Liguqile iqhawe lentombi



UKhoza ungungoti kwezomculo wesiNtu abuye abe ngumsunguli weMbuso Khoza Centre…
Kumele ashayelwe ihlombe elinanelwa ngamawa nemihosha ngobuciko abukhombisile kwezomculo lapho esebenzisa iphimbo labasentshona egqizela amasoka ase-Afrika
Izwi elintongoloze njengoklongoklo lokleklekle lwesiphethu samanzi, lathoba lathiba inkani kophumasilwe. Lapha ngikhuluma ngentombi yakoKhongisa eyaziwa ngoSibongile ogcagcele kwaSokhumalo, njengengede isho ngezwi elithaphuka kuhle kwamakha emphefumulweni phakathi kwamagatsha emithi nami ngithi ake ngithabathe usiba ngigcobhoze nginanqeke emqulwini, ngingemshanelo wenono kodwa ngizogiya ngiphindelela ngoba ezingaziyo ziyakuzisho izibongo. Ukuba bekungemlotsholwakazi lona bengizothi ziyohamba izinsizwa kuyosala izibotho zona eziyosala zithengisa ngezwe namatifi nomnotho wethu. Ngahamba ngimncane nokho mhla ngifulathela eleNdlovukazi uMthaniya ngiya kwaNdongaziyaduma ngiyoqala ukuhlakula endimeni yezomculo, kulapho engaqala khona ukubona le ngwazi.
Ekufikeni kwabakhunkuli kulo mhlabathi sephucwa umongo nengqikithi yethu kuhle kwethole likhishwa ebeleni ngenkani lize lijwayele ukutshekula noma litshakadule lingenakho ukuzikhethela nathi singenakho ukuzikhethela sizithole sesifutha amabilo namagilo silingisa izingwazi zasentshona sizama ukucula lawo manoni ayeqanjwe woBeethoven noMozart. Njengamathole nathi singenakuzikhethela ngenxa yemfundo eyahlongoza ukuthi isikompilo lethu liyinto yokufihlwa ichilo uqobo lwalo. Amahubo, izigekle, imiphendu nezigiyo ngisho ukuthundlaza imbala kwaphenduka inganeko.
Kulapho-ke izigi zentombi yamaCenge zezwakala khona esethatha umshanelo esusa amavundululu nothuli olwaluqaqele phezu kwemisebenzi yoMntwana uMagogo. Nokho kwakungakabi semgangathweni ukuthinta ubumqoka bemvelaphi ngalesiya sikhathi ngoba uma ubonakala uvunule wawuba yinhlekisa. Ngisho ukuhuba lokhu kwase kushabalele okwamazolo ebona ilanga. INingizimu Afrika yaqala yangomanye ngegama elithi uMntwana uMagogo kaDinuzulu. Nakwesikabhadakazi ngangingakaze ngiziphuphe ngihuba la mahubo emazweni ahlukene. Kwathi lapho ngisahlala ngaphansi kwebhuloho eGoli endaweni ebizwa ngeNewtown esikhungweni esasibizwa ngeMega Music namuhla sibizwa ngeBassline noma iNewtown Music Factory, ngiyidixa nginjalo ngangiya kulesi sikhungo ngenhloso yokuzixhumanisa nabaculi abavelele. Kulapho-ke amaqaphelo ami noma amacwazima aba nethuba eliyinqaba futhi elingatholwa yinoma wubani lokubona le ngwazi izohlelela ikhonsathi layo. Yayisasebenzisana noMnu uThemba Mkhize ngaleso sikhathi namanye amaqhawe afana noPrince Lingoasa. Akekho umculi engimaziyo ikakhulu kulo mkhakha akuwo osondelene nezidalwa zakhe njengaye. Kunezikhathi lapho owaye aze azincenge phambi kwezihlwele sezifuna ukuziveza ngaye. Uyifakile kimi inkuthalo noma ikhuthaza elangenza nganomdlandla ngomculo woMntwana uMagogo. Eminyakeni engamashumi amathathu bekungongaphansi nongaphezulu kuliwa impi eyayicindezela imiculo. Ubufakazi balokhu wukugqama komculo obizwa ngeChoral okwaba yiwo owashwabadela ukuvelela kwamahubo kwagqama iClassic.
