Now Reading
Isixwayiso uma uthenga imoto esike yasebenza
Dark Light

Isixwayiso uma uthenga imoto esike yasebenza

Ukuthenga imoto entsha kwenza kube lula ukuthemba umdayisi futhi nokuthemba imoto oyithengayo ukuthi ngeke ikuhluphe.

Ukuthenga imoto esike yasebenza akukuniki leli themba ngoba awazi ukuthi le moto ibiphethwe kanjani umnini wayo. Akulula ukubona ukuthi imoto ofuna ukuyithenga ibiphethwe kanjani kodwa ungathola ukusizakala kangcono ekwazini impatho yemoto uma ubheka lokhu:

  • Imoto nemoto ifika nebhuku eligcwaliswa uma iya koseviswa (service book). Uma ulibheka leli bhuku kuyabonakala izikhathi lapho ibiya khona kumakhi wayo. Emva kokuseviswa kuba khona isigxivizo esibekwa kulona leli bhuku sichaza ukuthi ifike nini nokuthi siyaqinisekisa ukuthi ifike kumakhi wayo ngempela. Uma lesi sigxivizo singekho ezikhathini ezibhalwe ebhukwini lokusevisa kusho ukuthi ayenziwanga. Kokunye kubalulekile ukubhekisisa ukuthi lesi sigxivizo esikamakhi wemoto na, njengokuthi uma imoto ingeyakwaBMW, kumele kube isitolo (dealership) sakwaBMW esifaka lesi sigxivizo.
  • Izinkampani ezidayisa imoto zibeka uhlu lwezinkinga uma imoto ifika kubona izolungiswa. Ngisho kuyinto encane, ngokomthetho womakhi wemoto, kumele isitolo siyibhale phansi yonke imininigwane nesizathu sokufika kwale moto. Uma uyibona isidayisa esitolo, thola iVIN (Vehicle Identification Number) ebhalwa esitifiketini sokuba semgwaqeni esinanyathiselwa ewindini lemoto (licence disk). Uma uya kubadayisi bayo nale nombolo, bakwazi ukuthola lonke uhlu lokulungiswa noma lukufika kwayo kubo. Lapho uzobona uma kunenkinga ebijwayele ukufikela yona futhi kubalulekile ukuthi ubone ukufika kwayo maduzane kokuthi idayiswe ngoba kungenzeka ukuthi umnini wayo uyidayise ngoba ebona inkinga enkulu ezayo.
  • Imoto uma izodayiswa kumele uthole isitifiketi sokuba semgwaqeni esibizwa ngeroadworthy certificate. Lesi sitifiketi sikhombisa ukuthi abezoMnyango Wezokuthutha bayihlolile imoto edayiswayo bayithola isesimweni sokuhamba emgwaqeni. Kubalulekile ukuthi lesi sitifiketi usithole imoto ingakalandwa ngumthengi noma ungakayikhokheli ngokugcwele. Uma imoto uzoyithenga ngesikweletu, kubalulekile ukuthi uxhumane nebhange uqinisekise ukuthi konke okuhambisana nalesi sitifiketi kusezingeni abagculisekayo kwabona. Uma ungayithengi ngesikweletu, qinisekisa ukuthi lesi sitifiketi sifika kanye kanye nesitifiketi somnini wemoto (ownership book).
  • Kuvumelekile ukuthi ucele umdayisi ayise imoto endaweni lapho izohlolwa ngobuchwepheshe bokubona ukuthi ayikaze ibe sengozini nokuthi isesimweni esifanelekile. Le ndawo ihlukile kunalapho uthola khona isitifiketi sokuhamba emgwaqeni sabezoMnyango Wezokuthutha, kodwa zona lezi zindawo zinobuchwepheshe obuphezulu kakhulu futhi zithatha isikhathi eside ukuhlola imoto yakho. Zibheka umzimba, ingaphakathi, izinsimbi zokuhamba zonke, amabhuleki kanye nacho konke ukuqinisekisa ukuthi imoto ozoyithenga amathuba mancane okuthi ikunike inkinga.
  • Ukhumbule ukuthi uma uthenga imoto engasenayo iwarranty, kumele wena mthengi ubheke i-extended warranty ezokukhokhelela ukulungiswa kwezinto ezithize emotweni uma ifa.
Scroll To Top