Inxeba lesishiyagalombili nalo likhothiwe


NGEMUVA kokubhuntsha kwemizamo yokususa uMengameli uJacob Zuma ihlandla lesi-8 esikhundleni amaqembu aphikisayo abelithatha njengomnqamulajuqu nesiphakamiso sakamuva somholi weDemocratic Alliance uMnu uMmusi Maimane sokuba kuhlakazwe iPhalamende kuyiwe okhethweni siqubule imvunge ezakhamuzini zakuleli abanye sebefakazela lokhu okushiwo yi-ANC kokuthi iDA ifuna ukudla umbuso isebenzisa izinhlaka zePhalamende.
Ukuhlakazwa kwePhalamende kuqokwe amalungu amasha kuhambisana nezindleko zokulungiselela ukhetho novalo lombhedukazwe wezepolitiki ongaqubuka ezweni ingekho evuma ukugoba uphondo. Ngokwezibalo ezimenyezelwe uSomlomo uBaleka Mbethe, abebefuna uZuma achithwe bathole amavoti ali-177, kwathi abasafuna aqhubeke banqoba ngamavoti abengaphezulu kwe-190. Nokho izibalo zikhulile zalaba abafuna aphume ngoba phambilini bezingadluli emavotini ali-120. Lokhu kudalwe ukuthi kube namalungu kaKhongolose avote namaqembu aphikisayo. ElaboHlanga lixoxisana namalungu omphakathi ezinhlanga ezahlukene ukuzwa uvo lwawo ngale mpicabadala yamaqembu aphikisayo.
UNks uBuhle Ngubane uthe, “Kuiningi osekwenziwe uZuma okwehlise isithunzi sezwe nesakhe. Mina bengingajabula impela uma ephuma esikhundleni. Yebo siyazi ukuthi noma ngabe ubani ozothatha naye uyobanezigemegeme zakhe zokweba imali kodwa kulokhu bekungakuhle uZuma ashenxe.” UNkk uMary Gorman uthe “Akasule esikhundleni ngoba sidinga uMengameli omusha. Ngingajabula uma kungaba uNkk uLindiwe Sisulu ngoba ungumuntu wesifazane futhi ongakaze uzwe okubi ngaye. Uma kungenjalo bangamfaka uRamaphosa ngoba ubukeka eqotho.”
UMnu uRoy Smith uthe “Mina ngokwami ngimbona efanelwe yijele ngoba unenqwaba yamacala asolwa ngawo athinta inkohlakalo. Lokhu angikusho ngoba ngizonda iqembu elibusayo kodwa umuntu engifisa aphume emandleni uZuma hhayi uKhongolose. Ngaphandle kwalokho uma ngibheka kulaba bamaqembu aphikisayo, ngicabanga ukuthi uMnu uJulius Malema onguhloli we-EFF ukahle kakhulu edlala indawo yokuphikisa ngoba uyasisiza ngokudalula inkohlakalo eyenziwa uMengameli uZuma.”
UMnu u-Asanda Nselane uthe, “Akaphume uMengameli ngoba ucebisa yena nomndeni wakhe futhi usekhulume amanga isikhathi eside. Lokhu angikusho ngoba ngizicabangela kodwa siyezwa uma uMalema esedalula izimfihlo noma izinsolo zenkohlakalo ezithinta uMengameli uZuma. Ngikhuluma nje imisebenzi ayikho. Kumanje abantu bangaphandle bazingenela umathanda ngokungemthetho ezweni lethu kanti abanye babo beza nobugebengu obushaqisayo osebudale ukuthi sibe nentsha edla izidakamizwa ezifana newunga.
UNkk uCharmain Smith ubeke kanje, “Cha bekungakuhle aphume ngoba sidinga uMengameli ozoba neqiniso kuthina njengaba voti. Bengingajabula ukubona esuswa kufakwe umuntu wesifazane njengoNkk uLindiwe Sisulu, hhayi uDkt uMaDlamini Zuma ngoba kuzoqhubeka kubuse umndeni wakwaZuma ekubeni abantu behlupheka. Angiboni ukuthi emaqenjini aphikisayo ukhona ongahola izwe. Ubaba uMangosuthu Buthelezi ngikholwa ukuthi usekhule ngokwanele ngibona kuyisikhathi sokuthi athathe umhlalaphansi. UMnu uMalema unobudlova angeke sikwazi ukuholwa nguye. UMnu uMmusi Maimane ukahle ehola iqembu eliphikisayo ngoba siyalidinga iqembu elizoqapha i-ANC ukuthi iwuphethe kanjani uhulumeni. Yingakho ngikubona bonke abantu ngibona kungakuhle sifakelwe uNkk uSisulu noma okungenani uBantu Holomisa,” kusho uNkk uSmith. Yize laba bekhuluma kanje kodwa abantu abayi nganxanye bengemanzi kulolu dasba ngoba kukhona abafisa ngisho ukumfela uZuma, bacasulwa ngisho ukuzwa amagama alabo baholi abafuna uZuma aphume esikhundleni.”
UNksz uNtokozo Shange ubevevezela uma ekhuluma ngalolu daba ngenxa yokucasuka. “Ubani ongcono osefuna ukuphatha izwe ukudlula uZuma. Kumanje izintandane ziphila kahle ngenxa kaZuma. Thina sinezindlu zomxhaso ngenxa yokusebenza kukaZuma ngakho abahlukane noZuma.”
UNksz uHlengiwe Dlamini uthe, “Labo abafuna uZuma aphume bayagula ngoba akekho ongeke ayidle imali uma enganikwa ithuba lokuphatha. Yebo uZuma ubuye ahluphe ngokusolwa ngokudla imali nomndeni wakwaGupta. Kodwa noma eyidla, akasilahlile ngoba nathi uyasipha imali yeqolo. Kumanje le mali inyukile isingama-R380. Khona izindaba zepolitiki asizazi kodwa iyangicasula kabi lento yabantu abafuna kuphume uZuma. Yini kungakhishwa amakhasela lawa asidlela imali anobugebengu. Okokuqala ubani ongaphathwa uMalema ngoba akazihloniphi ufuna kuhlale kuliwa, uyindlavini. Ukuba kuya ngami ngabe kubhekwa umuntu emndenini kaMandela ongaphatha izwe ngoba kubona bonke laba abashiwoyo angibaboni kahle ukuthi bangakwazi ukungerna ezicathulweni zikaZuma. Okungenani umama uMaDlamini Zuma ngingacishe ngivume ngoba ungumuntu wesifazane.”
UNksz uGugu Vezi uthe, “Ngempela kujahweni yini bangamlindi aphume ngowezi-2019. Abahlukane bakithi noZuma ngoba nabo akukho abeza nakho. Ngowezi-2019 yilapho abantu baseNingizimu Afrika beyozisholo bona ukuthi ngabe basamdinga yini uZuma noma cha. Asingaphoqwa ukuba akhishwe ekubeni akhethwa yithi.” UMnu uBuyani Khulu naye imcasula kabi eyalabo abafuna uZuma aphume. “Abamyeke vele kuphele isikhathi sakhe ngoba vele konakele. Yebo angivumelani nokudla kwakhe imali ahlale esolwa ngakho kodwa ubani ongcono ngoba ngisho laba abakukhabhinethi bayalithola intshontsho akuyena yedwa ogangayo,” kusho uKhulu.