Le nto yashutheka okukhulu ukuzenyeza uma kuza ekuzigqajeni ngomculo wesiNtu. Buka nje namagama afana nokugcagca noma udwendwe agcina eshenxile ngenxa yokuthi isikholwa sethula amagama afana nokushada. Kwaphinde kwaba nemiculo evela emazweni afana nePoland sagcina sesinomubholoho. Ukubholoha-ke ukweboleka umsindo wempimiselo egameni elithi Polka. Umculo onjengamahubo washabalala kanjalo zadakwa izindlebe zethu zejwayela imisindo eminigi lokho kwabanga enkulu indideko ngoba impi eyasinqoba kakhulu kwaba eyomfundo nenkolo. Yingakho kumele uDkt uSibongile Khumalo athole ubhuklaba lwefu lwabantu abangamushayela. Inkunzi yehlombe eliyokwenanelwa ngamawa nemihosha. Ngani na? Wafunda umculo wasentshona maqede wawuvunulisa ngoMntwana uMagogo kaDinuzulu. Waqoka umculo oqukethe injula nokujiya kwethu umculo ophethe isizikithi nenzika yobuthina lapho uthola khona ukushuba nokushwaqa kolimi, lapho osina khona uzibethele ngezilovela zenjulamqondo nenzululwazi yabeNguni. OkaMngoma kuthe besamncoma abezizwe ngenxa yokuthi uqhakambisa umculo wabo wabajikela esiswini njengenjemane walisebenzisa iphimbo labo kodwa wagqizela amasoka ase-Afrika nakhu sesimuzwa ehuba umlolozelo waseNdulo ethi; ‘Okabani na?’ Siphinde simuzwe ethi; ‘Ngiyamazi uZibhebhu ngobaba ongasekho’. Awu ngiphinde ngimthande lapho esethi; ‘Vumani bangoma’.
Bakwethu inkonyane inyathela lapho kunyathele khona unina ngakho sikhulu isidingo sokuba sikhuthaze izingane zethu ikakhulu lezo ezenza izifundo zomculo. Maningi amanembe ezingawakhothuluza maqede zakhele kuwo ukuphumputha izimpande zethu lapho zasala ngakhona. Leli qhawe liyisibonelo esingungqa phambili kithi ngoba izifundiswa zaba nomlando omubi wokuphucuka hhayi ukuthuthuka ngoba izikole iningi lalabo abasendulela bafunda ezikoleni zamaRoma okwakunhloso yazo wukushwabadela amasiko ethu maqede kubuse awabo. Yingakho ngisho ihubo lesizwe lefana nse nomculo wamaWeseli ngenxa yokuthi indlu ensundu yayisifundiswe izagila nezimpukane. Lolu hlobo lokubhalwa komculo luyashayisana nendlela yethu thina beNguni ngoba umbhidi asinaye thina ozositshela ukuthi senzeni, kufike kube nenduna kanye nenhlabi, inkwazi noma ingqambi kodwa bonke laba baholi abanalo ilungelo lokuphazamisa insizwa uma ivukwa wusinga igiya iqhephuza. Kanti umculo wasentshona ubhalwa phansi ungonofelwe ulawulwe ngumbhidi ngalokho okubhalwe phansi ephepheni lokho-ke kuyawubulala umuzwa ngoba uhlala wethuka izanya ngoba iphepha likugadile ngisho ungavukwa ngamadlingozi alikuvumeli ungabizwa ngeqaba uma ungagiya. Ilapho-ke inhlukano ndlela phakathi komculo wethu nowabezizwe ibakhona.
Thina siqamba amahubo ngenxa yesigameko kanye nokusilonda kanti abezizwe babeqamba ngoba bezigqila njengaye uMozart owayedlalela ababusi uma bedla izidlo zakusihlwa njegesigqila thina sihubela ukuphakamisa imimoya yokhokho kuze kunyakaze uQili uQotho iQobo konke okuqotho nokoqobo okwavela futhi ongehlulwa qili emhlabeni nakweliphakade. UDkt uSibongile Khumalo uyisilovela senzululwazi nenjulamqondo nesizikithi sobuthina. Kuze kube yinamuhla akulula ukusukela umculo woMntwana uMagogo kudingeka ukuba ube nomoya wokuhoboloza uphinde ushimbashe inzika uphinde utwapele amafutha enyama yasendulo ethe ne ogqokweni, kanye nomnenke otaxuka emagameni olimi lwesiNguni aqukethe izaqheqhe. Lala uphumule enguneni Khongisa.