Now Reading
Alikho iqoma elalukiwe lokufaka uXaba
Dark Light

Alikho iqoma elalukiwe lokufaka uXaba

Yize ehoshiwe ekubeni ngusopolitiki kubukeka kukukhulu angakwenza ngaphandle kweKhabhinethi nesiShayamthetho

 

KULABO asebenokhakhayi oluqinile kupolitiki bayazi ukuthi kulo mkhakha asikho isikhundla sangunaphakade. Umuntu uyakhethwa namuhla akhishwe ngokuzayo. Ajutshwe ukuba ayokwenza okuthile kuse ngakusasa useyahoshwa kujutshwa omunye. Kanti asebemkantshubomvu futhi bayazi ukuthi umuntu akalahlwa kwapolitiki, ikakhulukazi uma iqembu lakhe noma uHulumeni sebetshale lukhulu kuye ngolwazi. Lokhu sekufakazeke kaningana lapha eNingizimu Afrika ikakhulukazi eqenjini elibusayo nakuHulumeni.

UMnu uJoel Netshitseve ungomunye wabantu abawubufakazi balokhu. Lo mholi nogqondongqondo kwezokuxhumana nenqubomgomo kaHulumeni wabe eyanyaniswa kakhulu nalowo owayenguMengameli wezwe uMnu uThabo Mbeki. Nembala nguye uNetshitseve wayeyinsika kuHulumeni kaMbeki kungekho okwazi ukuchaza isimo sepolitiki yezomnotho nenqubomgomo yakuleli. Kwathi lapho uMbeki equnjwa phansi nguMnu uJacob Zuma ePolokwane ethatha esokuba nguMengameli we-African National Congress (ANC) kwalandela ukuba abe nguMengameli wezwe kwangaba bikho ukungabaza ukuthi uHulumeni kaZuma, i-ANC neNingizimu Afrika ngaleso sikhathi iyabudinga ubuchopho bukaNetshitseve.  Nembala kwaqhutshekwa kwasetshenzwa naye njengoba namanje esaba yingxenye yezinhlaka ezithize zeqembu lakhe kanjalo nomuntu okubuzwa kuye esigabeni sikaHulumeni.

NakwaZulu-Natal emuva kwezinguquko ezinqala kuHulumeni kanye nakulo iqembu elibusayo kubukeka kukhona igama kanjalo nomuntu okumele laba asebesemandleni bazibuze ukuthi bayozuzani ngokuqhela kwakhe noma ukusondela kwakhe kulokho okwenziwayo, kungakhathaleki ukuthi bacabangani ngaye. Loyo muntu nguMhlonishwa uVusumuzi Cyril Xaba osanda kuhoshwa ekubeni nguMphathiswa kuHulumeni waKwaZulu-Natal. UXaba nabanye ozakwabo badliwa yizembe kwaqokwa abanye. Ababili babo okungoMnu uMike Mabuyakhulu kanye noNkk uPeggy Nkonyeni bathi ‘khumu kupolitiki’.  Nokho kubukeka kukhona okwehlukile kuXaba nokungaphoqa ukuthi kube khona abazoba nokhakhayi oluqinile ekubukeni ikusasa lakhe.

Amava kaXaba kwezepolitiki

Ngaphandle kokuthi unomlando omude kupolitiki yentsha kanye nabafundi umlando wakhe unabela nasezinhlakeni zokuletha ukuthula kusuka ngeminyaka ye-1987 phakathi kwe-United Democratic Front kanye neNkatha ngaleso sikhathi. Lolu hlelo lwalubhekelele izindawo ezifana neMpumalanga, kwaNdengezi, kwaMakhutha, eNanda naseMgungundlovu. Eqenjini lakhe ababaningi abanalowo mlando namava okusebenza nabanye abaholi bamanye amaqembu.  Kanti uyaziwa nasezinhlakeni ezifana neNatal Students Congress, iBlack Students Society, iSouth African Students Congress, kanye ne-ANC Youth League.

See Also

Kepha lapho egqame khona kube ngesikhathi eba yilungu elincane kunawo wonke eSishayamthetho saKwaZulu-Natal njengoba angena kusuka ngonyaka we-1996 kwaze kwaba ngowezi-2009.  KuSishayamthetho ubambe izikhundla ezahlukene ezimqoka okubalwa kuzo esikaSihlalo weKomiti leZemisebenzi yoMphakathi, uSihlalo weKomiti lezeZimali, iKomiti lezeZimali kanye neNtuthuko yeZomnotho, uSoswebhu we-ANC kanye noSihlalo weKomiti lezoMthethosisekelo. Usibambile nesikhundla sokuba nguMeluleki kaNdunankulu waKwaZulu-Natal uDkt uZweli Mkhize, wabuye waba nguSihlalo weKwaZulu-Natal Planning Commission neyaqhamuka nosomqulu oyiqhingasu lentuthuko nelizolandelwa nguHulumeni kuze kushaye unyaka wezi-2030.

Izimpendulo eqenjini nakuXaba

Konke lokhu kwenza iqembu lakhe libe nomthwalo wokuphendula umbuzo wokuthi ngabe lolu lwazi olungaka asebelutshale kuXaba bazoluyeka yini luyohlomulisa izinkampani ezizimele njengoba kwenzeka kwezinye izifundazwe lapho abaholi abanamava bengcina sebephelele ezinkampanini ezizimele uHulumeni usale unqunu. Noma bazothatha uXaba njengelungu bamsebenzise ezinhlakeni zikaHulumeni bakhame lonke ulwazi analo ukuze kuzuze iqembu lakhe nabantu baKwaZulu-Natal.  Kepha nakuye uXaba kuyomele aphendule umbuzo omqoka wokuthi nxa ezifaka esilinganisweni uzibona engumholi ngoba enesikhundla yini noma isikhundla siza kamuva okumqoka yiqembu. Lo mbuzo umqoka ngoba abanye abaholi bathi bangasuswa ezikhundleni bese beduba benze lokhu osekuyifeshini kokuthatha umhlalaphansi kupolitiki baye ebhizinisini. Nokho okwamanje kubukeka lingalukiwe iqoma lokufaka uXaba.

Scroll To Top