IMeya inesifiso sokufeza iphupho likaMdlokombane ngeSandlwana



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IMeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi uMnuz uPetros Ngubane, uthi banesifiso sokufeza iphupho leSILO esabuza uMdlokombane. Ngaphambi kokuthi sikhothame iSILO sabe sinesifiso sokuthi kwakhiwe umgwaqo ozosuka eShiyane/Rorke Drift uyophela entabeni yaseSandlwana (Intaba engcwele). Lezi zindawo zigqagqene cishe ngamakholomitha ali-12.
“ISILO sakubalula ukuthi kumele kulungiswe umgwaqo, ozosuka eShiyane uze uyofika entabeni yaseSandlwana kodwa kuze kube imanje lokho akukaze kwenzeka. Impela sinefiso sokuthi ithithukiswe yonke imigwaqo engaphansi kwezindawo ezingenela kwizikhungo eziyimilando ngempi yaseSandlwane okubalwa indawo yaseMsinga naseNquthu” kusho uNgubane.
Ngokusho kukaNgubane uNgqongqoshe weZokuthutha ngaleso sikhathi kwabe kunguMnuz uNzimande osenguNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme, Isayensi Nobuchwepheshe. Ukusho lokhu ngeledlule ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eShiyane/Rorke’s Drift eMsinga, okuyindawo eyaba nomlando ngesikhathi sempi yamaNgisi noZulu eyabe ingonyaka we-1879 mhla zingama-22 kuMasingana.
Nonyaka kuphela iminyaka eli-144 uZulu wanqoba amaNgisi nokuyinto eyabe iqala ukwenzeka. Ngokomlando indawo iShiyane ilapho/Rorke’s Drift, kuthiwa yaba indawo eyasetshenziswa kakhulu kulempi yamaNgisi noZulu.
“Abantu abaningi bazi ngempi nje, eyenzeke entabeni yaseSandlwana. Kodwa iShiyane/Rorke’s Drift iyisiqephu somlando esibalulekile, okudinga ukuthi abantu kakhulukazi intsha itshelwe ngawo. Amasosha amaNgisi ayesebenzisa le ndawo njengesizinda sokubeka izikhali zawo, nokuningi ayekwenzela kuyona njengoba kwabe kunanesibhedlela khona. Okuhle ukuthi ezinye izinto ezabe zikhona emandulo zisabonakala, lokho kungalekellea kakhulu ukuthi izivakashi zibe ningi kule ndawo yakithi” kusho uNgubane.
Uqhube wathi: “Yize le ndawo ingekho kakhulu emehlweni abantu kodwa iphethe umlando wokuthi isavakashelwe abantu abayizinkulungwane ezili-17, abaqhamuka e-Europe kuphela” usho kanje.
Kunendawo engamatshe okuyilapho amaNgisi ayecasha khona, kube nendlu okuyiyo eyayisetshenziswa amaNgisi bese kuba namathuna alabo abasala enkundleni.
UMnuz uThulani Khuzwayo owazi wonke umlando ngendawo iShiyane, ekhuluma nelaboHlanga ubalule ukuthi baningi abantu abangawazi umlando ngalendawo okumele bafundiseke ngayo.
“Akukhona konke okwenzeka eSandlwana kodwa zikhona izindawo okwenzeka khona izinto engibala yona iShiyane, engiwazi wonke umlando wayo. Ngiyafisa abantu abafuna ukwazi umlando beyivakashele le ndawo” kubeka uKhuzwayo.
Uphinde wabalula ukuthi uyafisa ukuba umgwaqo ulungiswe ukuze nezivakashi zingeke zingabaze ukuvakashela le ndawo.