Bahogele igesi ebivuza emayini kwafa amashumi abantu



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ukuvuza kwegesi emayini yamalahle eSiberia kubulale abantu abangama-52 ngoLwesine, kusho izinhlangano zezindaba zaseRussia, okuhlanganisa nabatakuli abayisithupha abathunyelwe ukuyozama ukukhipha inqwaba yamadoda endaweni okwakungenye yezinhlekelele ezimbi kakhulu zezimayini eRussia kusukela ngezikhathi zamaSoviet.
IRegional Investigative Committee ithe abantu abathathu, okuhlanganisa nomqondisi wemayini yeListvyazhnaya nephini lakhe, baboshiwe ngezinsolo zokwephula imithetho yezokuphepha ezimbonini. Lithe abavukuzi bake bahonqa ngesikhathi umgodi wokungenisa umoya ugcwala igesi. Ithelevishini yombuso ithe abashushisi bakholelwa ukuthi kube nokuqhuma kweMethane.
Abashonile bahlanganisa abavukuzi abali-11 osekuqinisekisiwe ukuthi bashonile, abangama-35 okubikwe ukuthi badukile kanye nabatakuli abayisithupha. Inqwaba yabantu balashelwe esibhedlela, okungenani abanye babo behogelwa intuthu. Abane bebesesimweni esibucayi.
Isifunda esikhiqiza amalahle eKemerovo, esibalelwa ezi-3 500 km empumalanga yeMoscow, sesinezingozi ezibulalayo zezimayini iminyaka. Imayini yeListvyazhnaya iyingxenye yeSDS-Holding, ephethwe yiSiberian Business Union eyimfihlo. Umnikazi akabanga namazwana asheshayo.
Abantu ababalelwa ema-285 bebengaphakathi kwemayini ngesikhathi kubhebhetheka intuthu emgodini wokungenisa umoya, kusho uMnyango Wezimo Eziphuthumayo. Iziphathimandla zithe bangu-239 abaphumele obala.
UMongameli Vladimir Putin uthe ukhulume nombusi kanye nezikhulu zezimo eziphuthumayo, kanti iKremlin ithe iyalele ungqongqoshe wezimo eziphuthumayo ukuthi andizele esifundeni ukuze asize. IKemerovo imemezele izinsuku ezintathu zokulila.
Ngowezi-2007, lesi sifunda sasiyindawo yengozi embi kakhulu yezimayini kusukela kwawa iSoviet Union lapho ukuqhuma kwemayini yase-Ulyanovskaya kwathatha ukuphila kwabantu abangaphezu kwe-100. Ngowezi-2010, ukuqhuma kwemayini yaseRaspadskaya yabulala abantu abangaphezu kwama-90.