhe kuleyo mfivilithi angabe esawabheka amanye amahhashi angenele umjaho. Okunjwayelekile-ke wukuthi kukhona isikhathi lapho kuthi uma sekuyiwa ngasentanjeni bese kuqhamuka ihhashi ebelinganakwe muntu lisuke emuva lidlule wonke amanye kanye nemfivilithi bese liwudla njalo umhlanganiso. Nakupolitiki lokhu kuyaye kwenzeke.
Kulezi zinsuku ingxenye ethile yabantu kuleli naphesheya kwezilwandle ikhuluma ngodaba lokuba kwehle loyo onguMengameli wezwe esikhundleni. Nokho bambalwa abaxoxa eyokuthi uma izifiso zabo zingaphumelela namuhla kungaba ngubani ongathatha izintambo zokuba nguMengameli. Kuwo wonke okhulumayo akekho othi akwehle uMengameli uZuma kuhlale iSekela lakhe nokuyinto engashiyi nje kuphela imibuzo kepha eveza nempendulo. Isithombe esakhekayo lapha wukuthi akekho ongama athi mpo ekuthini nxa kwehla uMengameli uZuma njengoMengameli weAfrican National Congress (ANC) nasekubeni nguMengameli wezwe, iSekela lakhe uMhlonishwa uCyril Ramaphosa uyongena athi khaxa. Lesi simo sinjalo ngisho kukhona izinkulumo zokuthi isifunda saseGauteng simthwele ngeqoma. Kuna lokho kukhona amagama aqhamuka ngaphandle okukhulunywa ngawo, elinye lawo ngelikaloyo ozoshiya maduze nje esikhundleni sokuba nguSihlalo we-African Union Commission, uMedemu (okuyisihlonipho esisetshenziswa kowesifazane ophethe isikhundla akuso) uNkosazana Dlamini-Zuma.
Elinye eselivuka muva nje ngelikaloyo onguSomlomo wePhalamende uMhlonishwa uBaleka Mbete nowake wabamba kweseSekelamengameli wezwe ngesikhathi leli lizwe lisenhlekeleleni yokuphuma kukaMengameli uThabo Mbeki singakafiki isikhathi sakhe. Bobabili uMhlonishwa uDlamini-Zuma kanye noMhlonishwa uMbete basethubeni lokwenza umlando uma oyedwa wabo kungagcina kunguye odla umhlanganiso ngoba kuyobe kuqala ukuthi i-ANC ibe nomholi wenhlangano wesifazane kanjalo neNingizimu Afrika iyobe iqala ngqa ukuba noMengameli wesifazane. Nokho kukhona abathi kupolitiki isikhathi esingunyaka side kakhulu ngoba yize igama likaSekelamengameli uRamaphosa, uMhlonishwa uMbete kanye noMedemu uDlamini-Zuma bekuyiwo aphathwayo, ukuguquka kwepolitiki yangaphakathi kuKhongoose sekwenze anda amagama.
Amagama asemunyungwa lapha phandle ngelikaDkt uZweli Mkhize onguMgcinimafa wale nhlangano nowake waba nguSihalo we-ANC KwaZulu-Natal. Likhona negama likaMhlonishwa uJeff Radebe ongomunye woNgqongqoshe abadala kuHulumeni waseNingizimu Afrika. Njengokwejwayelekile ubuholi be-ANC kanye nalabo abasuke begaqele isikhundla buyazichitha izinkulumo zokuncintisana ngesikhundla sobuMengameli. Igama lapha eligqamayo yileli lokuthi ‘i-ANC ayizikhulumi lezi zindaba ngaphandle’. Kanti nakulabo abasuke kukhulunywa ngamagama abo banendlela ethize yokuchitha lezi zinkulumo. ‘Mina angizelanga isikhundla esithize kwa-ANC kepha inhlangano yiyo engithumayo. Ngenza konke engikuthunywa yi-ANC’.
IBAYEDE ikhulume nabathize ngaphakathi ku-ANC ngala magama amabili elikaDkt uMkhize kanye noMhlonishwa uRadebe bonke esikhulume nabo bathi yize bebengayinakanga ekaRadebe kepha ekaMkhize ibisinazo izinkomba. “UComrade uZweli ngomunye wabaholi abanobuhlakani esinabo enhlanganweni. Uma ekhuluma uyezwa ukuthi kukhuluma umuntu onolwazi olunzulu ngenhlangano, ngakho uma sivumelana ngaye akekho ozoba nenkinga. Okunye okuhle ngaye wukuthi okwamanje usadayiseka nakwabanye abantu ngaphandle kwaKwaZulu-Natal.”
Okungeyona imfihlo wumqansa ekuqhamukeni nomuntu ongeyona ingxenye yodaka olukhona ku-ANC lapho abaholi belunjaniswa namaqoqo athize. Ubuhlakani bokukhiphela ngaphandle uMedemu uDlamini-Zuma emsebenzini wansuku zonke we-ANC kubukeka kwakuphusile ngaleso sikhathi. Ngaleso sikhathi wayemuhle nxa zonke kulabo ababeseka uMengameli uMbeki kanye nalabo ababeseka uZuma ePolokwane. Nokho izehlakalo zakamuva zibukeka zizofaka ingcindezi esibongweni esithi “Zuma”. Amaqembu aphikisayo kubukeka ephumelele ekudaleni umqondo noma isithombe esithi ‘konke okuthi Zuma kuhlangene nenkohlakalo’. Kepha umthombo weBAYEDE oyilungu lophiko lwabesifazane be-ANC noweseka uMedemu uDlamini-Zuma uthe okaDlamini Zuma unomlando wokuzimela ngaphandle komnyeni noma kwesibongo sakhe.
