Iphupho loMntwana ngeMeya entsha yoMkhandlu iZululand



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ijoka elibekwe koqokelwe kwesobuMeya ngelokwenza uphenyo olunzulu ngomsanka wenkohlakalo obikwayo
UMHOLI we-Inkatha Freedom Party engxoxweni nelaboHlanga ukuqinisekisile ukuqokwa kwegama likaMfu uThulasizwe Dominic Buthelezi njengozomela leli qembu njengeMeya esifundeni iZululand. UMfundisi uButhelezi nowazalwa mhla zili-12 kuNhlangulana ngowe-1981 inkaba yakhe iseNquthu. Ukhulele oLundi wafunda amabanga aphansi eMbhasobheni Primary. Wadlulela eLittle Flower Primary naseShowe High School. Ugqame kakhulu kupolitiki ye-IFP ngesikhathi engumfundi eNyuvesi yaseCape Town lapho asungula khona iziko lokuqala lenhlangano yabafundi ezwelana ne-IFP iSADESMO ngowezi-2001.
Ngowezi-2003 waqokwa waba iSekela likaSihlalo we-IFP Youth Brigade. Ngowezi-2005 wakhethwa engqungutheleni yeqembu waba nguSihlalo kaZwelonke we-IFP Youth Brigade. Ngowezi-2006 waqokwa iqembu njengelungu leSishayamthetho. Ubeyilungu leSishayamthetho iminyaka emihlanu. Ngowezi-2008 waqokwa njengeSekela likaMkhulumeli weqembu kuZwelonke. Ngonyaka weze-2011 wangena emkhakheni wamabhizinisi.
Engxoxweni nelaboHlanga uMntwana wakwaPhindangene kalifihlanga iphupho lakhe ngeZululand kanye neMeya entsha. Uthe iphupho lakhe wukuba kuthuthukiswe lesiya sifunda kunqandwe nenkohlakalo okuthiwa idla lubi. “Sekube nemibiko eminingi ngezinsolo zenkohlakalo eZululand. Lokhu akwehli kahle kimi naseqenjini lethu. Ngiyathokoza ukuthi uya lapha nje uMfu uButhelezi kunesinqumo seqembu ngokumele akwenze zisuka nje, lokho wukwenza uphenyo mayelana nalesi zinsolo. Asikwazi ukushanela amabibi kanti futhi angifisi ukuba igama lami neleqembu lilunjaniswe nenkohlakalo,” kusho uShenge.
Ngonyaka owedlule elaboHlanga labika ngezinsolo zenkohlakalo kuloMkhandlu nokwathi lapho zibekwa kulowo owayeyiMeya ngaleso sikhathi wethembisa ukuthi ezinyangeni ezintathu engenile esikhundleni uzokwenza uphenyo olunzulu alwethulele nezwe. Kuze kwafika isikhathi sokuba iqembu limjube ePhalamende likazwelonke umbiko ungaphumanga njengesethembiso.
Ekhuluma ngesimo esabe singehli kahle kuye ngeZululand umholi we-IFP wathi: “Kuyinhlekelele ukuthi isifunda iZululand sisezandleni zethu ngegama nje. Ukungethembeki kwamalungu ethu kwenze iZululand yaba sezandleni zezitha zethu. Manje kumele sitshengise ukuthi sehlukile ngoba ngeke sivume ukuthi inkece noma izikhundla kusehlukanise njengoba kwenzeka kuMasipala iZululand,” kuphetha uMntwana.