Now Reading
Inkulumongqangi ithinte ubudlelwano ne-Afrika
Dark Light

Inkulumongqangi ithinte ubudlelwano ne-Afrika

Ethula inkulumo yakhe yokuvula iPhalamande uMengameli uZuma ukuphakamisile ukubaluleka kwezobudlewano namazwe omhlaba, ikakhulukazi awase-Afrika. Noma ngabe le nkulumo ibibhekiswe kubantu baseNingizimu Afrika, sekwaba yinjwayelo, kusukela ngowe-1994, ukuthi onguMengameli waseNingizimu Afrika abeke kwezibhekene nobudlelwano namanye amazwe. Kuleli sonto, sifingqa kancane ngokuphathwe uMengameli okuzohamba phambili onyakeni wezi-2017 kwezobudlelwano namanye amazwe. Enkulumweni yakhe uZuma ukhethe ukubalula ezomnotho, kanye nokuhwebelana njengezinye zezinto ezizohamba phambili. Andulela isiqingatha senkulumo yakhe abekade esibhekise kwezangaphandle, uMengameli uyilande ezimpandeni uma ecaphuna enkulumweni eyenziwa ngowayenguMengameli we-African National Congress (ANC), UMnu u-Oliver Tambo ayethula e-Angola ngowe-1977. UTambo wathi, “sifuna ukuba sihlalisane ngokuthula namazwe esakhelene nawo kanye nabanye abantu emhlabeni wonke ngaphansi kwesimo esikhombisa ukulingana, ukuhloniphana kanye nenzuzo elinganayo”.

Ebhekisa ebudlelwaneni namazwe esifundazwe esiseNingizimu ne-Afrika, uMengameli ugcizelele indima ezoqathwa yiNingizimu Afrika ukwandisa amathuba okuhwebelena. Uphawule ukuthi iNingizimu Afrika izobamba iqhaza ekutheni kufezeke izinhloso zokudlondlobalisa izimboni esifundazweni sonkana. Lokhu iNingizimu Afrika, izokuqala uma isithatha isikhundla sokuba nguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC) ngoNcwaba kuwo lo nyaka. Le ndima kuSADC, inkulumo kaMengameli iphinde yayihlanganisa neqhaza okumele libanjwe yiNingizimu Afrika ekuqhubezeni ubudlelwano phakathi kwamazwe ayingxenye yeSADC okubalwa iLesotho, iNamibia, iBotswana, kanye neSwaziland, ebudlelwanweni bawo neMERCOSUR, okuyinhlangano ehlanganisa amazwe ase-USA eseNingizimu amalunga ayo afaka iBrazil, Argentina, kanye neVenezuela.

Kusukela ngowe-1994, iNingizimu Afrika yamisa ukuthi angeke ipheze ekufakeni isandla ukuze kudaleke ukuthula noxolo ezwenikazi i-Afrika. Ngalokho-ke, ubengeke ayigodle inkulumo yakhe engazange abeke ukuthi leli lizwe lizoqhubeka nokulima indima yalo ekuxhaseni izinhlelo zokuthola uxolo emazweni afana neLesotho, neSouth Sudan, neLibya, neMozambique, neBurundi, neDemocratic Republic of Congo (DRC) kanye neSomalia. Lesi sibophezelo esenziwe nguMengameli, sibalulekile ngoba eminyakeni esidlule, bese zikhona izikhalo zokuthi engathi uHulumeni waseNingizimu Afrika ophethe njengamanje, usuthanda ukuntenga kwezokudala uxolo ezwenikazi, uma uqhathaniswa nalabo bangaphambilini.

La mazwe awabalile uMengameli wonke abhekene nezingqinamba ezingafani, okubalulekile ukuthi iNingizimu Afrika, ikakhulukazi uMnyango obhekene nezangaphandle, ubambisene nezinye izinhlaka zikaHulumeni, ukwazi ukuhlela kahle, ubone ukuthi yimaphi amazwe iNingizimu Afrika ezokwazi ukuthi iqinise kuwona kakhulu ukuzama ukudala uxolo, ngoba angeke yenze sengathi izokwazi ukulungisa kuwo wonke, ngesikhathi esisodwa. Akazange ayishiye ngaphandle eyeWestern Sahara esesematheni emveni kokuba iMorocco ibe yilunga le-African Union (AU). UMengameli uwuveze obala umbono wakhe wokuthi ukungena kweMorocco ku-AU, kwandisa amathuba okuthi kutholakale isisombululo embangweni okhona phakathi kwaleli lizwe kanye nePolisario Front.

