Now Reading
Imishado yesintu nomkipito akukhulunywe nangakho
Dark Light

Imishado yesintu nomkipito akukhulunywe nangakho

ENGIBHALA ngakho namuhla kuyinto abaningi abesabayo ukukhuluma ngayo. Emphakathini kuseyinto ekhulunyelwa emakhoneni futhi eyihlazo kakhulu indaba yamashende nomasihlalisane kanye nesithembu. Kepha ngizobhala ngazo zombili lezi zinto ngoba ngokwami ukubona kwezinye izikhathi ziyahambisana.

Okokuqala engifisa ukukuveza kabanzi indaba yemishado yesintu, ikakhulukazi uma kufikwa odabeni lokuthathwa kwesithembu, uma ofisa ukuthatha isithembu esevele eshadile ngokomthetho engike ngakhuluma ngawo ngathi iCivil Marriage eyengamelwe ngaphansi kweMarriage Act. Kubaluleke kakhulu ukwazi ukuthi umnumzane osethathe unkosikazi wokuqala wamshada ngohlelo lweCivil Rights akabe esakwazi ukuvumeleka emthethweni ukuba athathe owesibili ngokwesintu. Zimbalwa izindlela zokuthatha unkosikazi wesibili uma usushade ngokwephepha. Kungaba ukuthi nehlukanise noma kwenzeke okuthiwa umshadombumbulu (annulment), noma uma kwenzekile unkosikazi wokuqala wakushiya emhlabeni.

Ngikucacisa lokhu ngoba sekukaningi abesilisa begagula izifiso zabo zokuthatha amanye amakhosikazi kepha bebe beshadile ngokwesilungu noma umshado wephepha. Bazithola behlangabezana nezinkinga zokuthi akwenzeki ngenxa yemibandela yezomthetho yemishado. Uma siphuma odabeni lwesithembu lube selungedlulisela odabeni lwesibili engithe luyahambisana, nokungudaba lwamashende. Abanye bawabiza ngezindlela ezehlukene. Kukhona abathi izinyatsi noma omistress. Lokhu kusho ukuthi ubakhona empilweni yomuntu wesilisa oshadile noma obefisa ukuthatha isithembu okanye oziqonyelwe nje.

La magama mabi kakhulu uma kubizwa ngawo laba besifazane abasuke benobudlelwano nowesilisa oshadile. Kepha kumele namuhla sikhulume ngawo nomthelela kwezomthetho. Isizathu esenza ngithi kubalulekile yingoba lona wesifazane ugcina esehlala nowesilisa oshadile ngesimo sokukipita benze izinto ndawonye njalo njalo. Umbuzo ofike udide kakhulu ngowokuthi kwenzekani uma lona wesilisa eshona besathandana neshende behlala ndawonye benza izinto ndawonye na?

Kubaluleke kakhulu ukukhumbula kwengike ngabhala ngakho kwezamafa. Sakuveza ukuthi kwabashadile ngaphansi komthetho weCivil uma umnumzane wekhaya eshona kuhlungwa noma kucazwa ifa kwehlukaniselwe unkosikazi wakhe nabantwana bakhe bonke. Ngakho-ke lona oseceleni akangeni kwezamafa okusho ukuthi ishende lisuke vele lizifake engcupheni ngokuthandana nomuntu oshadile mhlazane eshona, ngoba mancane amathuba okuthi angafaka isicelo sokuthola impesheni kamufi noma amanye amafa akhe.

Kubalulekile kakhulu ukuba kucace ukuthi eyokuhlala isikhathi eside nomnumzane wakomunye umuzi ngeke kukunike wena shende amalungelo afanayo nobekade ezihlalela isikhathi eside nesinqandamathe sakhe esingashadile noma ngabe umnumzane ubesalifulathele ikhaya lakhe (separation) isikhathi eside kangakanani. Yazi ukuqinisekise ukuthi ngisho kungathiwa umuzi okuhlala kuwo ishende nomnumzane womuzi wawuthengelwa ishende, kepha uma usegameni likamnumzane oshadile kungalilahlekela ishende konke uma sekusongwa amafa kamufi, ngaphandle uma izinto ebenizenza ndawonye zisegameni lakho zonke ngaleyo ndlela azisoze zasuswa kuwena.

Uma ukhumbula ngike ngabhala ngomarriage out of community of property nokungumshado ohlukanisile amafa kusukela ekushadeni kwabashadikazi. Kulo mshado umnumzane wekhaya angakwazi ukushiyela noma ngabe ubani ifa lakhe ngisho ishende imbala kodwa okubalulekile ukuthi ukwazi ukuthi noma ngabe iyiphi iNkantolo iyoqala ngokubhekisisa ukucazwa kwefa kubantwana bakamufi kuqala. Uma ishende lifisa noma liyoyilwa eNkantolo indaba yefa, iNkantolo iyomenza owokugcina umuntu okumele kunakwe udaba lokuthi uyalithola na ifa okanye cha. Enye inkantolo kungenzeka ingamnaki kwakumnaka nje ngenxa yohlobo lobudlelwane obungenasisekelo emthethweni nangenxa yokuhlaziya kabanzi izidingo zabantwana zezikole nezempilo nokuthi sebeseduze kangakanani ukukwazi ukuzinakekela.

Kubalulekile ukuthi wazi ukuthi noma ngabe ishende lithengelwe izipho ezifana nezimoto, unkosikazi nabammeli bakhe bangakwazi ukucela zibuyiswe noma zisegameni leshende uma kunobufakazi benkokhelo evela kumufi ngenxa yokuthi izipho azibalwa njengesondlo, ngakho-ke kunobungozi bokusala ungenalutho noma ngabe izinhloso zikamufi bekungukukuthatha ube ngunkosikazi wesibili.

See Also

Okumele makwaziwe ngabanumzane abafisa ukuthatha isithembu ngukuthi balungise indaba yokuhlakaza umshado wesingisi noma wephepha iCivil Marriage ukuze bashade kabusha amakhosikazi ngokufisa kwabo ukuze noma esehamba emhlabeni kungabikho okhalayo. Okokugcina okubalulekile ngukuthi izingane zonke zikamufi ziyohlezi zikhuselekile emthethweni noma ngabe ezenkosikazi yakhe noma ezeshende, ngenxa yokuthi iNkantolo Enkulu iyona i-Upper Guardian yazo zonke izingane ezingaphansi kweminyaka eli-18 noma engumbhekeleli wazo. Izingane azone lutho emthethweni zikhuselekile.

Masenze izinto ngobuhlakani ma-Afrika!

– U-Advocate Hlengiwe Mkhasibe, ungumsunguli nomqondisi weBM Legal Consultants. Umsebnzi omkhulu ukufundisa ngezomthetho ukuze abantu bathole kalula usizo lwezomthetho; lokhu kuwukuhlomisa nokwakha isizwe. Usebenze kakhulu neziteshi ezisakazela umphakathi. Ugxile kakhulu emthethweni wezemindeni (Family Law), owezakhamuzi (Civil Law) nowezohwebo (Commercial Law). Njengamanje usebenza nommeli wezokubangwa komhlaba (Land Disputes).

Scroll To Top