Now Reading
Isenzo sikaTrump singafaka i-USA otakwini lokhuvethe
Dark Light

Isenzo sikaTrump singafaka i-USA otakwini lokhuvethe

Onqobe ukhetho e-USA uMnu uJoe Biden useqoke izisebenzi azongena nazo eWhite House kanti abeluleki bakhe sebemxwayise ngokuthi ukuvimba kukaTrump ushintsho lombuso olusemthethweni kungahle kuphazamise leli lizwe emizamweni yokulwa nokhuvethe.  

UBiden ohola amaDemocrats ulungiselela ukuthatha isikhundla sobumengameli ngoMasingana zingama-20, ehlangana nabaluleki futhi enza uhlelo lwezinhlelo zokulwa nalesi sifo, yize iqhubeka  imizamo kaTrump ohola amaRepublicans yokushintsha imiphumela yokhetho lwale nyanga.

Umphathi womkhankaso kaBiden, uJen O’Malley Dillon, ongowokuqala wesifazane ukuhola umholi wamaDemocrats ukunqob esobumengameli, kuvela ukuthi usezosebenza njengephini lenhloko embusweni kaBiden.  

Abeluleki bakaBiden asebebe naye isikhathi eside uMike Donilon noSteve Ricchetti bazoba abeluleki abakhulu bakaMengameli. UDana Remus, obengummeli omkhulu womkhankaso kaBiden naye uzoba umeluleki kaMengameli. Omunye obengumeluleki kaBiden uRon Klain, yena ubesevele eqokwe njengesikhulu sezisebenzi.  

Owayengusihlalo womkhankaso kazwelonke kaBiden uCedric Richmond, uzosuka esihlalweni sakhe ePhalamende laseLouisiana ukuze ayoba ngumeluleki omkhulu nomqondisi eHhovisi laseWhite House lePublic Engagement.  

URichmond unolwazi olukhulu lokuvala izikhala phakathi kwaamaDemocrats namaRebuplicans, lokho kungasiza uBiden ukuthi  aqhubebele phambili izinto eziseqhulwini kuye ePhalamende lezwe.

Umbuso kaBiden uzobhekana nokugadla kokhuvethe okwesabekayo njengoba selubulele cishe abantu abangaphezu kwa-200 000 kuleli zwe futhi azikho izimpawo zokwehla.

Ukunqaba kukaTrump ukuvuma imiphumela yokhetho kufake isimo sokushintsha kombuso ebumnyameni njengoba imali yoxhaso lukaHulumeni namahhovisi isamile kuze kube uTrump wamukela imiphumela yokhetho.

See Also

Ekhuluma nabezindaba owayengudokotela ohlinzayo omkhulu uVivek Murthy, ongusihlalo weqembu eliqokwe nguBiden ukuthi libhekane nokhuvethe, uthe ukuvinjwa kwabeluleki bakaBiden ukuba bahlangane nezazi zikaHulumeni kungalimaza amandla kaHulumeni kaBiden okubhekana ngqo nokhuvethe ngonyaka ozayo.

Odokotela abaningi nabahlengikazi sebethumele izincwadi benxusa ukuthi uHulumeni kaTrump wabelane ngemininingwane ebucayi yokhuvethe enjengokufakwa kwezinto zokusebenza, ezokwelapha nezikhala zezibhedlela  nethimba likaBiden.

UBiden  akayitholanga imininingwane yezobunhloli okuvame ukuthi inikwe umholi onqobe ukhetho lobumengameli. Kunalokho uhlangane nethimba lakhe lochwepheshe bezokuphepha, kufaka phakathi abangase bathathe izikhundla eziphezulu zenqubomgomo yezangaphandle, njengalowo owayeyiphini likaNobhala Jikelele wezwe, u-Antony Blinken, owayeyiphini likameluleki wezokuphepha kuzwelonke u-Avril Haines kanye naloyo owayeyinxusa leMelika ku-United Nations (UN) uSamantha Power.

Scroll To Top