Isidumo ngengane “eyibhantshi”
UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
ALIZWILE ibhungu laseBhukhanana, eMthunzini ngaphansi kweseNkosi uZenzo Zungu, lifuna kubuye ingane yalo okubanjiswe ngayo ibhantshi omunye umlisa
Lokhu kulandela ukwenqaba kukanina wengane enkantolo ukuba kwenziwe ulibo fuzo lwegazi ukuze kutholakale onguyise womntwana phakathi kombanjiswa bhantshi naleli bhungu.
Ngokusho kukaMnu Nkululeko Mthethwa (othi unguyise wangempela wengane) uthi, uNksz Nontobeko (Nonto) Nozipho Mkhize akafuni kwenziwe ulibo fuzo lwegazi ngoba esaba ukuthi lokhu kuzomhlaza bese kuphazamisa izinhlelo zomshado wakhe ngoba isoka lakhe uMnu Mduduzi Ntshangase belazi ukuthi yingane eyalo kanti libanjiswe ibhantshi.
UMnu Mthethwa uthi ufake icala enkantolo ngoba unina wengane yakhe ubeseshaye ungqimphothwe engasafuni kukhulunywe indaba yengane.
“Ngasekuqaleni kukaMasingana, uNontobeko wathi angilinde kuze kudlule umshado ebese siyayilungisa indaba yengane yami kodwa manje useyajika usethi akasafuni siyikhulume le ndaba,’’ kusho uMthethwa.
UMthethwa uthi uzamile nokukhuluma nesoka likaNksz Mkhize, uMnu Mduduzi Ntshangase ukuze kulungiswe lolu daba lwengane. “UMnu Ntshangase wathi kuzomele ngimkhokhele zonke izindleko zakhe ngokungikhulisela ingane akade ezitshela ukuthi ngeyakhe sonke lesi sikhathi.’’
UMthethwa uqhuba uthi baxabane noMnu Ntshangase ngoba ethi kuzomele amkhokhele lezi zindleko ngasese ebesebathatha bobabili, ingane nonina. “Mina ngithe ngifuna ingane yami kuphela nokuthi kungcono konke sikwenze phambi kwenkantolo ukuze kugwemeke ingxabano kusasa. Wathi yena akayingeni indaba yezinkantolo. Ufuna lolu daba silulungise ngasese,’’ kuqhuba uMthethwa.
Le ngane esisuse lo mbango okungacaci ukuthi uyophelela kuphi, yintombazane esineminyaka eyi-11 ubudala. “Ekuqaleni uMnu Ntshangase ubethe ufuna zonke izindleko zakhe zokuyikhulisa bese ngiyithatha nonina wayo ngoba akasafuni lutho oluzomhlanganisa naye emva kokumenza isilima sonke lesi sikhathi emondlisa ingane okungesiyona eyakhe.’’ Uthi ngoMsombuluko esiphuma kuwo bekumele kuyokwenziwa ulibofuzo lwegazi kubona bobathathu abazali kanye nengane kodwa uNksz Mkhize wavele washaya ungqimphothwe enkantolo wathi akasafuni kuqhutshekwe nalo.
Inkantolo ibe seyithi nayo ayinawo amandla okumphoqa uma engasafuni,’’ kubalisa uMthethwa.
Uthi imantshi ebilalele icala ithe kuzomele athole ummeli bese udaba lwakhe elwedlulisela eNkantolo eNkulu nokuyiyona engaphoqa ukuba kwenziwe ulibofuzo lwegazi.
Ebuzwa uMnu Ntshangase ngalolu daba uthe akafuni ukuphawula ngalo ngoba ikhanda lakhe lisaphithene. “Mfowethu umoya wami uhlukumezekile ngalolu daba, angazi nokuthi kumele ngenzenjani. Engingakusho nje wukuthi uMnu Mthethwa uvumelekile ukuthatha noma yisiphi isinyathelo mina ngiyolandela yena,’’ kusho uNtshangase.
UMthethwa uthi badukelena nonina wengane “yakhe” ngo-2003 esakhulelwe. Uthi ngaleso sikhathi uNksz Mkhize wayesebenzela omunye uthisha eNgwelezane emhlanzela indlu. “Lo thisha ayemsebenzela wangibikela ngokukhulelwa kwakhe kodwa ngaqala ngaziba Kuthe ngonyaka odlule sengitshelwa ngabantu abaningi okubalwa nodadewabo ngaqala ukubacinga. Kuthe sesitholene uNonto wavuma konke wathi wayesaba ukungibikela ngengane ngoba wayeseze wayikhomba kuMnu Ntshangase owayeyisoka lakhe elaziwayo ekhaya,’’ kusaqhuba yena uMthethwa.
Uthi uNksz Mkhize wacela ukuba alinde kuze kudlule umshado ebese belungisa udaba lwengane ngoba lolu daba luzomosha izinhlelo zakhe zamalungiselelo omshado wakhe okwakumele ube ngoMasingana.
“Ngithe uma sengibona kudlula isikhathi kuthulekile naye esengijikela engasafuni ikhulunywe le ndaba ngabe sengikhuluma nesoka lakhe, okunguMnu Ntshangase. Ngamtshela konke ngengane yami ngaphinde ngabikela abezenhlalakahle okunguNkk Pretty Nzuza ngaphambi kokwedlulela enkantolo,’’ kuqhuba uMthethwa.
Uthi uzamile nokuxhumana nabazali bakaMnu Ntshangase nabakaNksz Mkhize. “Umama kaNonto wangincenga ethi angibekezele kuze kwedlule umshado ngaphambi kokuba kulungiswe udaba lwengane. Umama kaNtshangase yena wathi babevele beyisola le ndaba yengane ngoba ayifani namuntu ekhaya. Kuthe naye ezama ukungenelela kwathi ayimqede indodana yakhe,’’ kuqhuba uMthethwa.
UMnu Mthethwa uthumelele iBAYEDE isithombe sale ngane ebangwayo. Imizamo yokuthola uNksz Mkhize ayiphumelelanga ngoba uMnu Ntshangase wale waphetha ukukhipha inombolo yakhe yocingo.
UMnu Ntshangase osebenza kwenye yezinkontileka uhlala noNksz Mkhize ehostela laKwaMashu eThekwini kanti uMnu Mthethwa ungusomabhizinisi eNgwelezana.
USonhlalakahle uNkk Nzuza uvumile ukuthi bazama ukusiza uMthethwa ukuba athole ingane yakhe. “Okwamanje udaba lusesenkantolo njengoba inkantolo yaseMpangeni iyalele uMnu Mthethwa ukuba lolu daba alwedlulisele eNkantolo eNkulu nokuyiyona enamandla okuphoqelela uNksz Mkhize ngokwenziwa kolibofuzo lwegazi,’’ kusho uNkk Nzuza. Uphinde wathi uMthethwa naye unelungelo lokubona ingane yakhe.