Amaqhude ayeqana namuhlanje eLesotho



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
Ukuvulwa kwePhalamende laseLesotho ngomhla zingama-24 kuNhlolanja kubhekwe ngabomvu ngenxa yezinkomba zokuthi kungase kubhebhethekise ukungaboni ngaso linye kwamaqembu ezepolitiki, kuphinde kuqinise umbango ovele ukhona mayelana nendlela okumele izwe liphathwe ngayo. ElaseLesotho laya okhethweni ngonyaka wezi-2015, emveni kokuba kuketulwe uHulumeni owayephethe ngaphambilini. Lolu khetho labanjwa emveni kokuba iSouthern African Development Community (SADC), yathimba onguSekelamengameli waseNingizimu Afrika, uRamaphosa ukuba angenelele ekutholeni ikhambi lokudala uxolo phakathi kwabaholi kuleli lizwe.
IPhalamande livulwa nje, abaholi abathathu bamaqembu ezepolitiki okubalwa uThomas Thabane ohola i-All Basotho Convention (ABC), noThesele Maseribane ohola iBasotho National Party (BNP) kanye noKeketso Rantso ohola iReformed Congress of Lesotho (RCL) baqeda ukubuya ekudingisweni eSouth Africa, emveni kweminyaka emibili bebhace ngapha ngoba bethi izimpilo zabo zisengcupheni. Isizathu abasibeke phambili abathi yiso esenze ukuba babuyele kwelakubo ngukuthi sekufike isikhathi sokubamba iqhaza kwezepolitiki, ngoba akusizi ukuzinza ekudingisweni libe izwe liphethwe ngendluzula yiqembu elibusayo, lihlangene nalabo abalisekayo. Noma lesi sizathu sizwakala kodwa esiwuphenduli umbuzo othi kungani beqoke lesi sikhathi sokubuya, futhi kube sekusele izinsukwana ukuthi iPhalamende livulwe.
Osekuvelile ngukuthi laba baholi ababuya ekudingisweni, baphokophele ukusebenzisa ukuvulwa kwePhalamande ukuphakamisa ukuthi onguNdunankulu, uPakalitha Mosisili, akhishwe esikhundleni. Lesi siphakamiso babona engathi sizophumelela ngoba uNdunankulu kubonakala engasenakho ukwesekwa okugcwele eqenjini lakhe, kanye nalawo ayimbumba nawo. Iqembu elibusayo iDemocratic Congress Party (DCP) eholwa nguMosisili, yiyo eyaphumelela okhethethweni lwezi-2015, kodwa kwadingeka ukuthi ukuze ikwazi ukuba namandla okuthatha izintambo zokuphatha yenze imbumba namanye amaqembu, okungabalwa kuwona lawa amathathu. Kwizihlalo eziyi-120 zamalunga ePhalamende, le mbumba iphethe ezingama-65, okukhombisa ukuthi, angeke kube nzima ukumchitha ngevoti uMosisili, ikakhulukazi njengoba ingxabano isidlangile phakathi kwamalunga ala maqembu ePhalamende. Ukuntenga kobudlelwane kwale mbumba eholwa yiDCP osekwenze ukuthi labaholi abathathu babone ukuthi uma begadla ePhalamende bazokwazi ukumchitha ekubeni uNdunankulu uMosisili. Uma lokhu kwenzeka okaThabane nguye ozibona ezoba nguNdunankulu ngoba kwakunguHulumeni wakhe owaqunjwa phansi ngowezi-2014.
