Ukubala kuyisisekelo sempumelelo emnothweni



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
NGENKATHI siqala ukufunda izibalo safunda ukubala sithi kunye, kubili, kuthathu, njalonjalo. Akukaze kungagcizelelwa ngokwenele ukubaluleka kwalokhu kubala empilweni yomuntu nasemnothweni uqobo. Awukwazi ukuzigqaja ngomnotho uma ungakwazi ukubala. Ukubala yikho okwenza impumelelo yomuntu.
Abathandi bolimi lwesiZulu bayaye bathi uyoze ubambe utalagu uma bechaza indawo ongenakufinyelela kuyo. Phela uma belinganisa ngotalagu basuke besho into engingayifanisa nendawo okuthi uma ubuka phambili amehlo akho abone lapho kuhlangana khona umhlaba nesibhakabhaka. Lena yindawo engenasiphelo, ongenakuyifica ngisho sewufisa kangakanani ngoba yindawo engabambeki. Uma usondela yona iyahlehla ibalekelane nawe. Ezinye izinto emnothweni kuyaye kuthi uma kukhulunywa ngazo uze ucabange ukuthi yizinto okungafinyeleleki kuzo, kodwa kuyaye kuthi lapho sewuzika ngomqondo nangokuzimisela uthole ukuthi azisilo utalagu obewucabanga ukuthi ziyilo. Enye yalezo zinto ezichazwa njengeziwumgogodla webhizinisi eliphumelelayo yizinga lapho ibhizinisi liqala khona ukwenza imali.
Emhlabeni kunezinto ezithile okufanele uzenzele wena mathupha ongenakwazi ukuthumela omunye umuntu akwenzele. Ukuze into ube nokuyilawula nobunikazi kumele ubambe ichopho elithile elizokwenza ubunikazi nomqondomsuka walokho ube yilokho okwakusemqondweni wakho ngenkathi uyisungula. Mhlawumbe zikhona izinto ezizungeza emqondweni wakho uma ngibeka kanje. Awukwazi ukuphathisa omunye ukwakha umndeni wakho. Kanjalo futhi awukwazi ukuphathisa omunye umuntu ukukubalela umnotho wakho. Kubalulekile ukuthi ube nolwazi lwezibalo ezisezingeni elithile, ezizokusiza uma sewenza izinqumo ezinqala ezimayelana nomnotho oqondene nawe. Akukuhle futhi akuyibeki impilo yomuntu esimweni esihle ukuthathelwa izinqumo zomnotho wakhe ngabanye abantu. Abanye abantu bangakweluleka bagcine ezingeni elithile lapho sekufanele kube nguwe ozilawulelayo eyakho impilo. Noma umuntu esungula ibhizinisi kusuke kunguye onesithombe esithile emqondweni afisa ukusiphelelisa. Uyaye athole izeluleko bese ewubeka phansi umbono wakhe. Ibhizinisi liyibhizinisi ngokwenza imali. Ukuze lime ibhizinisi kumele lenze imali ethile eyedlula ezingeni elithile. Izinqumo zalokhu zilele kumnikazi oyaye athathe izeluleko uma ezidinga. Konke lokho kulele ezibalweni.
Emnothweni sengifunde ukuthi asikho isikhathi lapho ungahlala phansi uthi sewuqedile, konke sekuzozenzekela. Ngasosonke isikhathi umnotho udinga ukondliwa ukuze ukhiphe izithelo eziyizo. Uma ubona izinkampani ezakha amabhilidi amakhulu zisebenza ubusuku nemini kwesinye isikhathi uyaye ubone ukuthi kukhona into ejahiwe lapha. Ungaze ucabange ukuthi bajahe imali nje kuphela kanti futhi bajahe ukufika ezingeni elithile. Uma ubona abantu bengena bededelana ezitolo ezinkulu bethenga ukudla bethenga izimpahla zokugqoka nokunye kuyaye kunike umqondo othi izinto zihamba kahle, uze ucabange ukuthi abanikazi bebhizinisi sebehlezi babukela ibhizinisi labo lenza imali, kanti phinde. Umshikashika womnotho udinga ukujanyelwa ubukwe ngamehlo, kuthi uma amehlo ekunika inkinga uwafake izibuko, kodwa awukwazi ukuhlala nje ubukele izinto zenzeka. Kudinga ubuke izinto ezisondelene nebhizinisi ezehlukahlukene wenze izibalo, bese uba nethemba lokuthi kuhamba kahle konke.
Kuyaye kumangalise ukuthi ufunde ephephandabeni ulalele nasemsakazweni kukhulunywa ngenkampani ethile ukuthi ingase ivale iminyango yokuhweba, kodwa kuso leso sikhathi ubone abantu begcwele bephuma bengena bephethe izimpahla abanye baze bakweletelwe. Kumuntu ongenalo ulwazi olutheni ngomnotho kungamenza agcine engasakholwa yizindaba azizwayo ngoba ithi iminyango ivuliwe kube kuthiwa inkampani ingavala noma nini. Kwesinye isikhathi kuthi sekusondele isikhathi sokuvalwa kwehliswe amanani ukuze kudayiswe impahla ngokushesha ize iphele bese kuyavalwa. Konke lokhu engikhuluma ngakho kuchaza kona ukuthi ukuhamba kahle kwebhizinisi akuchazwa nje kuphela ngobuningi babantu abathengayo noma ukuqeda umsebenzi. Kunesidingo sokwenza izibalo ezizovezela abanikazi bomsebenzi ukuthi ikhona yini imali engenayo ngalomsebenzi. Lezizibalo kumele ziveze ukuthi liqala uma sekusetshenzwe kangakanani lelibhizinisi ukwenza imali engaphezu kwezindleko okungenwe kuzo.
Izinga lapho uqala khona ukwenza imali lifihlekile emehlweni nasemqondweni wabaningi okuthi uma bebona imali eningi bazitshele ukuthi sebenemali. Kwabaningi abasuke beqashiwe besebenza uma besabona abantu bephuma bengena esitolo kuyaye kubatshele ukuthi konke kuhamba kahle. Kuyenzeka ukuthi ibhizinisi lenze imali eyisigidi kodwa libe lingakaqali ukwenza imali. Phela uma ngikhuluma ngokwenza imali ngikhuluma ngemali engaphezulu kwaleyo oyifakile ukuze wenze le mali. Ubaba omncane wayexoxa ngebhizinisi ayelisebenza lamathekisi wachaza wathi ukuthenga ithekisi uthanda ukukufanisa nokuthatha izinkulungwane zemali yakho uyisakaze esikhotheni, bese uqala uyicosha kancane kancane esikhotheni ize yenele kulena oyilahle esikhotheni. Le mali kumele uyicoshe uyiqede yonke ngesikhathi esiklanyiwe ukuze kungaze kuzwele. Uma sewuyicoshile yabuya yonke imali obuyisakazile sewungaqala ukucosha le mali kwezinye izindawo ngoba seliyadlula icala eseyingaphezulu kwaleyo obuyilahle esikhotheni. Lapha ngichaza ukuthi kuyenzeka ukuthi abantu bacabange ukuthi wenza imali enkulu kanti akunjalo.
- UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhumana naye ngezikhathi zonke ku- lindani@mindtunes.co.za