Umthwalo uzokuba kubakhokhi bentela kulokhu


Aseqalile ukuhlangana amafu ekhonga okukhulu okungase kwehlele ezemfundo nomnotho wakuleli
ISONTO esikulo ligqamise lokho obekulindelwe ngabaningi okuwukungaboni ngasolinye phakathi kwezinhlaka ezintathu kwangqondonkulu. Udaba lapha lunemfundo yamahhala. Okuqaphelekayo wukuthi empeleni zonke izinhlaka ziyavumelana ngezizathu kanjalo nezidingo zalokho nokho ibhixana uma sekumele kuphendulwe umbuzo othi lokhu kuzokwenzeka kanjani. Emuva kwezibhelu zanyakenye nayilapho kwacekelwa khona phansi impahla kwalimala nesikhathi sokufunda, uMnyango WeMfundo Emazingeni Aphakeme oholwa nguMhlonishwa uDkt uBlade Nzimande uqhamuke neKhomishana ezobuka kabanzi lolu daba, iqhamuke nezincomo. Le Khomishana eholwa nguMahluleli uJonathan Heher iqale kahle lapho zonke izinhlaka okubalwa lolo olumele izikhungo i-University Council Chairs Forum (UCCF), uhlaka olumele abafundi iSouth African Union of Students (SAUS) kanye noMnyango bengenankinga.
Nokho lokho sekuyinto yayizolo ngoba abafundi sebedwebe umugqa bafunga bagomela ukuthi sekuyasuka lokho, umlando uzoziphinda. Osekubangwa lapha yizindaba zokuthi ngonyaka ozayo kungase kube khona ukukhuphuka kwemali yokubhalisa nokufunda kwanqondonkulu. Umlilo ubhebhethekiswe yinkulumo yoMnyango Wezezimali othe elakuleli lingaba sobishini nxa kungathiwa imfundo yakwaNqgondonkulu iba bhusende. UMnyango Wezezimali kawunanazanga ekutheni empeleni kayikho imali.
Izincomo kanye nezethulo
Kunesethulo esenziwe nguMnu uMicheal Sachs ulibeke ngembaba elokuthi nxa elakuleli linesifiso sokuba nemfundo yamahhala kumele yamukele ukuthi lokho kungakhinyabeza umnotho wakuleli. “Singakwazi ukukwenza lokhu ngokuthi senyuse intela ekhokhwa yizakhamuzi. Umbuzo uthi ngabe lokho kungaba namthelela muni kumuntu ngamunye nomuzi ngamunye kuleli,” kusho uSacshs. Lesi sethulo besilandela umbono woMkhandlu WeMfundo Ephakeme (Council for Higher Education) wokuthi ngeke umkhakha wezemfundo ukumele ukuba ngonyaka ozayo abafundi bangakhiphi indibilishi noma okufanayo nalokho abebe kukhokha ngonyka owedlule. Lo Mkhandlu uncome ukuba kube nenani elifanayo kuwo wonke umuntu.
Kanti inkulumo esemoyeni yize ingakaqinisekiswa ngethi ngonyaka ozayo imali ezokhokwa ngabafundi ingase yenyukele emaphesentini ayisi-8 nokwenza abafundi bathukuthele bagane umnwabu.
Okhulumela iSAUS uMnu u-Avela Mjabula uthe bazoxoxa nabafundi, wabuye wathi: “Uma sesikwenze konke, izitaladi ziyoba yisixazululo ezinkingeni esinazo.”
Khona lapho uMjabula uthe bakholwa wukuthi umkhakha wamabhizinisi kumele ube yingxenye yesixazululo ngoba yiwo ovuna abafundi nxa sebeneziqu. Ube esekuveza ukuthi inhlabaluhide ezobe ibheke eJohansburg Stock Exchange (JSE) ngenhloso yokuhambisa lo mlayezo kosozimboni nosozimali.
Yize kungaziwa ukuthi iyozala nkomoni nokuthi yiyiphi ezogoba uphondo kubukeka ekugcineni kuzoba ngabakhokhi bentela ababeka inyama ogqokweni. Uma kuwukuthi isimo sizoba njengangonyaka owedlule lapho kubhujiswa khona impahla ngomlilo, ozokhokha loyo monakala kuyoba ngumkhokhi wentela. Kanti uma uHulumeni egoba uphondo eqoma ukuhlangabezana nabafundi, nguye futhi umkhokhi wentela ozokhokha kokunye okungasho ukunyukwa kwayo intela. Kanti okunye okwesabelwayo wukuthi uma lokhu kuthatha isikhathi eside kungasho ukuthi abafundi bangase bazithole bephinda amabanga okungasho inkinga kubazali abakhokhe izimali kanti futhi kungaba yinhlekelele kwezemfundo kuleli nokuyinto engaba nguzozo ongapholi emkhakheni wezemfundo kuleli.
Ephawula ngalolu daba ekuqaleni kwesonto uDkt uBlade Nzimande uthe: “Impicabadala yoMnyango ukubhekelela imizwa yabafundi kodwa futhi kufanele sibheke ukusimama kwezikhungo zethu.” Uthe uyabona ukuthi ungqondonkulu ungaqala ukudiliza noma uvale thaqa ezinye izinhlelo zokufunda. “Ezinye zezikhungo zethu zisesimweni esintengayo nesinobungozi okufanele sikubheke konke lokho.”