“Lapha sikhuluma ngowesifazane onomlando wakhe ngale komndeni wakwaZuma. Ube nguNgqongqoshe kuqala kunoMengameli uZuma engakabi ngisho yingxenye kaHulumeni kazwelonke. Ngesikhathi sisePolokwane wama yedwa weseka uMbeki wangasho ukuthi ngoba ngowakwaZuma ngakho ngeseka ubaba wezingane zami. Lokho nje kukodwa kuveza isithombe sowesifazane okwaziyo ukuzimela. Kulabo abazomahlulela ngenxa yesibongo bayobe benza iphutha futhi baphuca iNingizimu Afrika ithuba lokuba nomholi onamava.” kusho umthombo.
Akusona sodwa isibongo sakwaZuma esihlangene nalabo abangase baqokwe. ISekelamengameli uCyril Ramaphosa uhlobene noMhlonishwa uJeff Radebe njengoba bobabili beganwe emndenini wenjinga yakuleli uMnu uPatrice Motsepe. UMhlonishwa uRadebe neSekelamengameli baganwe nguBridgette noTshepo Motsepe, ngokulandelana. Yize umndeni wakwaMotsepe (ngenxa kaMnu uMotsepe) waziwa kwezamabhizinisi kukhona ukwesaba ukuthi kungakhona ‘abaguqula’ ukukhuluma bakhulume ngokusondelana kwebhizinisi nosopolitiki njengoba kunesikhalo nezinkulumo zokugolombela umbuso (state capture) okunukwa emndenini wakwaZuma nabahlobo bawo.
Bobali uRamaphosa noRadebe banomlando omuhle kuKhongolose. URamaphosa utuswa kakhulu ngokusondelana noMengameli uMandela nokuba ngomunye walabo ababe sekhaleni lokudwetshwa komthethosisekelo. Ngakolunye uhlangothi uRadebe unamava kuHulumeni ngoba usebenze nabo bonke oMengameli kusuka kuMandela, uMbeki noZuma. Nakhona ezinhlakeni ze-ANC ubephambili njengoba eke wahola uphiko obelubheka inqumomgomo.
Ngalaba baholi umthombo uthe: “Lama comrade womabili asifanele noma yisiphi isikhundla enhlanganweni, kepha womabili anezinto nje ezincane engicabanga ukuthi zingaba yinkinga. Okokuqala uComrade uCyril le nto yaseMarikane izoba yinxeba o-EFF abazohlale bengena ngalo. Yize eyisilwane sakomhlola kwezepolitiki kepha uphansi kakhulu ngeke amelane nalezi zingane ezibanga umsindo njalo.” kusho umthombo.
Uqhube wathi: “Ucomrade uJeff uchithe isikhathi esiningi evikela uMsholozi manje kunganengozi yokuthi abantu bamthathe njengomuntu wakhe okuyinto thina esaziyo ukuthi ayilona iqiniso. Okunye usasuka esizindeni sakhe iKwaZulu-Natal, okwaba yiphutha ngoba labo ngamazalankosi kwa-ANC.”
UDkt uMkhize ubukeka enabo ubuchule bokusebenza umshoshaphansi angabangi msindo nokuyinto emenza abe nogazi elekelela nayisigubo sakhe. Wenza okungajwayelekile ngesikhathi kukhona ukuncintisana phakathi kwakhe noMhlonishwa uSibusiso Ndebele. Lapha uMkhize okwabe kusobala ukuthi wesekwa kakhulu walinda kwafika isikhathi sakhe wamnika indawo yakhe uNdebele kwaze kwaba uyaphuma. Ngaleso sikhathi kwakulula ukuthi asithathe ngejozi esikasihlalo kwazise uNdebele wabe esegeje umgodi weseka uMengameli uMbeki embangweni no “mfana wendawo” uMsholozi. Okunye ahlonishwa ngakho uMkhize ukuxhumana kwakhe nezinhlaka zoMkhonto Wesizwe okungathi nxa ekusebenzise kahle kumsebenzele.
Okunye uMkhize okuthiwa uzakhele ugazi ngakho ikakhukukazi oPhikweni Lwentsha kube wukungenelela ngesikhathi lolu phiko lugwiliza ezikweletini ezaziqale ngesikhathi kusaphethe uMnu uJulius Malema owayenguMengameli wentsha nosewaphuma inxiwa waphatha. Lokhu nje kukodwa uma kuliqinso kungenza uMkhize abe nokweseka okukhulu ikakhulukazi uma isifundazwe avela kuso iKwaZulu-Natal naso simeseka.
Okunye akusebenzisayo kulezi zinsuku uMkhize ukuxhumana nabafundi kanye nabafundisi bakwaNgqondonkulu nokuyinto engase imgqamise komunye umkhakha. Ezinhlakeni ze-ANC utuswa njengomuntu owama noZuma waqinisekisa ukuthi phezu kwezingqinamba isifundazwe saKwaZulu-Natal siya ePolokwane naseMangaung sibumbene nokuthi “umfana wendawo” udla umhlanganiso.
Lolu wushicilelo olwaphuma zingama-21 kuMbasa-28 kuMbasa 2016