OkaMosisili useshaye phansi ngonyawo wathi akayindawo, uzokwenza konke okusemandleni ukuthi uma la maqembu esifaka lesi siphakamiso, noma ngabe siyasekwa ngamalunga ePhalamende, angeke asihhoye. Le mpikiswano yiyo engadala ukuthi izwe laseLesotho lizithole lisenkingeni engenza ukuthi imizamo esaqhubeka yeSADC yokulungisa ishabalale. Abaseka uNdunankulu uMosisili basolwa ngokuthi abazimisele ukulinda amathonsi abanzi, sebesungule isu lokuthi bagweme ukuphuma ezikhundleni ngale voti. UNdunankulu, izinkomba zithi, uzosebenzisa amandla akhe, ngokomthethosisekelo, ukuthi avale iPhalamende bese kuyiwe okhethweni maduzane noma ngabe isikhathi esinqunyiwe salo hulumeni singakapheli, okuyinto ayaziyo ukuthi amaqembu aphikisayo angeke ayivume. Lokhu kubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwala maqembu kungagcina sekufake neNkosi uLestie III, naye onendima okumele ayidlale ngokomthethosisekelo, ikakhulukazi uma izinxushunxushu zithikameza ukusebenza kukaHulumeni. Noma isiphetho sale ngxabano singaziwa, okusobala ukuthi isimo sezepolitiki eLesotho sisa zoshuba impela emveni kokuvulwa kwePhalamende.
Izenzo zabo bonke laba baholi bamaqembu ezepolitiki eLesotho azehlukile nakancane kweza kwamanye amazwe; bashonisa ilanga ngokubanga izikhundla kepha izakhamuzi zithwele kanzima. Kukhulunywa nje, iziphakamiso ezenziwa yiKhomishana eyayiholwa iJaji uPhumaphi eyamiswa emveni kokhetho lwezi-2015 azikafezeki zonke. Le Khomishana yaphakamisa okuningi okumele kulungiswe eLesotho okubalwa indima okumele ilinywe ubukhosi bendabuko baseLesotho, kanye nokubaluleka kwabo ezweni, kanye nokunciphisa ukugxambukela kwamasotsha kwezokuphathwa kwezwe. Lezi ziphakamiso zeKhomishana zithathwa njengalezo ebezizosiza kakhulu ekulungiseni indlela lelizwe eliphethwe ngayo. Kodwa, ngenxa yabaholi abagijimisa phambili ukuthi ubani okumele aphathe, izincomo ezifana nalezi azishaywa ndiva. Phezu kwalokhu, izakhamuzi zaseLesotho zibhekene nenkahla yobubha, ayantuleka namathuba emisebenzi kanye nokunye. Kunokuba laba baholi babambisane ukuze bathole ikhambi lokuphucula izimpilo zezakhamuzi, kuyadumaza ukuthi baqoma ukukhombana ngeminwe; besungula amasu okubhukuqana ezikhundleni.
Ithimba leSADC eliholwa yiSekelamengameli waseNingizimu Afrika, liya ncomeka igalelo eselilidlalile kusukela ngowezi-2014 ukuzama ukwakha ukuzwana nokuthula eLesotho. Izimo ezifana nalesi saseLesotho vele zidinga ukuthi zilandelwe ngesineke nokucophelela ngoba imizamo yokudala ukubuyisana ikakhulukazi kubaholi abanomlando wokungafunani, kuthatha isikhathi eside. Okunye okumele kugcizelelwe ukuthi sekufike isikhathi sokuthi iziNhlangano ezifana noSADC, zike ziguqule ukwenza kwimisebenzi efana nale yokudala uxolo. Kumele baqale ukuqinisa ubudlelwane nazo zonke izinhlaka ezikhona kumalunga eSADC ukuze kwande amathuba okuthi nazo zingenelele ekutholeni ikhambi ezimweni ezifana nalesi saseLesotho. Sikusho lokhu ngoba isifundazwe se-Afrika eseNingizimu sina mazwe afana neNingizimu Afrika, iLesotho, kanye neSwaziland, lapho ubuholi bendabuko busane qhaza elikhulu ezimpilweni zabantu. Koba kuhle ukuthi iSADC, ikukhulukazi uma ingenelela ezweni elinalo buholi, ike icobelelane nabanye abaholi bendabuko esifundazweni ukuze kubonakale ukuthi kungabanjiswana kanjani kumagalelo okudala ukuthula.
- UMnu uSenzo Ngubane, unguGeneral Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlangano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi i-Afrika.