Inqubomgomo yezangaphandle yeNingizimu Afrika, isalokhu imile ekutheni iqhubeke nokuqinisa ubudlelwano namazwe aseNyakatho, ibe futhi iphokophelele ukwakha, nokwandisa amathuba obudlelwano namazwe asathuthuka. Inkulumo kaMengameli ikhombisile ukuthi le nqubomgomo ayikazukuguquka nonyaka. Ugcizelele ukuthi ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika neChina, bubaluleke ngendlela eyisimanga, yikho egalele wathi, leli lizwe liyoqhubeka ukuthatha iTaiwan, njengengxenye yeChina. Kwaba khona ukuphikisana ngamazwi emaqenjini ezepolitiki mhlazane oyiMeya yaseTshwane noyilunga leDemocratic Alliance (DA) avakashela eTaiwan, nyakenye. Le ngxenye yenkulumo kaMengameli ibibhekiswe ngqo kuDA. Egcizelela ubudlelwano neChina, le nkulumo iveze nokuthi iNiningizimu Afrika izothekelisa inyama yenkomo engamathani ayizi-20 000 ngonyaka kuze kube yisikhathi esiyiminyaka eli-10. uMengameli uphinde wancoma izinyathelo esezithathwe yiBRICS emveni kokuba kwasungulwa ibhange lokuthuthukisa lale Nhlangano. Kodwa okubonakale ekugcizelela kakhulu uMengameli kube yisinqumo esathathwa yi-BRICS ukusungula inhlangano ezokwenza ucwaningo ngokusebenza kwezomnotho kwamazwe athize, iBRICS-Rating Agency. Kuzokhumbuleka ukuthi enye yezinto ezisakhulunywa yindlela lamaRating Agencies ikakhulukazi lawo azinze eNyakatho, enza ngayo uma ebheka isimo sezomnotho emazweni. Kusazobonakala-ke ukuthi le esisungulwe yiBRICS izoza namuphi umehluko.

Inkulumo kaMengameli iphinde yagcizelela ukubaluleka kobudlelwano namazwe ase-Europe, lapho ephakamise ukudlondlobala ngakwezohwebo neNingizimu Afrika obungaphansi kwesivumelwano esibizwa nge-Economic Partnership Agreements (EPAs). Inkulumo ibeke ukuthi yile EPAs, esivule amathuba okuthi imikhiqizo ebalelwa kumaphesenti angama-96 ephuma ezweni iNingizimu Afrika esiyokwazi ukungena e-Europe ngentengo ephansi, futhi nangaphandle kokukhokha intela. Noma lokhu kuthokozisa, kodwa zisaningana izikhalazo ezingagculisi kwamanye amazwe ase Afrika ngendlela le-EPAs ezoba nemithelela engemihle kwezowhebo.

See Also

Ibingeke inkulumo kaMengameli iphele engazange ayiphathe eyokubaluleka kokuthi iziNhlangano ezikhona okuyizo ezilawula ubudlelwana bamazwe asemhlabeni ezifana no-United Nations (UN) kuguqulwe indlela ezizebenza ngayo. Yisiphakamiso sakudala lesi, esiyingxenye yesivumelwano samazwe ase-Afrika ukuthi, angeke lezi ziNhlangano ezifana no-UN zisalokhu zaphathwa ngendlela ezaziphethwe ngayo mhla zisungulwa eminyakeni eyevile kwengama-50. Njengejwayelo, inkulumo kaMengameli ikha phezulu, sekolindelwa ukuthi mhlazana uNgqongqoshe Wezangaphandle eseyothula inkulumo yesabelomali somnyango wakhe, anabe kulokho okuqalwe nguMengameli.

– UMnu uSenzo Ngubane, unguGeneral Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlangano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi i-Afrika.

Scroll To Top