Now Reading
Lusengcupheni ukhetho lwamakhansela
Dark Light

Lusengcupheni ukhetho lwamakhansela

Ngenxa yokhuvethe nezinkantolo. Emhlabeni ukhetho luhlehle emazweni angaphezu kwama-47

Ukhetho ngenye yezindlela zokubona ukuthi ngabe inqubo yedemokhrasi iyasebenza yini emazweni.

Nonyaka kulindeleke ukuthi amazwe amaningi e-Afrika abe nokhetho lohulumeni kuzwelonke okungomengameli namalungu amaphalamende. 

Kwazoqoka omengameli namalungu ephalamende kungabalwa iBurundi, iCentral African Republic, iCote d’Ivoire, iGhana, iGuninea, iSeychelles, iTanzania, iTogo neNiger kanti iChad, i-Ethopia, iMali, iCameroon, iComoros, i-Egypt, iSomalia , iLiberia neGabon bona bayokhetha izihlalo zephalamende.

UHulumeni Wendawo yiwo osondelene nabantu futhi uwubuso bukaHulumeni kazwelonke nowesifundazwe.  Njalo emva kweminyaka emihlanu uHulumeni Wendawo uba nokhetho nokuyithuba labavoti lokuklomelisa kanjalo nokujezisa lawo maqembu nabantu abasuke bengenele ukhetho. Lolu kuba wukhetho oluhlabahlosile ngoba ngaphandle nje kokuthi kusuke kuvotelwa amaqembu, abantu abasuke bevotelwa bayaziwa emphakathini nokungefani nasezifundazweni nakuzwelonke.

Ngokwenqubo yezwe, iNingizimu Afrika kulindeleke ukuba iye okhethweni loHulumeni Bendawo ngonyaka ozayo nayilapho abavoti bezothola ithuba lokukhetha amakhansela amasha. Nokho izinkomba zithi kungenzeka lokhu kungenzeki ngenxa yomthelela wokhuvethe (COVID-19) kwezempilo nasezinhlakeni zikaHulumeni kuleli nakwamanye amazwe.

Ekhuluma loyo oyiSikhulu Esiphezulu enhlanganweni yokhetho Independent Electoral Commission (IEC), uMnu uSy Mamabolo, uthe ngenxa yokhuvethe baphoqelekile ukuthi bahlehlise ukhetho lokuchibiyela ezindaweni ezingama-37 nokuphambene nomthetho.

Ngokomthetho wokhetho, ukhetho lokuchibiyela kumele lubanjwe emuva kwezinsuku ezingama-90 kuvele isikhala. UMamabolo uthe ukuqinisekisa ukuthi kabaphambani nomthetho, bahambise udaba eNkantolo Yokhetho bakhulekela ukuba ibanike izinsuku ezili-120. Nalapha asikho isiqinisekiso ukuthi izizathu ezihlehlisile okuwukugwema ukusabalala kokhuvethe zizobe seziphelile.

See Also

Akugcini lapho ngoba nezinhlelo zokulungiselela ukhetho lonyaka ozayo nazo ziphazamisekile njengoba uhlaka olubhekelele ukuklanywa kwemingcele, iDermacation Board, lumemezele ukuthi ngenxa yokhuvethe luphoqeleke ukuba luhlehlise izigcawu zokulalela umphakathi mayelana nokuklanywa kwamawadi athile. Lokhu kudala ingcindezi ngoba okwamanje kusalungiswe nje izifundazwe ezi-4 kweziyisi-9 kuleli. Ngokomklamo lo msebenzi kumele uphele ngoLwezi okungabonakali kungahle kwenzeke. Lokhu nakanjani kuzoba nomthelela ekuhlonzweni kosuku lokhetho lwangonyaka ozayo.

Izinqumo zezinkantolo

Khona lapho olunye udaba olumqoka nolusezithebeni zeNkantolo YoMthethosisekelo yilolo oluthinta icala elifakwe yiNew National Movement. Kuleli cala le nhlangano ilwa noMthetho Wokhetho mayelana namalungelo alabo abangenele ukhetho ngokuzimela nokuyinto eyenzeka kakhulu ngokhetho loHulumeni Bendawo. Uma icala 

Scroll To Top