Inhloso yesitokofela makube ngephusile


UZibandlela yinyanga okuzobe kucazwa ngayo iningi lezitokofela. Emizini eminingi lizobe likhona ilungu lomndeni ebelidlala isitokofela. Lokhu kusho ukuthi lelo lungu lizobe licaza isitokofela okungaba esokudla, esemali noma kube yilesi esesingenisile nasezindaweni zasemakhaya, okungesotshwala. Kuliqiniso ukuthi aboHlanga kumele bachonywe uphaphe lwegwalagwala uma kukhulunywa ngabantu abasabambelele kulo mkhakha ekuzingeneliseni imali kumbe igilosa ewumthanyana.
Indawo yokudlala izitokofela kuba yilapho kuhlangana khona amalungu athize emiphakathini yethu, isemsebenzini ngisho nasemabandleni amasonto imbala. Lokhu kuchaza ukuthi izitokofela zidlawa ngabantu abazana kangcono.
Okukhathazayo ngezitokofela ukuthi cishe zonke zisagidagida ndawonye, azikhuli uma kukhulunywa ngenhlosongqangi yokuzidlala. Cishe zonke zinomgomo wokwabelana inzuzo emva kwezinyanga eziyi-12.
Isitokofela esidlalwa kuwo lo nyaka esesiwugojela sisadlalwa ngendlela efana ncamashi nalezo ezazidlalwa eminyakeni engamashumi amathathu edlule. Lokhu kwenzeka noma izingqinamba zempilo kanye nezomnotho ziguquguquka minyaka yonke. Iningi labafundi baleli phephandaba loHlanga cishe lizovuma uma kuthiwa akukaze kuzwakale ngesitokofela esidlalwa ngenhloso yokuthenga amasheya ezinkampanini ezikeliswe kuJohannesburg Stock Exhange. Asibonwa nangokhalo isitokofela esiqongelela imali ukuze sithenge izinkomo zenyama ukuze zifuywe kuthi ngomuso sihwebelane nabasemadeleni akwamanye amazwe. Asikezwa ngezitokofela ezinephupho lukuthenga imoto egibilisa izivakashi eziqhamuka kwamanye amazwe zizochitha amaholide ezindaweni zakithi ukuze zenze inzuzo kwezezimali. Asikaze sizwe nangosizwile ethi kunesitokofela esizalisa imali ngenhloso yokwakha izindlu zokuqashisa ngamakamelo okulala kulabo abasebenza ezimbonini ezingomakhelwane.
Iningi lezitokofela, ikakhulukazi ezidlalwa ngomama kuba yilezo zokudla. Zinhle nazo lezi zokudla kodwa inkinga ukuthi azikwazi ukulekelela omama ekutheni bazakhele indlela ezokwazi ukubafakela imali eminyakeni ezayo ngenxa yenzuzo yaleso okuwukudla. Iqiniso ukuthi omama abadlala lesi sitokofela minyaka yonke, baqoqa imali ukuze ekupheleni konyaka bayihambise kubanikazi bezitolo ezithengisa ngokudla. Leso-ke akusiso isixazululo sobubha sangunaphakade. Lolu hlobo lwesitokofela alikwenzi ukuthi ubheke emuva bese uzibonga ngokuthi amaketanga obubha aqaqekile, kunalokho usuke ukwazile ukusuthisa izisu zomndeni ezizophinda zilambe emva kwezinyanga ezine kuqale unyaka omusha.
Lokhu kudla okudlalwayo kugcina sekonakele, inyama nokuyiyona ethandwa kakhulu igcina seyonakala ngenxa yokugqunywa esiqandisini izinsuku ezeqile, idale nezifo. Ofulawa abane kwabayisithupha kumuntu ngamunye bagcina sebenamagaqana amnyama ayizinkomba zokuthi sewuphelelwe yisikhathi uhlezi esakeni. Ayiphathwa-ke uma izitokofela zokudla zidlalwe ngamalungu ahlukene emndenini ekubeni kade engazi, uvele ubone ukuthi sekumele kusungulwe isiphaza lapha ekhaya ngenxa yobuningi begilosa.
