Now Reading
Akhonjwe afikangayo amagumgedlela asolwa ngokungaziphathi kahle
Dark Light

Akhonjwe afikangayo amagumgedlela asolwa ngokungaziphathi kahle

ISouth African National Defence Force (SANDF) isibuyise ekhaya  amasosha ayisishiyagalombili  abejutshwe eDemocratic Republic of Congo (DRC) kulandela izinsolo zokungaziphathi kahle ngokocansi abebhekene nawo, kusho umbutho ngeSonto. 

Amasosha abeyingxenye yethimba le-UN eligcina ukuthula empumalanga yeCongo, elaziwa ngeMonusco, kanti imithombo iqale yatshela abeReuters mayelana nezinsolo zokuhlukumeza ngesonto eledlule. Esitatimendeni esikhishwe ngeSonto, i-SANDF ithe “kuyishwa” ukuthi iNingizimu Afrika iqale ukuzwa ngalezi zinsolo kwabezindaba, nokuthi akulandelwanga imigudu efanele yokubika.”Ngenxa yobucayi bezinsolo, i-SANDF ithathe isinqumo sokuhoxisa amasosha aseNingizimu Afrika ukuze ayophendula ngalezi zinsolo futhi achaze ngezigameko ezenzeke ngeSonto, Lu-1 kuMfumfu kowezi-2023 eBeni,” kubhalwa isitatimende. 

I-SANDF ithe iphinde yathumela abaphenyi kuzwelonke lapho kujutshwe khona uphenyo ukuze baphendule uma seluphothuliwe lolu hlelo. Umthombo we-UN utshele abeReuters ukuthi lezi zinsolo zithinta izindawo zokudayisa ngomzimba ezakhiwe eduze nezinkambu zamasosha aseNingizimu Afrika. Ngaphansi kohlelo lwamanje, i-UN ingaphenya ubugebengu futhi ithumele abagcini bokuthula emakhaya kodwa ayinawo amandla okushushisa. Ithimba le-UN lokugcina ukuthula eCongo, elasungulwa ekuqaleni phakathi nempi yombango eyaqala ngo-1998-2003, linabasebenzi abangaba yizi-17,000 empumalanga yezwe lapho amasosha ahlukahlukene namaqembu amavukelambuso eqhubeka elwa.

Scroll To Top