Now Reading
Zisabukelwa phansi ezobuciko kuleli
Dark Light

Zisabukelwa phansi ezobuciko kuleli

KULE minyaka eyedlule kubonakale ukukhula kokubaluleka kwemboni yezobuciko emhlabeni jikelele. Iqale yabhekwa njengemboni engaba neqhaza elimqoka nethuluzi lokulekelela ekwandisweni kwamathuba emisebenzi.

KwelaseNgilandi le mboni ikwazi ukuqasha abantu abangaphezu kuka-1.8million kanti ifaka amaphesenti ayisishagalombili emnothweni wakuleliyazwe. Phakathi kweminyaka ka-1997 kuya ku-2002 ikhule ngamaphesenti ayi-6 ekhulwini, ikakhulukazi emadolobheni akhona  njenge-London. Lokhu kukhula ngesivinini kwale mboni kuyabonakala nasemazweni aseMelika ikakhulu emadolobheni i-New York, Chicago, New Orleans ne-Los Angeles.

Lokhu sekwenze kwaba nenkolelo yokuthi le mboni yezobuciko ingaba wusizo ekuqasheni ngokungakhethi kodwa ngokubheka ikhono nolwazi. Amadolobha amaningi ngisho kwelaseYurophu aphansi phezulu afaka izimali kule mboni kanti namaciko asefakwe nasezinhlakeni ezeluleka ukuhlelwa kwentuthuko nomnotho kulawa mazwe. Inkungu seyivulekile kulawa mazwe, abona ukuthi ukuze aphumelele akumele nangengozi ashiye ezobuciko ngaphandle. Ngokomlando kuyaziwa ukuthi amadolobha abelokhu engozibuthe bezingcithabuchopho nosomabhizinisi kanye nezokuvakasha.

Lapha e-Afrika amadolobha afana neTimbuktu (Mali), Cairo (eGibhithe), awaseGhana, Monomotapa (Zimbabwe) ne-Ethiopia aziwa njengezizinda zempucuzeko yokuqala futhi endala emhlabeni wonke jikelele. Ngisho amadolobha afana no-Babel, Sodoma, Babylon, Alexandria, Athena ne-Rome aziwa njengezingqwele kwezolwazi, ubuciko, ezokungcebeleka yize-ke ayengenamusa kwizinto eziphathelene nokuziphatha nobuntu.  Namuhla amadolobha afana no-London, Paris, Berlin, Toronto. Boston no-New York alokhu ebekwe njalo njengamadolobha anamathuba, amandla, nempilo enhle kwezobuciko.

Ezweni lethu i-South Africa namanje ezobuciko zisabukeleka phansi ikakhulukazi emadolobheni aziwa njengamakhulu. Isibonelo nje ukuthi cishe wonke amadolobha amakhulu kuleli awanawo ama-Arts and Culture Policies.

Idolobha laseKapa lona lisenenqubomgomo yesikhashana (draft), ayikho-ke eGoli naseThekwini. Angisaphathi-ke kumadolobha esifundazwe, akukho nelilodwa elinenqubomgomo. Lokhu-ke kube sekushiya umbuzo wokuthi ngabe zenziwa kanjani izinhlelo zezobuciko ungekho umhlahlandlela noma inqubomgomo?

Zibhekelelwa kanjani ezobuciko kuma-IDPs uma ingekho le nqubomgomo? Kubuye kumangaze-ke ukuthi ngisho noMnyango wesiFundazwe wezobuCiko nawo awunayo i-Arts and Culture Policy.

Lokhu kubeka isithombe esingesihle sokuthi imboni yezobuciko ayinakiwe futhi ayithathwa njengemqoka yize izingqwayingqwayi ezifana noMirriam Makeba zayibamba kunzima zaze zazithola zisekudingisweni ngenxa yokulubalubela inkululeko zisebenzisa ubuciko bazo. U-Mirriam Makeba waze wemenywa ukuba ayokhuluma kwiNhlangano Yezizwe (UN) nokuyingqophamlando ukuthi iciko lakwazi ukuyomela leli kule nhlangano ngenkulumo eyashukumisa umhlaba wonke. Kungani pho kwizethulo zezabelo mali ezobuciko zibhanselwa ngenkeshezana bese njalo kukhalwa ngokuthi azikho izimali?

Ngisho nango-2010 sinengqophamlando yeNdebe yeBhola loMhlaba ezobuciko zashaywa ngesithende kwaze kwaba nomsindo ngenxa yokunikwa ithuba elikhulu kwamaciko aphesheya kodwa i-World Cup yenzelwe e-Afrika okokuqala. Ngisho imali ebalelwa ku-R200million okwakuthiwe izosiza ukukhiqizwa kwemidlalo yeshashalazi okwaze kwenziwa nebhukwana lemidlalo leli elalizogalela ngayo ngo-2010 akekho owaziyo yashonaphi, kwagcina kuthiwa kuzokwenziwa uphenyo ngokunyamalala kwayo kwaze kwamiswa nezikhulu ezithile. Nanamhlanje kuthule du!

