Amazwe ahlukene phakathi ngomkhankaso wosizo eHaiti
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMkhandlu Wezokuphepha weUnited Nations uvotele ukugunyaza umkhankaso wokusekela ukuphepha kwezizwe ngezizwe ezweni iHaiti elilawulwa amaqembu ezigelekeqe izinyanga ezili-12. Amazwe ayishumi nantathu avotele ukuvumelana nalo mbhalo ngokungananazi kepha iRussia naseChina baligodla ivoti labo.
Ubuholi bezwe(Haiti) bacela umkhandlu cishe sekuphele unyaka ukuthi kube nombutho wamazwe omhlaba ozokweseka Amaphoyisa Kazwelonke aseHaiti angahlomile ngokwanele ekuqiniseni izwe elibhekene nodlame olungakaze lubonwe kanye nokungabi namthetho, okuhlanganisa ukubulala, udlame locansi kanye nokuthumba ukuze izigilamkhuba zithole imali yesihlengo.
Cishe ingxenye yabantu balelizwe abanakho ukudla. IKenya yathembisa ukuhola umbutho wamaphoyisa omhlaba ngoNtulikazi kodwa ibisalinde igunya loMkhandlu.
Sekuthathe cishe izinyanga ezili-12 ukuthi umbutho wamazwe omhlaba uthole lesi sigunyazo somkhandlu ngemuva kokuba iKenya ithembise amaphoyisa ayi-1000 ngenkathi i-Bahamas, Jamaica kanye ne-Antigua kanye ne-Barbuda nayo izwakalise ukuzimisela ukwandisa umbutho onjalo.
Inxusa laseMelika uJeffrey DeLaurentis uthe, “Kusithathe unyaka owodwa ogcwele ukufika lapho esikhona manje. Kodwa asicacise, umsebenzi wethu usekude nokuphela. Ukugxila kwethu manje kuphendukela ekwenzeni lo msebenzi usebenze futhi uphumelele ekubuyiseleni izimo zokuphepha abantu baseHaiti abazicelele. Umkhankaso we-MSC uzonikeza Amaphoyisa Kazwelonke waseHaiti ukwesekwa okwengeziwe ukuze avikele imigwaqo yaseHaiti, kodwa kuyingxenye eyodwa kuphela yomzamo omkhulu wokubhekana nenkinga yezwe, okuhlanganisa ukungavikeleki kokudla okunamandla, kanye nezinye izinselele zobuntu, ezomnotho nezombusazwe. .”
Amazwe angamalungu kanye nezinhlangano zesifunda zizonikela ngabasebenzi, okokusebenza kanye nezinsiza ezidingekayo zezezimali nezokusebenza.
Inxusa laseChina uZhang Jun uthe, “I-China ibilokhu ithatha indlela ecophelelayo nenesibopho ekuceleni koMkhandlu iSahluko Sesikhombisa Somqulu wokugunyazwa kokusetshenziswa kwamandla. Esikhathini esedlule, kube nezibonelo zokusebenzisa kabi ukugunyazwa kweSahluko Sesikhombisa. Kodwa-ke, ngenxa yesimo samanje sezokuphepha eHaiti kanye nokukhathazeka kanye nezikhalazo zomphakathi wamazwe ngamazwe, ikakhulukazi lawo amazwe e-CARICOM, futhi ngokusekelwe ekuthembeni kwethu emazweni anobungane, i-China ithathe isikhundla esakhayo ekwamukelweni kwalesi sinqumo ngokuvumelana. ngesinqumo esisanda kuvotelwa.”
Inxusa laseRussia uVasily Nebenzia uthe, “Umlando waseHaiti uqukethe ulwazi oluningi lokugxambukela ngokuxhamazela kwamanye amazwe. Yilokho okwabangela ukuwohloka kwabantu baseHaiti osekuphele iminyaka bengakwazi ukukunqoba. Ukugunyaza okunye ukusetshenziswa kwamandla eHaiti ngaphandle kokuqonda okunembayo kwemingcele yalenhloso egunyaziwe, kuwumbono omfishane.”