Now Reading
Kuhlaselwe kwabulawa abehluleli e-Afghanistan
Dark Light

Kuhlaselwe kwabulawa abehluleli e-Afghanistan

Amadoda angaziwa adubule abehluleli ababili besifazane baseNkantolo Ephakame yase-Afghanistan ngesonto eledlule ngokusho kwamaphoyisa okube ukwanda kokusocongwa kwabantu edolobheni iKabul kanye namanye ngesikhathi lapho uHulumeni nezithunywa zamaTaliban besasezingxoxweni zokuthula eQatar.

Ngokusho kwamaphoyisa, laba behluleli amagama abo angavezwangwa, babulewe kwathi umshayeli wabo walimala kulokhu kuhlasela okwenzeka ekuseni. 

Amaphoyisa aphinde abika ukuthi lolu daba luphenywa ezombutho.

Okhulumela amaTaliban uthe amabutho abo awabandakanyeki kulokhu kuhlasela.  

UMengameli wezwe u-Ashraf Ghani ukhiphe isitatimende egxeka ukuhlaselwa kwezakhamuzi ngamasosha amaTaliban kanye namanye amaqembu ahlomile.  

UGhani esitatimendeni uthe: “Ukwesabisa, ukwethusa kanye nobugebengu akusona isixazululo ezinkingeni ezibhekene naleli zwe.” 

Uphinde wanxusa amaTaliban ukuthi amukele ukumiswa kwempi kwaphakade. Ukuhlasela ezinyangeni ezedlule okubange ukwesaba ikakhulukazi enhlokodolobha iKabul bekubhekiswe kakhulu ezikhulwini zikaHulumeni, izintatheli kanye nezishoshovu.

ITaliban yakuphika kubandakanyeka kwayo kokunye ukuhlaselwa kepha yathi amasosha ayo azoqhubeka nokususa abantu bakuHulumeni abakhulu kodwa hhayi izintatheli kanye namalungu omphakathi ajwayelekile.

See Also

Ukwanda kodlame kuleli zwe sekwenze kwabanzima ukuqhubeka kwezingxoxo zokuthula eziholwa yi-United States of America (USA) eziseDoha njengoba iMelika iqhubeka nokukhipha amabutho ayo kuleli zwe.  

Imithombo esemaqenjini womabili ithi izingxoxo zingase zithi ukuqina uma loyo owanqoba ukhetho lobuMengameli uJoe Biden ethatha isikhundla sobuMengameli bese enza inqubomgomo yakhe yase-Afghanistan yaziwe.

Amabutho ase-USA ase-Afghanistan aseyizi-2 500, okuyisibalo esincane kakhulu kusukela ngonyaka wezi-2001 ngokusho kwePentagon ngesonto eledlule.

Umbuzo osele othi uBiden uzoqhubeka yini ezinyathelweni zikaTrump mayelana nodaba lwase-Afghanistan noma uzokwenza izinguquko ezingasho ukwanda kokuhlaselwa kwabantu kuleliya zwe nokuphela kwezingxoxo zoxolo.

Scroll To Top