Now Reading
Ubonga umndeni wakaDladla umpetha waseKZN
Dark Light

Ubonga umndeni wakaDladla umpetha waseKZN

Umpetha omusha weKwaZulu-Natal Junior Bantamweight uNkosingiphile Sibisi, ubonga uNkulunkulu ngomndeni wakaDladla owamthatha wamufukamela engathi uzalwa iwona. 

USibisi uyafana njengentandane njengoba engayazi imfudumalo yokukhuliswa abazali bakhe. 

NgoLwesihlanu olwedlule ushaye isibhakela esinenkosi phakathi, nokumenze wanqoba ngamaphuzu ehlula uNjabulo Buthelezi obengumpetha waleli bhande.

Laba bebelwa ezimpini ebezibanjelwe eCity Hall eMgungundlovu, beziqhathwe iMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi emasontweni edlule ohlabane nendodo ye-Most Inspiring Awards ngaphansi kweBoxing South Africa (BSA). 

USibisi ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga ngawo uLwesihlanu emva kwempi yakhe, ukunqoba kwakhe kuvele kwamuvusela iminjunju yokuba “Intandane”. 

“Ubaba wadlula emhlabeni ngineminyaka ngisemncane kakhulu. Umama, osaphila, wangithatha ngahlala komalume eGlencoe eDundee. Ungisuse lapho wayongihlalisa ezihlotsheni eMnambithi. Nakhona isimo senhlalo asibanga sihle njengoba ngigcine sengifana nomantuntanendishi, ngihambe ngihlala. Ngiyambonga uNkulunkulu ngokungitholela umndeni wakwaDladla ongifukamele kahle kwangathi ngizalwa iwona” kusho uSibisi ongaphansi kweHlu Dladla Boxing Promotions. 

Impi kaSibisi noButhelezi okungomkhaya njengoba bobabili beqhamuka eMnambithi, ibibhulela amazolo impi yokusu ekade iphakathi kampetha webhande likazwelonke uPrince Dlomo noMarcus “King Labamba” Lebogo. 

See Also

Eqhuba uSibisi uthe: “Mina anginanxa nokuhlangana nomama wami, ngokujabulela ukuzwa uhlangothi lwakhe ukuthi kungani wakhetha ukungilahlela kubantu. Angeke ngikufihle ukuthi ungumzali wami. Mhlambe uyongitshela isizathu esiphusile” kusho uSibisi. 

Mayelana nezinhlelo anazo ngesibhakela, uthe uhlela ukulivikela kathathu leli bhande bese ephonsa inselelo kumpetha kazwelonke uJackson Chauke. 

USibisi usengumpetha wesithathu okhiqizwe isitebela seHlula Dladla Promotions neHle-Jobe Promotions. Abanye uGcina Makhoba ongumpetha we-Junior Bantamweight, uBathabile Ziqubu (Bantamweight) noTheo Mhlungu (Mini Flyweight). Bonke baphethe izicoco zeWorld Boxing Foundation.

Scroll To Top