Now Reading
Ithimba likaTrump seliyaxhugela kushenxa abameli
Dark Light

Ithimba likaTrump seliyaxhugela kushenxa abameli

OwayenguMengameli wase-United States of America (USA), uMnu uDonald Trump, sekuvele imibiko ethi usehlukane isigubhukane nabameli bakhe ababili abahola ithimba elizomvikela ecaleni lakhe lokwehliswa esikhundleni. Lesi senzo sishiye isu lezomthetho likaTrump liphazamisekile.

UButch Bowers kanye noDeborah Barberi abangabameli baseSouth Carolina abasekho ethimbeni likaTrump ngokusho kombiko othe ukuhlehla kwalaba kube yisivumelwano phakathi kukaTrump nalaba bameli.

Abanye abameli abathathu abakuleli thimba likaTrump, uJosh Howard waseNorth Carolina, uJohnny Gasser noGreg Harris baseSouth Carolina, nabo bashenxile kuleli thimba elizovikela uiTrump, kusho omunye umbiko.  

Kuvela ukuthi uTrump noBowers babe nokungaboni ngasolinye ngendlela yokubhekana naleli cala.

UTrump usaqhubeka nokuzibeka njengesisulu sokukhwatshaniswa kokhetho ngoLwezi nyakenye olwakhipha imiphumela yokuthi kunqobe uMengameli uJoe Biden.

Ukushenxa kwalaba bameli kushiya ithimba lakhe lintengantenga ngenxa yokuthi icala liyaqala zisi-9 kuNhlolanja lapho ebekwa khona icala lokugqugquzela ukugaselwa kwenhlokodolobha yaleli zwe ngabasekeli bakhe.

Okwamanje akucaci ukuthi ngubani ozongena ethimbeni likaTrump kodwa okuvelayo ukuthi ababemmele phambilini uPat Cipollone noPatrick Philbin kulokhu ngeke babe sethimbeni lakhe.  

See Also

“Imizamo yeqembu lamaDemocrats yokubeka icala uMengameli ongasekho esikhundleni ayikho kuMthethosisekelo futhi kuyinto embi ezweni lethu,” kusho umeluleki kaTrump uJason Miller.

“Iqiniso ukuthi abashayimthetho abangama-45 asebevotile bathi lesi senzo asikho kuMthethosisekelo. Sesenze umsebenzi omningi kepha asikaqhamuki nesinqumo sokugcina mayelana nethimba lethu lezomthetho, kepha kungekudala sizosikhipha isinqumo,” kusho uMiller.

OZigele abangama-45 eqembu lamaRepublican bahluleka ukumisa ukuqhubeka kwaleli cala emizamweni yabo yokukhombisa ubumbano lweqembu kodwa lokhu kwakhe isithombe sokuthi uTrump ngeke aboshelwe uthuthuva olwabakhona enhlokodolobha yezwe.

Scroll To Top