Ukuba kwakuyimali yomunye umnyango ngabe kwavulwa amakhomishani. Mangaki ama-theatre akhiwa emalokishini nasezindaweni zasemakhaya ngesikhathi se-World Cup 2010? Namanje izinkundla zebhola zama-billion ziyabonakala yize eziningi sezisele dengwane. Awucabange nje ukuba ngesikhathi kwakhiwa lezi zinkundla kwaqikelelwa ukuba ziba nama-Arts Centre kumbe ama-Theatre ,ngabe nanamhlanje zisebenza kahle.

Ngabe e-Clermont kune-theatre e-Sugar Ray Xulu Stadium noma e-King Zwelithini Stadium okuyizinkundla ezavuselelwa kabusha.

Ngubani owaqikelela ngesikhathi kwakhiwa i-Mega City ne-Bridge City ukuthi ezobuciko ziyabhekelelwa? Akukho ngisho ama-cinema kulezi zindawo kodwa kube kwaziwa ukuthi awekho kulama lokishi. Izokhuliswa kanjani pho imboni yamafilimu? Azobukwaphi lamafilimu ngoba u-Ster Kineko no-Nu Metro baqhakambisa okwaseNtshonalanga? Kulama-mall asemalokishini akukho ngisho ama-bookshops kodwa uyawathola ko-Pavilion, Galleria no-Gateway.

Kubi-ke ngoba ezobuciko zethu nazo zibukelwa phansi kuqhakanjiswe ezaseNtshonalanga zibuye zifuhlelwe ngenkani nasesizweni sakithi, zize zabelwe nezigidi emaphalamende. Nokho ngeke ukubone lokhu kumaskandi noma isicathamiya okungezobuciko zokudabuka kweleNgabadi. Kuyihlazo ukuthi akukho lapho umuntu ongu-producer weshashalazi angayakhona ayofuna imali mhlawumbe engu-R10million ukwenza umsebenzi wezobuciko. Namhlanje sincoma amagalelo e-Lion King Musical esifana nesibusiso esikhulu kumaciko akuleli ngokuwanika imisebenzi esiyenza akwazi ukondla imindeni yawo esebenza kwamanye amazwe. Ukwakha le-Lion King kwafakwa u-R100million njengoba isiwumkhiqizo onegama owaziwa umhlaba wonke namuhla.

Sihlulwa yini thina kuleli ukufaka noma u-R40million ukwakha eyodwa nje i-production engenza ukuthi amaciko ethu athole imisebenzi emile njengoba kwenzeka kwi-Lion King?

Kungani singenayo i-musical enkulu yeTheku?

Akekho ongayazi i-Chicago ngenxa ye-musical yayo i-Chicago.

See Also

Akekho ongayazi i-New York ngomdlalo wayo i-New York New York neminye eqhakambisa amadolobha amakhulu.

Namhlanje sikhuluma ngokuthi iTheku lingase lilethe ama-Commonwealth Games kumbe ama-Olympics. Kungabe ezobuciko zizobhekelwa futhi zibekwe eqhulwini kulokhu?

Buka nje ukuthi i-Berlin ithuthuke kanjani emva kokubamba imidlalo ye-World Cup eGermany nokuthi asedume kanjani amadolobha afana no-Beijing, ngokunjalo ne-London emva kokusingatha ama-Olympics.

Kulezi zindawo ezobuciko zaziseqhulwini. Namanje  i-Beijing inama-theatre ongewaqhathanise nalutho kanti namanje ahlale egcwele phama.

Kungani sibukhali ekupheni abantu abedlulayo izimali ezishishiwe besikhohlisa bethi bazokhiqiza imisebenzi yezobuciko kodwa banele banikwe imali banyamalale sesibacole ngo-R5million nangaphezulu?

Abanye bathembisa ukwenza ama-Festival omhlaba sibacole ngo-R25million nangaphezulu kodwa lutho i-Festival? Kwenzeka konke lokhu njalo kunama-Arts Centre anikezwa uzuka yize ekhiqiza imikhiqizo edlula ngisho izikhungo ezifumbathiswa izigidi minyaka yonke.

Ngiyacabanga ukuthi ongqongqoshe bethu iningi labo elingaphuthwa ngama-sopie nama-drama, abanye baze bagxeke abalingisi abangenzi kahle kule midlalo, kusamele babheke ukuthi imalini abayifakayo ukufukula izinga labalingisi bethu ukuze libe sezingeni lo mhlaba.

Imboni yezobuciko iyona kuphela ethumela phesheya umkhiqizo ophelele futhi osezingeni lo mhlaba nofike phesheya uthandwe futhi uklonyeliswe ngezindondo.

  • UMnu Edmund Mhlongo ungumqondisi wezobuciko nomsunguli we-Ekhaya Multi-Arts Centre owenza iziqu zobuDokotela kwezokuPhathwa kwamaBhizinisi e-Paris School of Business.
Scroll To Top