EleNdlovukazi uMthaniya liphokophele esicongweni


UMphathiswa uthi okuyobenza baphumule wukuthola amaphesenti ali-100.
Kunoma yiliphi izwe noma imiphakathi ezemfundo zibukwa njengodondolo. Ucwaningo luveza ukuthi isizwe esinabantu abafundile siyaphumelela kokuningi. ENingizimu Afrika ezemfundo zabe zimqoka emzabalazweni waboHlanga, futhi zimqoka nakubo abacindezeli. Ngokwalabo ababengaba cindezeli imfumdo kwakumele inganikezwa aboHlanga ngoba bangayithola bayokwambulelwa ngokuningi.
Lokhu kwaze kwenza bakha umthetho owaduma ngele Bantu Education , nowabe welusa ukutholakala kwemfundo kwaboHlanga. Lokhu babekwenza nje kwaboHlanga kobelungu imfundo esezingeni yabe ingaswelakele.
Ngenxa yalokhu , namuhla akuyona imfihlo ukuthi aboHlanga basaxhuga uma kufika kwezemfundo. Nokho lokhu kuyalungiswa nguhulumeni oholwa ngaboHlanga nokuyinto egqama ngemiphumela kamatikuletsheni.
Leli phephandaba emuva kokuphuma kwemiphumela kamatikuletsheni libe nengxoxo ekhethekile naloyo ophathiswe ezeMfundo, uMhlonishwa uMbali Fraser eMgungundlovu.
Ukuchachamba kobuso bekufakazela injabulo anayo ngemiphumela yakamuva nebeke isifundazwe iKwaZulu-Natal nesibe ngesithuthuke kakhulu njengoba silale isibili ngama- 83% sedlula leso ebesihlale sishayela phezulu iWestern Cape elale isithathu ngama-82%. Lemi phumela ihumusheka ngokuthi iKwaZulu-Natal iphakame ngama-6.2% kwimiphumela yanyakenye.
“Lona kube ngumsebenzi omuhle nongubufakazi bokuthi uma zonke izinhlaka zibambisene akukho ingqinamba okuyothiwa ngayixazululeki. Lemiphumela emihle ngeyezingane, abazali, othisha, izinyunyana nabo bonke abasemnyangweni abaqinisekisa ukuthi isiko lokufunda liyachuma KwaZulu-Natal,” kusho uMphathiswa.
IKwaZulu Natal inabafundi abaningi kuleli kanti khona lapho ezinye izikole zakheke emakhaya nasezindaweni eziyimigubane. Kunezikole eziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu amabili namashumi amane nanye (6241) abafundi bona bayizigidi ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili (2.8 wezigidi), zeluswa ngothisha abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalolunye (90 000). Kuzikole ezikhona ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu (75) zingezikhethekile ngoba kuzo kunabafundi abaphila nokukhubazeka.
UMphathiswa ugcizelela ukuthi kuhle kunjena nje kepha likhulu ibanga elihanjiwe kuvikwa izinhlekelele nokunye.
“Kuzokhumbuleka ukuthi lezi zingane nothisha bazo bawele izisele eziningi ukuze bafike lapho bekhona namuhla. Beqe ubhubhane lokhuvethe obeludlavaza lungakhethe bani. Nathi nje kwezemfundo jikelele sinezibazi zalo. Kuthe kusenjalo lapha KwaZulu-Natal sahlaselwa yizikhukhula okuyimanje njengesifundazwe sisazikhotha amanxeba. Ingqalasizinda yezemfumdo yathinteka kakhulu, okwaba kubi kakhulu wukuthi njengokhuvethe izikhukhula zahamba nabanye bethu, okungothisha nabafundi”, kuchaza uMphathiswa obumbona ebusweni ukuthi lokhu akwehli kahle kuye.
Utshengise ukukhathazeka okukhulu esexoxa ngengozi yasoPhongolo neyedlula nabantu abangama-20 okubalwa izingane nothisha.
Phezu kwalezi zingqinamba uMphathiswa uFraser uthe umnyango wabhukula noma kuyakhulunywa.
“Ukungenelela kwethu kuhlanganisa ukwakha amakilasi okufundela esikhashana ezikoleni ezikhahlamezekile. Siyaqhubeka nokutholela abafundi ezinye izikole njengoba kudingeke bashintshe izindawo zokuhlala ngenxa yokudilika kwemizi yasemakubo ngenxa yezimvula. Siyalandelela nakulabo bafundi abasaqube ezindaweni zesikhashana senza isiqiniseko sokuthi bayakuthola ukwesekwa.”
Iqhingasu elisebenzile
Engxoweni yakhe uMphathiswa ugcizelele ukuthi impumelelo abanayo akubanga ngumlingo kepha impulelelo lena yaba ngoba belandela iqhingasu – Provincial Academic Improvement Plan nabayiqale ngonyaka owedlule. Uthi lolu hlelo lwahlelenjelwa kahle ukuze lusebenze luvumelane naleyo naleyo ndawo.
“Okunye okuleli qhingasu kwabe kuwukwenza ncono izinga lemiphumela esifundazweni lisuka kuma-76.8% liye e-100%, kusho yena . Okunye akuphindile njengoba akusho mhla kwethulwa imiphumela kube wukutusa umsebenzi omuhle owenziwe nguloyo owayenguMphathiswa walomnyango kwaze kwaba uyathatha, uMnu uMshengu.
“Kobekulesi sihlalo uMhlonishwa uMshengu, siyabonga kakhulu ngokusebenza kwakhe ngokuzikhandla kwaze kwabala,” kusho uMphathiswa uFraser ngemfudumalo.
Ngokwemiphumela uma kukleliswa izifunda kwama kanje
- Ugu luyigcinile indawo yesithathu iminiyaka emithathu ilandelana ngama-87.2%.
- Umkhanyakude wenyuke nge-11% usuka kuma-75.3% ngowe-2021 waya kuma-86.3% ngonyaka odlulele.
- Amajuba athole ama-85.5%
- Umgungundlovu wenyukile usuka kuma ngowezi-76.5% 2021 wafinyelela kuma-84.1% ngowezi-2022
- Ilembe lithole 83.9%
- Zululand ithole 83.7%
- Umlazi District uthole 82.8%
- Harry Gwala District uthole 82.5%
- King Cetshwayo 81.7%
- Pinetown 80.5%
- UThukela District 80%
- Umzinyathi District 79.8%