Isitokofela semali siyadlalwa omama kanye nabo obaba kwazise imali ayikhethi bulili, iyathandeka kunoma ubani. Nakuba sekwaba nezindlela eziphucuzekile zokufaka imali, okubizwa ‘ngokushaya’, yesitokofela emabhange ukuze igcineke iphephile kuze kube ukuthi imali leyo icazwa ngokuphepha kepha kusayichilo emalungwini ukulandela ezinye zalezi ndlela. Imali uyibona seyindlalwe phansi ecansini kumbe etafuleni elisekhosombeni elikhethekile lasebhange. Lokhu kubanga izingqinamba ngenxa yamalungu esitokofela asakholelwa ekuyiboneni ngamehlo enyama imali lena kunokuba ahlaziye isitatimende esiqinisekisiwe sasebhange. Ukuphatha imali udede kugcina sekulinga amaqola kwazise lokho kulingeka kuphenjwa yibo ubudedengu bokuphatha imali budlabha. Amaqola atholakala esegasela mahlayeni kungazelele muntu esehlome ngezibhamu maqede ashaqe yonke imali ebihlobise icansi. Lesi senzo sokuqola izitokofela sigcina senza omakhelwano banukane ngokuthi ukhona oncinze indlebe abaphangi ngoba bebengeke bavele babhule. Ukuthi kube yitulo langaphakathi lokho sekufana nokukhalela umkhumiso ochithekele odakeni kwazise ibikhona indlela ephucuzekile yokwehlukanisa imali yesitokufela. Ngeke sikuphike ukuthi ikhona naleyo mindeni okuzofana nokuthi bekungekho lungu lomndeni ebelidlala isitokofela kuyo ikakhulukazi lesi semali. Ingani kukhona abadlala maqede imali idliwe nabangani ezindaweni zobumnandi. Labo asebadlebeleka baze babuyele emakhaya emva kokuphela kwemali yesitokofela. Uyozwa esethi ubanjwe inkunzi aze alibale ukuthi ubebonakala ezithombeni ethathe i-selfie emi nabanganimbumbulu kujatshulwe kwazise ‘uJohn’ bekusamele ‘avule igate’ phela kwasuke kwafika ‘isitokwe’ imali yesitokofela yavele yabhubhudleka mawala.
Zingenisile nezitokofela zotshwala. Lolu hlobo luvamise ukudlalwa ngabantu besilisa. Utshwala buba insada. Akukhathalekile ukuthi ingane ayinayo inyufomu njengoba iyoqala esikoleni samabanga aphezulu inqobo nje uma kukhona izinyembezi zikaKhwini ukuze kujatshulwe nomakhelwane kanye nabangani.
Lolu hlobo lwesitokofela luhlupha ngoba lujabulisa labo abadla amanzi amponjwana kuphela, hhayi umndeni wonkana. Amadoda emizi agcina eseqhuba imbuzi ebuyela ekhaya sekukhala isisu. Asuke esezofuna ukudla kwesitokofela sikamama ekubeni imali yayo indoda ibhubhudlwe kwesotshwala.
Njengoba sewugoqwa lo nyaka esikuwo, inselelo iphonselwa intsha yaboHlanga uma sikhuluma ngokufaka isinongo sesimanje esihambisana nesikhathi ekudlalweni kwezitokofela. Intsha kumele ibonakale ingena kuzo izitokofela ukuze ishintshe lo mkhakha uhambisane nesikhathi. Siyayibona ngamehlo engqondo intsha ihlangana inxenxe nabanye ozakwabo ukuthi kushintshwe inhlosongqangi yokudlalwa kwezitokofela. Kungakuhle intsha ifakele izibuko eyokudlala isitokofela ngenhlosongqangi yokuqongelela imali ukuze izithengele amasheya ezinkampanini. Lo mbono ungadayiswa ukuze kuqalwe uhlobo olubukeka lungalekelela ekuthatheni igxathu elibanzi ukuze kwande ukuphucuzeka okuphusile ekudlalweni kwezitokofela ezibukeka zizoba umgogodla ekuzakheleni imali eyisiqalo sebhizinisi.
Okuhle ukuthi amasheya kanye nezitokofela sazalwa kukhona, kusekhona kanti futhi kuyacaca ukuthi siyoze sendele kweliphakade sikushiye kukhona kuze kuphinde kuficwe nayizizukulwane ezizayo. Ingani laba abadlala isitokofela semali, bangagcina sebethenga amasheya ezitolo lapho kuthengwa khona utshwala kanye nokudla kwezitokofela. Lokhu kusho ukuthi kuzoba yintsha yakithi ‘oGabadiya’ ngokuthi isabele kuleli khwelo onyakeni ozayo kuMasingana.