Usinga lukaMdali ludobe ingqalabutho


Inkulumo ethi bayofa abantu kusale izibongo noma lena ethi kuwe umuthi omkhulu ingena ithi khaxa nxashane umuntu elanda ukulimala kukaZulu ngokuguqa kweNkosi endala yesizwe saseMaChunwini
YEBO wonke umuntu ubazi ukuthi insizwa endala iminyaka ibisihambile kuyo ngoba bheka uMvelinqangi ubemubhansele ngeminyaka engama-91 sekusele nje izinsuku ezimbalwa ahlanganise engama-92. Uma kunjalo omunye uyozibuza ukuthi pho uma kuthiwa kayisekho iNkosi endala sililelani lokhu iphumule nje? Yebo la mazwi kungenzeka ukuthi aliqiniso kepha ukuphawula kusuka eNdlunkulu kaZulu, amakhosi ezizwe kanye namalungu omphakathi kukhomba khona ukuthi yize imvelo yenze ngendlela evame ukwenza ngayo iningi belingakakulungeli ukuhamba kweNkosi endala eqale ukuhlala esihlalweni ngonyaka we-1944 ineminyaka engama-21 nje vo.
Emuva kokuzwakala kwezindaba zokudlula kweNkosi uMchunu iBAYEDE ikhulume nabantu abaningi ababeyazi, abasebenze nayo nabathintwe ngukwenza kwayo. UMntwana uNtsika weNdlu yakwaMinya ubabaze isigqi kanye nokwazi kwayo umlando iNkosi yaseMaChunwini: “Sidabuke kakhulu njengabantwana bakwaMinya nxa sizwa lezi zindaba. Lena bekuyinkosi enesigqi, impela ububona ukuthi yinkosi le, ihloniphekile. Mina nje yayingilandisa ngomlandu wokhokho kanye nomkhulu bami. Awu sithi hamba kahle Macingwane. Sikhalela noNgangezwe Lakhe ngokuthi kuwe izinsika zobukhosi,” kuphetha uMntwana obebonakala ukuthi ukhathazekile nasebusweni.
Omunye wamakhosi ezizwe oke wasebenza neNkosi uMchunu, iNkosi uBonga Mdletshe yesizwe saseMdletsheni ibabaze isibindi nobuqotho beNkosi: “Awu ibinesibindi futhi ikwazi ukusibamba isizwe sithule sithi du. Thina nje bekuyinqolobane yethu kusuka ebunganeni bethu namanje njengoba sesigugile nje besingayekile ukunambitha lokho okuyinjula abesiphakela khona esephambi kwethu,” kuphawula uMsindazwe. Uqhubeke wathi: “Enye yezinto ezimqoka ngeNkosi yaMaChunu ebengiyibiza ngobaba ukuzihlonipha kwayo nobekwenza abantu babukele kuyo. Sicela isizwe sihlale njalo sikhumbula inhlonipho yakhe ngoba ngokwenza njalo kuyobe kuluphawu lokuthi angangabibikho phambi kwamehlo ethu kepha ngeke alibaleke. Impela ubengubaba wethu sonke,” kuphetha uMsindazwe.
INkosi uSomkhanda, kwaGumbi, nayo ihambe kuwo amagama enhlonipho nobuhlakani: “Kubaba ongizalayo igama leNkosi uSimakade belingapheli olimini. Lapha besizwa amagalelo akhe. Impela iNkosi uNgangendlovu ezothatha ibe nenhlanhla ukuba ibe seduze nomlando kanye nezimfundiso ezibaluleke kangaka,” kuphetha uSomkhanda
Inyosi yeSILO uMnu uMphatheleni Mncwango ukhale ngokulahleka komlando. INkosi ibinamagalelo amakhulu eNdlunkulu, imisebenzi yakhe ibimihle selokhu abekwa esihlalweni nguMntwana wakwaSokesimbone, uMshiyeni kaDinuzulu, ubhova ogqabula amaketanga. Kanti futhi ubengumeluleki kuso iSILO sakwaKhetha esizala lesi esibusayo. Siyakhala siyisizwe sonke ngoba nathi nje besincela kuye ulwazi nokujula komlando kaZulu” kuphetha uMncwango.
INkosi u-Emmanuel Mkhize waseMpumalanga yena uthe: “Lena bekungenye yamakhosi amadala nahlale isikhathi eside esihlalweni. Ibiyisibonelo esihle kwabadala nabancane. Impela sonke silahlekelwe njengesizwe, ubukhosi kanye nebandla lakhe abelithanda,” kuphetha uKhabazela.
Loyo onguSihlalo weNdlu YabaHoli boMdabu kwaZulu-Natal, iNkosi yesizwe saseMadungeni, uthe: “Ukulila kwethu kusemndenini weNkosi ebiyinqolobane yobukhosi kanye nomuntu obelishoshozela lokuletha ukuthula esizweni. INkosi isilwele futhi nesithunzi sobukhosi kwaze kwaba kusekugcineni,” kuphetha uMdunge.
Esitatimendeni esikhishwe yiHhovisi likaNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMhlonishwa uSenzo Mchunu uthe: “UNdabezitha ubambe elikhulu iqhaza ebuholini bomdabu.” Isitatimende siqhube sathi “Ubuholi bomdabu ngeke busafana ngaphandle kwakhe. Ukuba mdala kwakhe kwenze waba ngumthombo wolwazi nakwamanye amakhosi.”
Kanti esitatimendeni esikhishwe nguloyo onguSihlalo we-Inkatha Freedom Party uMnu uBlessed Gwala ukufakazele lokho obekushiwo ngabanye mayelana negalelo leNkosi uMchunu ekuletheni ukuthula nozinzo. UMhlonishwa uGwala uphinde waveza umlando weNkosi njengelungu elidala kulawo ayekuhulumeni waKwaZulu. Wabalula futhi ngendima yeNkosi endala kwezentuthuko ikakhulukazi uhlelo olwalaziwa ngokuthi yiRand for Rand, lapho uhulumeni ayexhasa khona ngerandi bese kuthi nawo amakhosi abeke elawo ekwakhiweni kwezikole ezindaweni zasemakhaya.”
Nabafundi beloHlanga nabo kube yiso leso sokutusa kanjalo nokufisela okaPhakade okumhlophe. Phakathi kwabafundi ababhongele emswaneni kube nguNks uZanele Buthelezi othe: “Nami egameni lokhokho bami oXhegwana ngithi Jama usebenzile igalelo lakho likhulu esizweni.” Kwathi uMnu uBonginhlahla Mchunu wathi “Qhawe lakwethu siyohlale sikukhumbula njalo ngamagalelo akho.”
Kuleli sonto umndeni waseMaChunwini uzoqala impilo ngaphandle kwethambo lawo. Nokho kubukeka ungeke ube wodwa ohambeni lwawo lokwamukela ukwenza kwemvelo kithi. UZulu wonke ulahlekelwe, uyaheleza umoya ngoba umuthi omkhulu uwile.